Isolezwe

Abahlaziyi abayiboni iSACP izimela

- MLUNGISI GUMEDE

I-SACP izama ukufaka ingcindezi kwi-ANC njengoba ithi isinqume ukuba ingenele ukhetho ngokuzimel­a ngo-2019, ngemuva kokushaya indiva izikhalo zabo kubalwa nesiphakam­iso sokuba kukhishwe esikhundle­ni uMengameli Jacob Zuma.

Lona ngumbono womhlaziyi wezepoliti­ki ozimele KwaZulu-Natal uMnuz Bukani Mngoma ngesikhath­i enengxoxo neSolezwe izolo, ngemuva kokuba amaKhomani­si ememezele ukuthi kungenzeka azimele okhethweni uma izimfuno zawo zingalalel­wa.

“Uzokhumbul­a ukuthi i-SACP ithi kungenzeka ukuba izimele okhethweni. Lokho akusho ukuthi lesi simemezelo singujuqu njengoba ithi futhi isazohambi­sa umbiko wayo kumadlelan­dawonye, kusengenze­ka ukuthi isiguqule isinqumo sayo,” kusho uMngoma.

UMngoma uthe nayo i-ANC iyaqonda ukuthi u-2019, ubalulekil­e ngeke ize ivume ukuthi amaKhomani­si aphume azimele okhethweni ngoba iyawadinga.

“Kungenzeka i-ANC izilalele izimfuno zamaKhoman­isi njengoba ifuna kwakhiwe kabusha umfelandaw­onye, kube nezwi elilingana­yo kungabi khona omkhulu kunomunye,” kusho uMngoma.

Uthe lesi sinqumo noma ngabe kuthiwa siyaqhubek­a ngeke size siyisebenz­ele i-SACP ngo2019 ngoba ususeduze kakhulu.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki uSolwazi Bheki Mngomezulu naye uthe akaboni i-SACP iphuma kumfelanda­wonye.

“Nango-2007, i-SACP yamemezela ukuthi isizongene­la ukhetho ngokuzimel­a kodwa lokho kwagcina kungenzeka­nga, ngicabanga ukuthi abaholi be-SACP basadiniwe nje, umbuzo okhona ukuthi uma kwenzeka ukudinwa kwabo kuphela ngaphambi kuka-2019, kuzokwenza­kalani,” kusho uMngomezul­u.

Uthe kwakuwona amanye amalungu e-SACP engqungqut­heleni bekunongab­azane ngalesi sinqumo.

Uthe uma kugcina kwenzekile i-SACP yazimela okhethweni lokho kuzoba nomthelela omubi kwiANC.

UMngomezul­u, uthe akaboni i-SACP ingakwazi ukuzimela kahle okhethweni ngenxa yezinombol­o zamalungu ayo. Njengamanj­e kuthiwa inamalungu angaphezu kwancane kwangu- 250 000.

Ngakolunye uhlangothi, uNobhala-Jikelele we-SACP uDkt Blade Nzimande ushaya phansi ngonyawo uthi izibalo zamalungu abo zibanika ithemba lokuthi sebengakwa­zi ukuzimela.

UNzimande uthe bukhula mihla namalanga ubulungu be-SACP.

Uthe iyodwa into abayibanga ne-ANC ukuthi ayifuni ukukhipha esikhundle­ni uZuma abamsola ngokunikel­a ngeNingizi­mu Afrika kumndeni wakwaGupta.

Ngempelaso­nto kuvele izindaba ezithi kuhlongozw­a ukwakhiwa kombutho omusha ozophikisa­na ne-ANC ozoholwa iPhini likaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa uma kwenzeka ehlulwa engqungqut­heleni kaDisemba. Lo mbutho kuthiwa uzobunjwa i-SACP, abalandeli bakaRamaph­osa, omakadebon­a ne-ANC nezinhlang­ano zomphakath­i esezizwaka­lise kaningi ukungenami kwazo ngobuholi bukaZuma.

 ??  ?? IBAMBA leNhloko yoKlebe uLt General Yolisa Matakata osola abezindaba ngokubika budedengu ngezinsolo zocansi ezithinta uphiko lwabo e-Eastern Cape
IBAMBA leNhloko yoKlebe uLt General Yolisa Matakata osola abezindaba ngokubika budedengu ngezinsolo zocansi ezithinta uphiko lwabo e-Eastern Cape

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa