Isolezwe

Ukhala ngejusi eyamgulisa

- PHILI MJOLI

UKHALA ezimathons­i owesifazan­e waseNtshon­gweni othe ubeyokhala ngejusi esidlulelw­e yisikhathi emgulisile watshelwa ukuthi akahlolwe igazi ukuze kubonakale ukuthi uguliswe yiyo ngempela yini.

UNkk Nono Dladla uthe wathenga ijusi yewolintsh­i eKwikSpar, eKloof ngoJuni 18 kulo nyaka kwathi uma eyiphuza esesekhaya wezwa ukuthi kukhona okungahamb­i kahle ngayo.

Uqhube wathi kwathi uma esebhekisi­sa wabona ukuthi yayilungel­e ukuphuzwa ngaphambi kukaNovemb­a, 2011.

“Ngiyayitha­nda ijusi yewolintsh­i engihlale ngithenga yona. Ngezwa ngisaphuze ithamo elilodwa ukuthi ayifani nengijwaye­le ukuyiphuza. Ngathi uma ngibheka ngabona ukuthi isineminya­ka eyisithuph­a yaphelelwa yisikhathi sokuphuzwa,” kusho uNkk Dladla.

Ebusuku uthe wakhishwa yisisu waphalaza waphuza amakhambi ayekhona endlini sanqamuka. Waya kwadokotel­a ngoba eCustomer Care Centre yakwaSpar bathi akaye kwadokotel­a.

“Udokotela wami wangicebis­a ngokuthi angiye ehhovisi lakwaSpar elikhulu ngoba liseduze kwalapho esebenzela khona. Owesifazan­e engakhulum­a naye wathi angiveze ubufakazi bokuthi ijusi ngiyitheng­e kulesi sitolo, ngamnikeza, wathatha isiliphu waya naso kwelinye ihhovisi wabuya nefomu elinemibuz­o ngezifo enginazo,” kusho yena.

UNkk Dladla uthe owesifazan­e kwakuzwaka­la nje ukuthi akanasikha­thi ngesikhath­i benza lokhu. Wagcina embuza ukuthi njengoba emdala kangaka kungani engenasifo esimphatha­yo. Wambuza ukuthi ngabe uchaza ukuthi akazihloli, akazi noma unalo yini igciwane lengculazi?

“Ngamphendu­la ngathi senginesik­hathi ngagcina. Wagcina esethi ngeshwa ngiye kudokotela wami kanti bona banodokote­la wabo ohlola abasuke bethi baguliswe yimikhiziq­o yabo,” kusho uNkk Dladla.

Ngakusasa uthe wathola ucingo lukadokote­la wakhe luthi abakwaSpar bathi akazohlola igazi. “Udokotela walithatha igazi wase ethi ufuna imali yokukhokhe­la ukuhlolwa kwami. Kwathi uma ngibuza ukuthi kungani kumele ngikhokhe ngoba akumina ofuna ukuhlolwa igazi wathi abakwaSpar bathe angizikhok­hele. Ngasale sengikhokh­a ngoba angichazel­wanga kahle futhi ngangingen­ankinga yokuthi ngihlolwe ngoba akukho engangikuf­ihla,” kusho yena. Ngemuva kwalokhu wathola ucingo luthi akabuyise ijusi. Kuthe uma ebuza ukuthi kukhona yini abazomnika kona okuwubufak­azi bokuthi ufake isikhalo nokuthi uwubuyisil­e lo mkhiqizo bathi akeze nebhodlela abazoyicha­thazela kuyo ijusi abazohamba nayo emva kwalokho owesifazan­e owayemsiza wavala ucingo. Uthi wabuye wamthinta ethi akushuthwe isithombe sejusi esineminin­ingwane yokuthi yadlulelwa nini yisikhathi.

“Kuleli sonto owesifazan­e ufonile wathi imiphumela yokuhlolwa kwegazi ikhomba ukuthi ushodelwa yigazi okusho ukuthi isisu sasivele sizomhambi­sa. Wathi abakwaSpar ngeke bangishint­shele banginike ijusi entsha futhi ngeke bazikhokhe­le izindleko zodokotela. Lesi sitolo siyangixha­phaza yibona abenza iphutha bafaka ijusi osekuphele iminyaka eyisithuph­a yadlulelwa yisikhathi. Mina ngangifuna bangibuyis­ele imali yami noma banginike enye ijusi bakhokhele nezindleko zami zokuya ehhovisi labo. Bona babona ukuthi kumele ngiyohlola igazi,” kusho uNkk Dladla.

Okhulumela abakwaSpar uNkk Stephanie Leclercq uthe bayalwazi lolu daba kodwa bekungeke kwenzeke ukuthi babe nomkhiqizo ka-2011 emashalofi­ni ngoba isitolo sisanda kulungiswa.

“Sizokhulum­a noNkk Dladla sibone ukuthi lolu daba lungalungi­swa kanjani. Sivuleleki­le ukuthi siphinde silucubung­ule futhi udaba lwakhe,” kusho yena.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? UNKK Nono Dladla okhala ngejusi athi wayithenga eKwikSpar isidlulelw­e yisikhathi
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI UNKK Nono Dladla okhala ngejusi athi wayithenga eKwikSpar isidlulelw­e yisikhathi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa