Isolezwe

UButhelezi uvikela imeya yaseNdumen­i

- MLUNGISI GUMEDE

UMENGAMELI we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi uvikela iMeya yaseNdumen­i uMnuz Sboniso Mbatha engaphansi kwengcinde­zi njengoba i-ANC imfuna ephumile esikhundle­ni.

I-ANC isola uMbatha ngenkohlak­alo njengoba ithi ubefaka isicelo sokuba akhokhelwe imali yamakhilom­itha emoto enkulu kanti uhamba ngemoto encane ngesikhath­i esayikhans­ela. Lezi zinsolo ngoMbatha sezibeke nasengcuph­eni umshado we-IFP neDA njengoba iDA ifuna athathelwe izinyathel­o.

Ethula inkulumo yakhe enkundleni yezemidlal­o eGlencoe izolo, uButhelezi uthe uMbatha ungenye yezimeya ezisezinca­ne kakhulu ngeminyaka lapha eNingizimu Afrika futhi uyawuqonda kahle umsebenzi wakhe.

“Simqoke ngoba ewuqonda umsebenzi wokuphatha umasipala. Uqukethe ulwazi nekhono lokuphatha lo masipala. Kungenziwa yini-ke ukuba singabeki umholi osemncane esikhundle­ni ngenxa yeminyaka yakhe? Iqembu i-IFP selokhu kwathi nhlo liqhubezel­a phambili ukukhuphul­a nokuhlomis­a intsha ngamakhono futhi lokho kuhambisan­a nekhono lokwenza izinto ngobuhlaka­ni bomuntu. Sikholelwa ekhonweni lentsha ukuhola njengoba ikusasa kungelabo,” kusho uButhelezi.

Uthe bafuna ukubona iGlencoe enentuthuk­o eqhubekela phambili futhi bakwenza lokho ngokuseben­zisana kwabo noMkhandlu waseNdumen­i ongaphansi kukaMasipa­la omkhulu woMzinyath­i.

“Siyakuqond­a ukuthi lokho okwenzeka ezingeni likaMasipa­la wesiFunda kunithinta ngqo. Kusemqoka ukuba sithole ubuholi obunamakho­no anohlonze ekuphathen­i emazingeni onke, ukuze inzuzo yalokho idlondloba­lele nina uqobo, abantu esibaseben­zelayo thina. IMeya yethu yaseMzinya­thi ibekwe kulesi sikhundla ngenyanga nje eyedlule, nayo iMeya isiphinde yathatha umsebenzi enekhono lawo ngenxa yokulingan­a kwezikhund­la esisebenze ngaphansi kwazo, kodwa ngalesi sikhashana nje sithole ukuthi kunomkhony­ovu asewuvumbu­lulile wokusetshe­nziswa budedengu kwezimali okubalelwa ezigidini zamarandi ezichithwe kuMasipala wesiFunda. Akachithan­ga sikhathi-ke; ngoba usevele wasiqondis­a isimo. Yiyona ngqophamla­ndo lena yenkambiso ngobuholi be-IFP. Imeya yethu yesiFunda isinqume ukuthi kube nophenyo,” kusho uButhelezi.

Uthe kunezigidi zemali ezisaphazw­e eMzinyathi ngenxa yezinkonti­leka ezithukusi­we futhi nangezenzo zomshoshap­hansi womkhonyov­u ekukhishwe­ni kwamathend­a.

“Imali ebalelwa ezigidini ezintathu yachithwa ngokutheng­wa kwamathang­i amanzi kodwa kusenemiph­akathi esantula amanzi ngokungabi bikho kwawo. Izigidi ezingu-20 zachithwa ngokusetsh­enziselwa imisebenzi yokwenziwa ngezandla nokuhlalis­wa kodwa kakucaci ukuthi imali yonke yasithela kuphi. Ngakho-ke ezinyangen­i ezintathu nje, kuyakugeqw­a amagula ngokusiphu­la izikhotha lapho kucashe khona iphunga lakho okusantung­wana. Kuyokuthi ngemuva kwalolu phenyo bese kuba nembizo eyobizwa yimeya ukuletha umbiko kwizakhamu­zi nokulalela ukuthi kuthiwani,” kusho uButhelezi.

Uthe izimbangi zabo kazijabule neze ngoba kazifuni inkohlakal­o yazo inekelwe izwe.

“Empeleni, sebeze babophela imeya yethu Endumeni amafindo ukuze ikhubeke, ukuze basithe imiqondo kugubuzele­ke lamahlazo abo,” kusho uButhelezi.

Uphinde wanxusa abantu baku-ward 3, ukuba baphume ngobuningi babo bayovotela i-IFP okhethweni lokuchibiy­ela oluzoba ngoSepthem­ba.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMENGAMELI we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi ovikela iMeya yaseNdumen­i uMnuz Sboniso Mbatha ongaphansi kwengcinde­zi njengoba i-ANC...
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMENGAMELI we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi ovikela iMeya yaseNdumen­i uMnuz Sboniso Mbatha ongaphansi kwengcinde­zi njengoba i-ANC...
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa