‘Babalulekile obaba kwezamantombazane’
IZINGANE zabafana akuzona kuphela ezizuzayo uma zikhule ekhaya elinobaba, nezamantombazane ziyamdinga ubaba ukuze zikwazi ukufunda kahle futhi zikwazi ukuthatha izinqumo eziyizo empilweni.
UNkk Joane van Niekerk ongungoti wezindaba ezithinta izingane, uthe iningi labantu licabanga ukuthi izingane zabafana yizona ezidinga ubaba ukuze zibukele kuye uma zikhula. Nezamantombazane zifunda okuningi koyise uma bekhona empilweni yazo.
Uthe ukuba khona kukababa empilweni yendodakazi akugcini ngemali kodwa kusho ukwazi ukuchitha isikhathi ndawonye.
“Izingane zamantombazane ziyabadinga obaba. Ucwaningo luyakuveza ukuthi izingane zamantombazane ezikhula kukhona obaba mancane amathuba okuthi zikhulelwe zisencane futhi zenza kahle esikoleni,” kusho uNkk Van Niekerk.
Uthe okunye okuvelayo wukuthi izingane ezikhula ekhaya elinobaba aziyesabi imisebenzi eyaziwa njengeyamadoda ngoba zikhula zibukela koyise futhi zifuna ukufana nabo.
UNkk van Niekerk usho lokhu nje umbiko we-Unicef ka-2016 ukhombisa ukuthi ezinganeni ezingu-34% zakuleli u-40% wazo ukhuliswa ngomama.
Ngokwalo mbiko zingu-35% kuphela izingane ezikhuliswa ngabazali bobabili kuleli.
Umqingo wezempilo iPsychological Medicine ka-2010 uyahambisana nokushiwo uNkk van Niekerk njengoba uthi izingane ezishiywe ngoyise zizelwe kuze kube ziba neminyaka emihlanu, ziba nomuzwa wokuthi zilahliwe.
UThando Dlamini (16) oyindodakazi yomqeqeshi weKung Fu, uMaster Dlamini, uthe waqala ukuzilolonga noyise eneminyaka eyisikhombisa ekhaya.
Ngaleso sikhathi uthi wayengazi ukuthi kubaluleke ngani ukuthi azilolonge kodwa wayenza ngoba ebona uyise enza wagcina esenothando lwalo mdlalo.
“Izinto ezenziwa ngubaba zinomthelela omkhulu kithina. Ngiyacabanga ukuthi nami ukube ubaba ubengekho bengingeke ngizithole sengizilolongela iKung Fu, njengamanje sengiyazi ukuthi kubalulekile, ingisiza ukuthi ngizivikele uma kwenzeka ngihlaselwa nokwenza umzimba wami ukwazi ukunyakaza kalula,” kusho uThando.
Uthe akuyena yedwa ojima noyise kodwa nabanye odadewabo ababili bajima naye.
UDlamini uthe ukudlala ndawonye namadodakazi akhe kwenza ukuthi basondelane bengumndeni.
“IKung Fu isiza ngokuthi ukwazi nokuzivikela, nganginesifiso sokuthi izingane zami zikwazi ukuzivikela ngoba amaphoyisa ngeke ahlale egade wonke umuntu. Angibaqeqesheli ukuthi babe ngamabhoklolo bahambe belwa kodwa ngenzela ukuthi uma kwenzeka behlangabezana nesimo esidinga ukuthi bazivikele bakwazi ukwenza okuthile ukuze baphunyuke kubahlaseli. Lokho ngikwenza nakubazukulu bami. Uma besebencane ngidlala nabo ngokuzilolonga ngesikhathi bekhula bazithathela bona isinqumo sokuthi bayaqhubeka yini nalo mdlalo.” Ucwaningo iSouth African Demographic and Health Survey ka-2016 imiphumela yayo ekhishwe ngoMeyi lukhombisa ukuthi u-16% wamantombazane aneminyaka ephakathi kuka-15 no-19 athola abantwana. Ngesikhathi socwaningo u-12% wamantombazane akule minyaka abekhulelwe, u-3% ubukhulelwe okokuqala.
UMnyango wezeMfundo uveze izibalo ezishaqisayo zokuthi phakathi kuka2014 no-2016 kwakhulelwa abafundi abangu-193 abafunda uGrade 3, 4 no-5. Uma kuhlanganiswa noGrade-6 no-7 bangu-1449 abafundi abakhulelwa ngalesi sikhathi.
USolwazi Priscilla Reddy weHuman Science Research Council (HSRC), uthe u-11% wamantombazane asemancane akhulelwayo njalo ngonyaka eNingizimu Afrika.