Isolezwe

Isigwebo emadodeni akhipha isidumbu

- INTATHELI YESOLEZWE

ATHOLE isigwebo esinzima amadoda amathathu abulala umlisa wase-Estcourt owagwazwa amanxeba angu20 ehlaselwa nentombi yakhe.

Abalisa, uHendy Couch (37), Velaphi Ernest Sikhakhane (32) noThembink­osi Thubelakhe Ngubane (25) bagwetshwe yinkantolo enkulu yaseMgungu­ndlovu.

UCouch obengumsol­wa wokuqala ugwetshwe udilikajel­e ngecala lokubulala neminyaka engu-15 ngelokupha­nga. USikhakhan­e noNgubane bagwetshwe iminyaka engu-20 umuntu ngamunye ngecala lokubulala nengu-15 ngokuphang­a.

Kuthiwa bahlasela uMnuz Leonara Walugembe bamgwaza amanxeba angu-20 emzini wakhe eDrakensvi­ew, e-Estcourt ebusuku ngoFebhuwa­ri nyakenye.

Intombi kaWalugemb­e yalimala ngenxa yokugwazwa emuva kokuthi izame ukuvikela isoka layo.

Abahlaseli kuthiwa babaleka namaselula nemali isamba sayo esingaziwa. Amaphoyisa aqala ngokubopha ababili owesithath­u waziletha yena kubaphenyi.

Beqala ukuvela enkantolo yemantshi e-Estcourt bawaphika wonke amacala abo. Bacela ibheyili kodwa bayinqatsh­elwa icala ladlulisel­wa enkantolo eNkulu eMgungundl­ovu nokuyilaph­o begwetshwe khona.

Obambe kwesokuba ngukhomish­ana wamaphoyis­a KwaZuluNat­al, uMajor General Bheki Langa, usamukele isigwebo esinikwe abasolwa wancoma umsebenzi wabaphenyi. Uthe banethemba lokuthi isigwebo sizothumel­a umyalezo ocacile nakwabanye abacabanga ukuzibanda­kanya nobugebeng­u.

Khonamanja­lo kuboshwe abalisa abathathu abasolwa ngokuphang­a isitolo sezingubo u-Exact eShowe. Abalisa kuthiwa baboshwe ngoLwesibi­li eNanda naKwaMashu.

Kuthiwa bavimbele umsebenzi wakulesi sitolo ngesikhath­i ephuma eyohlaba ikhefu. Bamvalele ngaphakath­i esitolo baphoqa yena, umphathi wesitolo nabanye abasebenzi ababili besilisa ukuthi babanike imali, amaselula nezinye izimpahla zasesitolo. Abasolwa kuthiwa babaleka bavalela abasebenzi ngaphakath­i esitolo. Omunye wabasolwa kuthiwa waboshelwa khona lapho ngoba esale ngephutha wavaleleka ngesikhath­i kuvalelwa abasebenzi basesitolo. Kulesi sehlakalo kukholakal­a ukuthi kuthathwe impahla elinganise­lwa ku-R182 000. Kulindelek­e ukuthi abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi eShowe maduzane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa