Ukhala ngejusi eyamgulisa
UKHALA ezimathonsi owesifazane waseNtshongweni othe ubeyokhala ngejusi esidlulelwe yisikhathi emgulisile watshelwa ukuthi akahlolwe igazi ukuze kubonakale ukuthi uguliswe yiyo ngempela yini.
UNkk Nono Dladla uthe wathenga ijusi yewolintshi eKwikSpar, eKloof ngoJuni 18 kulo nyaka kwathi uma eyiphuza esesekhaya wezwa ukuthi kukhona okungahambi kahle ngayo.
Uqhube wathi kwathi uma esebhekisisa wabona ukuthi yayilungele ukuphuzwa ngaphambi kukaNovemba, 2011.
“Ngiyayithanda ijusi yewolintshi engihlale ngithenga yona. Ngezwa ngisaphuze ithamo elilodwa ukuthi ayifani nengijwayele ukuyiphuza. Ngathi uma ngibheka ngabona ukuthi isineminyaka eyisithupha yaphelelwa yisikhathi sokuphuzwa,” kusho uNkk Dladla.
Ebusuku uthe wakhishwa yisisu waphalaza waphuza amakhambi ayekhona endlini sanqamuka. Waya kwadokotela ngoba eCustomer Care Centre yakwaSpar bathi akaye kwadokotela.
“Udokotela wami wangicebisa ngokuthi angiye ehhovisi lakwaSpar elikhulu ngoba liseduze kwalapho esebenzela khona. Owesifazane engakhuluma naye wathi angiveze ubufakazi bokuthi ijusi ngiyithenge kulesi sitolo, ngamnikeza, wathatha isiliphu waya naso kwelinye ihhovisi wabuya nefomu elinemibuzo ngezifo enginazo,” kusho yena.
UNkk Dladla uthe owesifazane kwakuzwakala nje ukuthi akanasikhathi ngesikhathi benza lokhu. Wagcina embuza ukuthi njengoba emdala kangaka kungani engenasifo esimphathayo. Wambuza ukuthi ngabe uchaza ukuthi akazihloli, akazi noma unalo yini igciwane lengculazi?
“Ngamphendula ngathi senginesikhathi ngagcina. Wagcina esethi ngeshwa ngiye kudokotela wami kanti bona banodokotela wabo ohlola abasuke bethi baguliswe yimikhiziqo yabo,” kusho uNkk Dladla.
Ngakusasa uthe wathola ucingo lukadokotela wakhe luthi abakwaSpar bathi akazohlola igazi. “Udokotela walithatha igazi wase ethi ufuna imali yokukhokhela ukuhlolwa kwami. Kwathi uma ngibuza ukuthi kungani kumele ngikhokhe ngoba akumina ofuna ukuhlolwa igazi wathi abakwaSpar bathe angizikhokhele. Ngasale sengikhokha ngoba angichazelwanga kahle futhi ngangingenankinga yokuthi ngihlolwe ngoba akukho engangikufihla,” kusho yena. Ngemuva kwalokhu wathola ucingo luthi akabuyise ijusi. Kuthe uma ebuza ukuthi kukhona yini abazomnika kona okuwubufakazi bokuthi ufake isikhalo nokuthi uwubuyisile lo mkhiqizo bathi akeze nebhodlela abazoyichathazela kuyo ijusi abazohamba nayo emva kwalokho owesifazane owayemsiza wavala ucingo. Uthi wabuye wamthinta ethi akushuthwe isithombe sejusi esinemininingwane yokuthi yadlulelwa nini yisikhathi.
“Kuleli sonto owesifazane ufonile wathi imiphumela yokuhlolwa kwegazi ikhomba ukuthi ushodelwa yigazi okusho ukuthi isisu sasivele sizomhambisa. Wathi abakwaSpar ngeke bangishintshele banginike ijusi entsha futhi ngeke bazikhokhele izindleko zodokotela. Lesi sitolo siyangixhaphaza yibona abenza iphutha bafaka ijusi osekuphele iminyaka eyisithupha yadlulelwa yisikhathi. Mina ngangifuna bangibuyisele imali yami noma banginike enye ijusi bakhokhele nezindleko zami zokuya ehhovisi labo. Bona babona ukuthi kumele ngiyohlola igazi,” kusho uNkk Dladla.
Okhulumela abakwaSpar uNkk Stephanie Leclercq uthe bayalwazi lolu daba kodwa bekungeke kwenzeke ukuthi babe nomkhiqizo ka-2011 emashalofini ngoba isitolo sisanda kulungiswa.
“Sizokhuluma noNkk Dladla sibone ukuthi lolu daba lungalungiswa kanjani. Sivulelekile ukuthi siphinde silucubungule futhi udaba lwakhe,” kusho yena.