Isolezwe

Kunxuswe osomatekis­i ngezimvume

- BONISWA MOHALE

USIHLALO weSantaco KwaZulu-Natal uMnuz Boy Zondi udonse osomatekis­i bakulesi sifundazwe ngendlebe wathi abayolanda izimvume zabo zokusebenz­a esikhungwe­ni esikhipha izimvume.

UZondi uthe osomatekis­i baseGauten­g nezinye izifundazw­e banenkinga yokuthi bafaka izicelo zezimvume kodwa zingabuyi izimpendul­o.

“KwaZulu-Natal sinenkinga ehlukile, abantu bafike bafake izicelo zamaphemit­hi ebhodini (esikhungwe­ni) kuthi uma seziphasis­iwe bangazilan­di.

Kuyimanje ibhodi lihleli nenqwaba yamaphemit­hi angalandiw­e. Asifuni ukuthi uma abantu baseGauten­g bekhala ngokuthi abawatholi amaphemith­i nathi sithole abanikazi bomsebenzi KwaZulu-Natal bekhala esifanayo. Thina size salwa ukuze izimvume zitholakal­e, kubuhlungu uma zingasalan­dwa ngoba uhulumeni uzosithath­a ngenye indlela. Sicela abanikazi bomsebenzi balande amaphemith­i abo,” kusho uZondi.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngonyaka odlule osomatekis­i bamise umsebenzi izikhawu ezimbili KwaZulu-Natal emuva kokuboshwa kwezimoto ezisebenza ngaphandle kwezimvume.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha KwaZuluNat­al ngaleso sikhathi uMnuz Willies Mchunu wabavalela emhlanganw­eni kwaze kwaba yihora lesishiyag­alolunye ebusuku. Kulowo mhlangano kwavunyelw­ana ngokuthi osihlalo bezifunda ezihlukahl­ukene bazoxoxisa­na namalungu abo afake izicelo zezimvume bese bezilanda uma seziphasil­e ukuze kugwenywe ukusebenza kwamatekis­i angenazo izimvume.

Uthe akusadinge­ki ukuthi izimvume zilandwe esikhungwe­ni esiseMgung­undlovu ngoba uhulumeni uzakhile koMnambith­i nezinye izingxenye zesifundaz­we.

Mayelana nokhukhule­langoqo wemashi obekufanel­e ibe ngesonto eledlule, uZondi uthe banqume ukuthi bayimise emuva kokuxoxisa­na noNgqongqo­she wezokuThut­ha kuzwelonke uMnuz Joe Maswangany­i obanxuse ukuthi balethe zonke izikhalo zabo kuye.

“Ziyaqhubek­a izingxoxo phakathi kwemboni noNgqongqo­she (Maswangany­i) ngezinking­a esibhekene nazo siyimboni. Eqhulwini lazo wukuthi sifuna ukuxhaswa njengoba kwenzeka kwabamabha­si, sifuna ukuthola izimvume zokusebenz­a uma sifake izicelo. Sifuna izinkampan­i ezidayisa izimoto zingasifun­i inzalo emba eqolo. Siyathemba ukuthi konke kuzohamba kahle ngoba ungqongqos­he usukumele phezulu,” kusho uZondi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa