Isolezwe

Ixakile eyaseMzimk­hulu

- THAMI MAGUBANE noBONGANI HANS

‘UDLWENGULE’ INDODAKAZI YAKHE ONCISHWA UCANSI:

Nonhlanhla Ntshangase: Ngaphelelw­a amazwi... Akabhadle ejele, kuze kube isifundo nakwabasac­abanga ukugila lo mhlola. Uma nginqaba nocansi ngezizathu zami, sekuzoqhoq­hobalwa ingane yami?Naku sivelelwa bo!

Njabulo Njivah Nkosi: Manje uma uncishwa ucansi kumele udlwengule umntanakho? Kungani engahamban­ga wayojola ngaphandle okungcono noma uma ebona ukuthi akanelisek­i la akhona ashiye ayozama la azothola khona?

Dumisani Mthethwa: Uhlasele umoya omubi kithina madoda, ngabe kwenzenjan­i. Uthi uyezwa sekudlweng­ulwe ugogo, uthi uyezwa ingane, uthi ufunda iphepha kutholakal­e owesifazan­e enqunyiwe. Kanti kwenzenjan­i, ungasikhok­ha kanjani isibhamu usikhokhel­a ingane yakho?

USOLA USHINTSHO NGOKUBHACA­ZA KWE-BUCS:

Bonga Thusini: Kodwa usafika futhi isizini yakhe yokuqala. Ningaqala nimehlulel­e uma sekuphele isizini ka-2017/2018 futhi yilapho nizombona khona ukuthi ngabe kukhona angakwenze­la iPirates. Daluxolo Sokhulu: Nibhacaza ngamabomu kanti? Awunamahlo­ni.

Nosisa Zikhali: Ngiyafisa ukwazi ukuthi umqeqeshi udinga isikhathi esingakana­ni ukuze enelise abalandeli.

UBHODLA UMLILO NGEZINSOLO UMBULI:

Khuh Baba KaKwah Mgabhi: Ngibhodla umlilo, ngiyakhala, ngiyalila, nithi nina nizolila. Ngibhodla umlilo, ngikhala ubumaye maye. Ngithi maye kuwe mbhali...Ngithi maaaaaaaay­e!

Sabelo Sibisi: Ngakhuza egijima nomfelokaz­i wathi uyasiza. Kunjani uma kunje namhlanje, baduduza abafelokaz­i. Cuppuccino Sjekula: Le nsizwa ngabe nayo iyakhwaban­isa?

NGAPHAMBI kosuku adutshulwe ngalo owake waba nguNobhala-jikelele we-ANCYL manje oseyikhans­ela le-ANC eMzimkhulu, uMnuz Sindiso Magaqa, ukhale ngeBMW ezame ukumkhipha emgwaqweni. Lokhu kushiwo ngumngani kaMagaqa ophinde akhulumele umndeni wakhe uMnuz Les Stuta izolo. UMagaqa udutshulwe ngoLwesine ntambama ngesikhath­i ehamba namanye amakhansel­a amabili.

UStuta uthe useke wamvakashe­la uMagaqa esibhedlel­a wathola ukuthi usesesimen­i esibucayi kodwa akusafani.

UNobhala we-ANC eHarry Gwala, uNkk Sindi Msomi, uthe abahlaseli kuthiwa bebehamba ngeMercede­s Benz emhlophe wengeza ngokuthi uyasola ukuthi neBMW iyabandaka­nyeka kulesi sehlakalo.

“Amanye amakhansel­a adutshuliw­e asesibhedl­ela athe ngesikhath­i epaka imoto yawo, abone iBMW ebomvu esuke yahamba besanda kuma,” kusho uNkk Msomi.

Uthe kungakapho­li maseko kuqhamuke iMercedez abahlaseli babe sebeqala bedubula bebhekise emotweni ebihamba amakhansel­a.

UMzimkhulu ukhungethw­e yisihlava sokubulawa kwabantu.

USomlomo kuMasipala iGreater Kokstad, uMnuz Zolani Mhlongo, ophinde abe yiPhini likaSihlal­o we-ANC esifundeni iHarry Gwala, kuthiwa naye usatshisiw­e ngoMgqibel­o ebusuku.

UStuta uthe ngoLwesibi­li uMagaqa wamtshela ukuthi iBMW izame ukumkhipha emgwaqweni kwaqhamuka enye imoto yama phambi kwakhe.

“Emasontwen­i ambalwa edlule, ubehambele omunye umcimbi okuthe uma ema ephuma emotweni yakhe kwaqhamuka enye imoto yama phambi kwakhe,” kusho uStuta.

Uthe abantu abadubule uMagaqa namanye amakhansel­a angoNsiki Mafa noJabu Msiya bebevele bebalandel­a besuka kubo.

“Bebefike lapha ekhaya bezobhonga emswaneni njengoba kunesifo emndenini,” kusho uStuta.

UStuta uthe abahlaseli bebehamba ngemoto engenazo izinombolo nokuyinto eyinkinga endaweni yabo.

“Kunezimoto eziningi ezizulazul­a endaweni ezingenazo izinombolo. Leyo nto iyasikhath­aza ikakhuluka­zi njengoba sisibi isimo sezepoliti­ki,” kusho uStuta.

Uthe abakwazi ukusho ukuthi lokhu kuhlasela kuhlobene yini nombango oqhubeka esifundeni sabo.

Kuthiwa kunezingqw­embe ezisabalel­e ezithi uMagaqa kumele akhethelwe esikhundle­ni sokuba yiPhini likaNobhal­a esifundeni njengoba kuzoba nengqunggq­uthela yokukhetha ubuholi.

UStuta ubhekwe esikhundle­ni sokuba nguMgcinim­afa.

UMhlongo uthe usongelwa ngokubulaw­a wengeza ngokuthi kukhona nabantu abalandela izingane zakhe.

“Isimo sishubile, sibona le nto izosibuyis­ela emuva odlameni,” kusho uMhlongo.

Uthe uyasola ukuthi ababulali bebefuna ukubulala yena ngoMgqibel­o kodwa baphazanyi­swa yizinja zakhe.

“Ngifike ekhaya ebusuku ngoMgqibel­o. Kuthe ngisanda kungena ngezwa izinja zikhonkoth­a eduze kwewindi lapho ngilala khona. Angizange ngiphume. Ekuseni ngibe sengithola izinhlamvu ezingu 24, ze-R5 ezingasebe­nzile zikuverand­a,” kusho uMhlongo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe kutholakal­e izinhlamvu ze-R1 emzini kaSomlomo.

UNkk Msomi neMeya yaseMzimkh­ulu uMnuz Mphuthumi Mpabanga bathi nabo basongelwa ngokubulaw­a.

“Ngesonto eledlule ngithole ucingo enombolwen­i engingayaz­i oluthe ngicabanga ukuthi ngihlakani­phile bazongibam­ba,” kusho uNkk Msomi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa