Abangakhathazeki abangakazitholi izitifiketi zamasheya
UMQONDISI wohlelo lokuthengwa kwamasheya ehhotela lodumo iRaddison Blu, uMnuz Brian Mpono, uthi phansi amaphaphu kubantu abangakazitholi izitifiketi zobunikazi bawo ngoba bamatasa nokuqinisekisa imininingwane yabantu.
UMpono uthe izitifiketi zobunikazi bamasheya ziqale ukukhishwa ngoJuni 30. Wonke umuntu uzosithola isitifiketi sakhe uma sekuqinisekiswe imininingwane.
“Uhlelo lokudayisa amasheya luvalwe ngoMeyi 22. Sicela abantu bangakhathazeki uma bezwa omakhelwane babo bethi sebezitholile izitifiketi zobunikazi bamasheya ngoba nezabo ziyeza. Okwenzekile wukuthi besimatasa nohlelo lokuqinisekisa ukuthi imininingwane yabantu iyahambisana. Nomcwaningi mabhuku bekumele enze isiqiniseko sokuthi uma sekukhokhwa imihlomulo imali izongena kwi-akhawunti efanele,” kusho uMpono.
Uthe okwenza ukuthi ezabanye izitifiketi zithathe isikhathi eside ukufika wukuthi babefake imininingwane yasebhange engahambisani nemininingwane yabo.
Wenze isibonelo sokuthi omunye ufike athengele ingane amasheya ahambise umazisi wengane kwa-Oceans Hotel Invest kodwa athumele imininingwane yakhe yasebhange.
“Uma sibona ukuthi i-akhawunti akuyona eyomuntu okuthiwa uthenge amasheya sivele sidideke bese siqala uhlelo lokuqinisekisa ukuthi imininingwane ngeyomuntu ofanele. Uma wenze njalo kuthatha isikhathi ukuthi uthole isitifiketi sobunikazi bamasheya. Umuntu onemininingwane eqondile yasebhange futhi othumele i-akhawunti ehambisana nomazisi wakhe usheshe asithole isitifiketi,” kusho uMpono.
Uthe abanye bathumele ama-email okungesiwo nalokho kudala inkinga ngoba kufanele imininingwane ithunyelwe ekhelini okuyilona.
Uveze ukuthi izitifiketi zobunikazi bamasheya zithunyelwa nge-email nangeposi kuya ngokuthi umuntu wayecele ukuthi kuxhunyanwe naye kanjani.
“Abangazitholile izitifiketi zabo zamasheya kufanele bashayele ku-0861 100914 kusukela ngo-8 ekuseni kuya ku-5 ntambama bese besho i-reference number. Siyacela babekezele uma beshaya ngoba bangaphezu kuka-20 000 abantu abathenge amasheya futhi baphathe zonke izimfanelo esandleni ukuze basheshe basizakale,” kusho uMpono.
Uthe abantu abadlulwe ngumnqamulajuqu wokudayiswa kwamasheya ngoMeyi 22 mhlawumbe bakhokha ngoMeyi 23 bazobuyiselwa imali yabo.
Imali ngeke ivelwe ikhokhwe ngaphambi kokuqinisekisa ukuthi ingena kwi-akhawunti efanele.
Uveze ukuthi ziqhubeka kahle izinhlelo zokwakha iRadisson Blu Hotel kanti izoqala ukusebenza ngoJulayi ngonyaka ozayo
Abafuna eminye imininingwane ngezitifiketi zabo bangashaya ucingo noma bathumele i-e-mail ku-projectocean@computershare. co.za okuyinkampani ebhekelele u-80% wezinkampani ezihweba kwiJohannesburg Stock Exchange.