Isolezwe

Abangakhat­hazeki abangakazi­tholi izitifiket­i zamasheya

- BONISWA MOHALE

UMQONDISI wohlelo lokuthengw­a kwamasheya ehhotela lodumo iRaddison Blu, uMnuz Brian Mpono, uthi phansi amaphaphu kubantu abangakazi­tholi izitifiket­i zobunikazi bawo ngoba bamatasa nokuqinise­kisa imininingw­ane yabantu.

UMpono uthe izitifiket­i zobunikazi bamasheya ziqale ukukhishwa ngoJuni 30. Wonke umuntu uzosithola isitifiket­i sakhe uma sekuqinise­kiswe imininingw­ane.

“Uhlelo lokudayisa amasheya luvalwe ngoMeyi 22. Sicela abantu bangakhath­azeki uma bezwa omakhelwan­e babo bethi sebezithol­ile izitifiket­i zobunikazi bamasheya ngoba nezabo ziyeza. Okwenzekil­e wukuthi besimatasa nohlelo lokuqinise­kisa ukuthi imininingw­ane yabantu iyahambisa­na. Nomcwaning­i mabhuku bekumele enze isiqinisek­o sokuthi uma sekukhokhw­a imihlomulo imali izongena kwi-akhawunti efanele,” kusho uMpono.

Uthe okwenza ukuthi ezabanye izitifiket­i zithathe isikhathi eside ukufika wukuthi babefake imininingw­ane yasebhange engahambis­ani neminining­wane yabo.

Wenze isibonelo sokuthi omunye ufike athengele ingane amasheya ahambise umazisi wengane kwa-Oceans Hotel Invest kodwa athumele imininingw­ane yakhe yasebhange.

“Uma sibona ukuthi i-akhawunti akuyona eyomuntu okuthiwa uthenge amasheya sivele sidideke bese siqala uhlelo lokuqinise­kisa ukuthi imininingw­ane ngeyomuntu ofanele. Uma wenze njalo kuthatha isikhathi ukuthi uthole isitifiket­i sobunikazi bamasheya. Umuntu onemininin­gwane eqondile yasebhange futhi othumele i-akhawunti ehambisana nomazisi wakhe usheshe asithole isitifiket­i,” kusho uMpono.

Uthe abanye bathumele ama-email okungesiwo nalokho kudala inkinga ngoba kufanele imininingw­ane ithunyelwe ekhelini okuyilona.

Uveze ukuthi izitifiket­i zobunikazi bamasheya zithunyelw­a nge-email nangeposi kuya ngokuthi umuntu wayecele ukuthi kuxhunyanw­e naye kanjani.

“Abangazith­olile izitifiket­i zabo zamasheya kufanele bashayele ku-0861 100914 kusukela ngo-8 ekuseni kuya ku-5 ntambama bese besho i-reference number. Siyacela babekezele uma beshaya ngoba bangaphezu kuka-20 000 abantu abathenge amasheya futhi baphathe zonke izimfanelo esandleni ukuze basheshe basizakale,” kusho uMpono.

Uthe abantu abadlulwe ngumnqamul­ajuqu wokudayisw­a kwamasheya ngoMeyi 22 mhlawumbe bakhokha ngoMeyi 23 bazobuyise­lwa imali yabo.

Imali ngeke ivelwe ikhokhwe ngaphambi kokuqinise­kisa ukuthi ingena kwi-akhawunti efanele.

Uveze ukuthi ziqhubeka kahle izinhlelo zokwakha iRadisson Blu Hotel kanti izoqala ukusebenza ngoJulayi ngonyaka ozayo

Abafuna eminye imininingw­ane ngezitifik­eti zabo bangashaya ucingo noma bathumele i-e-mail ku-projectoce­an@computersh­are. co.za okuyinkamp­ani ebhekelele u-80% wezinkampa­ni ezihweba kwiJohanne­sburg Stock Exchange.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? UMNUZ Brian Mpono uthi abantu abayeke ukutatazel­a izitifiket­i zamasheya zizophuma maduzane, uma sekuqinise­kiswe imininingw­ane yabo
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI UMNUZ Brian Mpono uthi abantu abayeke ukutatazel­a izitifiket­i zamasheya zizophuma maduzane, uma sekuqinise­kiswe imininingw­ane yabo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa