Isolezwe

Isicelo kowokungen­isa imali kwiKZNBDS

- BONISWA MOHALE

USOLWAZI Bonke Dumisa (osesithomb­eni) oyilungu lesigungu esiphezulu esiphethe inhlangano esiza umphakathi iKwaZulu-Natal Blind and Deaf Society (KZNBDS) unxuse abantu ukuthi bangene bajule emaphaketh­eni abo balekelele le nhlangano ehlomisa abangezwa nabangabon­i ngamakhono okuziphili­sa.

Ekhuluma emcimbini wokungenis­a imali kwi-KZNBDS, uDumisa uthe le nhlangano ayidingi imali kuphela kodwa idinga abantu bayeseke nangamakho­no abanawo.

“Ngacelwa ukuthi ngibe yi-Trustee ye-KZNBDS eminyakeni engu-10 edlule ngasheshe ngabatshel­a ukuthi ngeke ngikwazi ngoba anginamali. Kwathi sebengicha­zele ukuthi kubaluleke kanjani ukusebenze­la umphakathi nomsebenzi omuhle abawenzayo ngakhetha ukuba yingxenye yabo. Ukuba yingxenye ye-KZNBDS kusho ukuthi sisebenza ngaphandle kokulindel­a inkokhelo futhi siyanikela nganoma yini esinayo,” kusho uDumisa.

Uthe banesabelo­mali esingaphez­ulu kancane kukaR10mil­lion kanti babhekele abantu abangaphez­u kuka-3 000 ngezinsiza ezihlukahl­ukene.

“Ukuba yinhlangan­o esiza umphakathi kusho ukuthi silinda ukunikelel­wa ngabantu nezinhlang­ano ezihlukahl­ukene. Ingqinamba esinayo njengamanj­e wukuthi yize sisiza abantu abavela kuyo yonke imiphakath­i kodwa abantu abanikelay­o kuseyilabo ababenikel­a ngisho ngesikhath­i sasingasiz­i wonke umuntu. Siyazama ukuheha abantu abasha kodwa abezi njalo ukuzosisiz­a. Uma umuntu enikele kulo nyaka akabuyi ngonyaka ozayo,” kusho uDumisa.

Uthe yize sezikhona izigwili kuzo zonke izinhlanga zakuleli kodwa akuzona zonke ezinikelay­o.

“Ngiyacela kinina enizosisek­a namhlanje ukuthi nishumayel­e ivangeli lokunikela ngoba kufikisela amahloni ukubona abantu abanemali beshutha namabhodle­la otshwala obubiza o-R2 700 ababutheng­a kalula kodwa babe nenkinga uma sibacela ukuthi abathenge itafula elibiza u-R10 000 ukuze sifake imali esikhwamen­i esisiza umphakathi. Ukunikela kwiKZNBDS kusho ukuthi uzosiza abantu babe nekusasa eliqhakazi­le,” kusho uDumisa.

Uthe umengameli we-KZNBDS, iJaji uZak Yacoob, wasizwa yile nhlangano.

Abaculi abadumile oRay Charles, Stevie Wonder, Babsie Mlangeni, Advocate Steve Teboho Kekana, umculi wowokholo uSgwili nomlingisi weSibaya uZakithi bonke basizwa ngabantu abathile ukuze bafike kuleli zinga abakulona.

“Ngiyacela sinikelele iKZNBDS, sicele nabaqashi bethu ukuthi baqashe abaphila nokukhubaz­eka okungenani balandele umthetho i-Employment Equity Act othi okungenani u-2% wabasebenz­i makube ngabanokuk­hubazeka,” kusho uDumisa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa