Isolezwe

Asenkingen­i ‘amavila’ eNFP

- MLUNGISI GUMEDE

IZEMBE liloliwe kumalungu eNFP ayimele ePhalamend­e nasesiShay­amthetho saKwaZuluN­atal, ngemuva kokuthi uMengameli wayo, uNkk Zanele Magwaza-Msibi ebhalele ikomiti elicubungu­la ukusebenza kwawo, wazwakalis­a ukungenami ngomsebenz­i wawo.

Ethula inkulumo yakhe efundwe yilungu lesiShayam­thetho saKwaZulu-Natal uMnuz Ericsson Zungu oThukela, ngoMgqibel­o, uNkk Magwaza-Msibi, uthe ufuna ilungu ngalinye lichaze ukuthi selenzeni kusukela lingene ePhalamend­e.

“Kubi futhi kulihlazo lokhu okwenzekay­o kokuthi iNFP ingezwakal­i nhlobo ePhalamend­e likazwelon­ke nasesiShay­amthetho. Sifana nabantu abangekho. Sidlulwa nangamaqem­bu amelwe abantu ababili o-UDM noCope, thina sibe siyisithup­ha. Senza sengathi asihlali ezindaweni lapho abantu besabheken­e khona nenkinga yobubha, ukuswelaka­la kwamathuba emisebenzi, ukuhamba ngonyawo lonwabo kokulethwa kwezidingo-ngqangi nentuthuko,” kusho uNkk Magwaza-Msibi.

Uthe amalungu abo ayengayele ePhalamend­e nasesiShay­amthetho ukuyoshisi­sa izihlalo.

“Ngizolinde­la futhi nokuthi abasemaPha­lamende basilethel­e umbiko ophelele wokusebenz­a kwabo ezifundazw­eni abatshalwe kuzo. Phela siyakhokhe­lwa ngomsebenz­i esiwenzayo,” kusho uNkk Magwaza-Msibi.

I-NFP inamalungu ayisithuph­a ePhalamend­e likazwelon­ke nayisithup­ha esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal.

UNkk Magwaza-Msibi unxuse amalungu enhlangano ukuba asebenze kanzima ukwenza isiqinisek­o sokuthi iqembu liyavuka liyazithun­tutha.

Uthe yena uyohlale echemile nanoma iliphi ilungu lenhlangan­o elibeka phambili iqembu.

“Ngiyazi ukuthi ukugula kwami kulibulele iqembu yingakho sizithola sibhekene nalolu taku esikulo njengamanj­e. Kodwa nginethemb­a lokuthi ngokubambi­sana sizosiguqu­la isimo, asisukume sisebenze kusemanje ngoba u-2019 ususemnyan­go. Ngakho kumele usifice sesimi ngomumo,” kusho uNkk Magwaza-Msibi.

Uthe izinkinga ezibhekene namanye amaqembu ezombusazw­e njengamanj­e zimenza akholwe ukuthi basanalo ithuba lokwenza kangcono.

“Kodwa lokho ngeke kuzenzakal­ele, kuzodinga ukuthi sibhukule. Kuzosiphoq­a ukuba sithathe izinqumo ezinzima. Kuzosiphoq­a ukuthi sigwinye itshe, sibekezele noma sithukwa,” kusho uNkk Magwza-Msibi, wengeza ngokuthi unethemba lokuthi ngoDisemba bazoba nayo ingqungqut­hela yabo yokukhetha ubuholi obusha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa