Abahlaziyi abayiboni iSACP izimela
I-SACP izama ukufaka ingcindezi kwi-ANC njengoba ithi isinqume ukuba ingenele ukhetho ngokuzimela ngo-2019, ngemuva kokushaya indiva izikhalo zabo kubalwa nesiphakamiso sokuba kukhishwe esikhundleni uMengameli Jacob Zuma.
Lona ngumbono womhlaziyi wezepolitiki ozimele KwaZulu-Natal uMnuz Bukani Mngoma ngesikhathi enengxoxo neSolezwe izolo, ngemuva kokuba amaKhomanisi ememezele ukuthi kungenzeka azimele okhethweni uma izimfuno zawo zingalalelwa.
“Uzokhumbula ukuthi i-SACP ithi kungenzeka ukuba izimele okhethweni. Lokho akusho ukuthi lesi simemezelo singujuqu njengoba ithi futhi isazohambisa umbiko wayo kumadlelandawonye, kusengenzeka ukuthi isiguqule isinqumo sayo,” kusho uMngoma.
UMngoma uthe nayo i-ANC iyaqonda ukuthi u-2019, ubalulekile ngeke ize ivume ukuthi amaKhomanisi aphume azimele okhethweni ngoba iyawadinga.
“Kungenzeka i-ANC izilalele izimfuno zamaKhomanisi njengoba ifuna kwakhiwe kabusha umfelandawonye, kube nezwi elilinganayo kungabi khona omkhulu kunomunye,” kusho uMngoma.
Uthe lesi sinqumo noma ngabe kuthiwa siyaqhubeka ngeke size siyisebenzele i-SACP ngo2019 ngoba ususeduze kakhulu.
Omunye umhlaziyi wezepolitiki uSolwazi Bheki Mngomezulu naye uthe akaboni i-SACP iphuma kumfelandawonye.
“Nango-2007, i-SACP yamemezela ukuthi isizongenela ukhetho ngokuzimela kodwa lokho kwagcina kungenzekanga, ngicabanga ukuthi abaholi be-SACP basadiniwe nje, umbuzo okhona ukuthi uma kwenzeka ukudinwa kwabo kuphela ngaphambi kuka-2019, kuzokwenzakalani,” kusho uMngomezulu.
Uthe kwakuwona amanye amalungu e-SACP engqungqutheleni bekunongabazane ngalesi sinqumo.
Uthe uma kugcina kwenzekile i-SACP yazimela okhethweni lokho kuzoba nomthelela omubi kwiANC.
UMngomezulu, uthe akaboni i-SACP ingakwazi ukuzimela kahle okhethweni ngenxa yezinombolo zamalungu ayo. Njengamanje kuthiwa inamalungu angaphezu kwancane kwangu- 250 000.
Ngakolunye uhlangothi, uNobhala-Jikelele we-SACP uDkt Blade Nzimande ushaya phansi ngonyawo uthi izibalo zamalungu abo zibanika ithemba lokuthi sebengakwazi ukuzimela.
UNzimande uthe bukhula mihla namalanga ubulungu be-SACP.
Uthe iyodwa into abayibanga ne-ANC ukuthi ayifuni ukukhipha esikhundleni uZuma abamsola ngokunikela ngeNingizimu Afrika kumndeni wakwaGupta.
Ngempelasonto kuvele izindaba ezithi kuhlongozwa ukwakhiwa kombutho omusha ozophikisana ne-ANC ozoholwa iPhini likaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa uma kwenzeka ehlulwa engqungqutheleni kaDisemba. Lo mbutho kuthiwa uzobunjwa i-SACP, abalandeli bakaRamaphosa, omakadebona ne-ANC nezinhlangano zomphakathi esezizwakalise kaningi ukungenami kwazo ngobuholi bukaZuma.