UButhelezi uvikela imeya yaseNdumeni
UMENGAMELI we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi uvikela iMeya yaseNdumeni uMnuz Sboniso Mbatha engaphansi kwengcindezi njengoba i-ANC imfuna ephumile esikhundleni.
I-ANC isola uMbatha ngenkohlakalo njengoba ithi ubefaka isicelo sokuba akhokhelwe imali yamakhilomitha emoto enkulu kanti uhamba ngemoto encane ngesikhathi esayikhansela. Lezi zinsolo ngoMbatha sezibeke nasengcupheni umshado we-IFP neDA njengoba iDA ifuna athathelwe izinyathelo.
Ethula inkulumo yakhe enkundleni yezemidlalo eGlencoe izolo, uButhelezi uthe uMbatha ungenye yezimeya ezisezincane kakhulu ngeminyaka lapha eNingizimu Afrika futhi uyawuqonda kahle umsebenzi wakhe.
“Simqoke ngoba ewuqonda umsebenzi wokuphatha umasipala. Uqukethe ulwazi nekhono lokuphatha lo masipala. Kungenziwa yini-ke ukuba singabeki umholi osemncane esikhundleni ngenxa yeminyaka yakhe? Iqembu i-IFP selokhu kwathi nhlo liqhubezela phambili ukukhuphula nokuhlomisa intsha ngamakhono futhi lokho kuhambisana nekhono lokwenza izinto ngobuhlakani bomuntu. Sikholelwa ekhonweni lentsha ukuhola njengoba ikusasa kungelabo,” kusho uButhelezi.
Uthe bafuna ukubona iGlencoe enentuthuko eqhubekela phambili futhi bakwenza lokho ngokusebenzisana kwabo noMkhandlu waseNdumeni ongaphansi kukaMasipala omkhulu woMzinyathi.
“Siyakuqonda ukuthi lokho okwenzeka ezingeni likaMasipala wesiFunda kunithinta ngqo. Kusemqoka ukuba sithole ubuholi obunamakhono anohlonze ekuphatheni emazingeni onke, ukuze inzuzo yalokho idlondlobalele nina uqobo, abantu esibasebenzelayo thina. IMeya yethu yaseMzinyathi ibekwe kulesi sikhundla ngenyanga nje eyedlule, nayo iMeya isiphinde yathatha umsebenzi enekhono lawo ngenxa yokulingana kwezikhundla esisebenze ngaphansi kwazo, kodwa ngalesi sikhashana nje sithole ukuthi kunomkhonyovu asewuvumbululile wokusetshenziswa budedengu kwezimali okubalelwa ezigidini zamarandi ezichithwe kuMasipala wesiFunda. Akachithanga sikhathi-ke; ngoba usevele wasiqondisa isimo. Yiyona ngqophamlando lena yenkambiso ngobuholi be-IFP. Imeya yethu yesiFunda isinqume ukuthi kube nophenyo,” kusho uButhelezi.
Uthe kunezigidi zemali ezisaphazwe eMzinyathi ngenxa yezinkontileka ezithukusiwe futhi nangezenzo zomshoshaphansi womkhonyovu ekukhishweni kwamathenda.
“Imali ebalelwa ezigidini ezintathu yachithwa ngokuthengwa kwamathangi amanzi kodwa kusenemiphakathi esantula amanzi ngokungabi bikho kwawo. Izigidi ezingu-20 zachithwa ngokusetshenziselwa imisebenzi yokwenziwa ngezandla nokuhlaliswa kodwa kakucaci ukuthi imali yonke yasithela kuphi. Ngakho-ke ezinyangeni ezintathu nje, kuyakugeqwa amagula ngokusiphula izikhotha lapho kucashe khona iphunga lakho okusantungwana. Kuyokuthi ngemuva kwalolu phenyo bese kuba nembizo eyobizwa yimeya ukuletha umbiko kwizakhamuzi nokulalela ukuthi kuthiwani,” kusho uButhelezi.
Uthe izimbangi zabo kazijabule neze ngoba kazifuni inkohlakalo yazo inekelwe izwe.
“Empeleni, sebeze babophela imeya yethu Endumeni amafindo ukuze ikhubeke, ukuze basithe imiqondo kugubuzeleke lamahlazo abo,” kusho uButhelezi.
Uphinde wanxusa abantu baku-ward 3, ukuba baphume ngobuningi babo bayovotela i-IFP okhethweni lokuchibiyela oluzoba ngoSepthemba.