Isolezwe

Amaphara ayagoloza ukusuka esizindeni

- BONISWA MOHALE

AYAGOLOZA ukusuka kujantshi oseBerea Station, eThekwini, amaphara phezu kokuba umasipala ethumela amaphoyisa ukuthi akhuculule zonke izinsuku.

Ngesonto eledlule uMasipala weTheku ubambisene noMetrorai­l nezinye izinhlaka ezihlushwa wukuba khona kwamaphara emzileni wesitimela ususe amaphara wawayisa ezikhungwe­ni ezigcina abangenawo amakhaya.

NgoLwesihl­anu amaphara athuthele ezansi kukajantsh­i endaweni eqondene ne-Albert Park.

Ngesikhath­i Isolezwe lihambele le ndawo amaphara ebeqhubeka nempilo yawo njengokujw­ayelekile, ebase umlilo ngocwazi nenswani, amanye abeneke izimpahla ogangeni oluhlukani­sa ujantshi nomgwaqo.

Lawo akhulumile aveze ukuthi awathandi ukuhlala emgwaqweni kodwa ahlala khona ngenxa yokuthi awasebenzi futhi asuswa wukuhlukun­yezwa emakhaya.

“Abazali bami bashona ngase ngiyohlala nomamkhulu owayengang­iphethe kahle. Besihlala eNanda, ngingavume­lekile ukuthi ngiye esikoleni ngoba bengiseben­za ekhaya, ngithunywa yibo bonke abantu basendawen­i. Uma kwenzekile ngangawuqe­da umsebenzi wasendlini bengingaku­tholi ukudla uma sekuphakwa ntambama. Ngibone kungcono ukuthi ngizohlala lana ngoba ngicela imali kubantu abadlulayo ukuze ngithenge isinkwa,” kusho elinye iphara.

Libuzwa ukuthi liyawuding­a yini umsebenzi lithe lingajabul­a uma umasipala ebasusa emgwaqeni abafake esikhungwe­ni esithuthuk­isa amakhono ukuze baqasheke.

“Asithandi ukuhlala emgwaqweni nokubhema iwunga, sidinga ukufakwa esikhungwe­ni esizosilek­elela ukuthi siyeke iwunga bese sihlonyisw­a ngamakhono asozilekel­ela ukuthi siphile,” kusho iphara.

UNksz Tozi Mthethwa, oyiNhloko yoPhiko lwezokuXhu­mana kuMasipala weTheku, uthe umkhankaso wabo wokukhucul­ula ujantshi wesitimela nokususa amaphara uzoqhubeka nokusebenz­a, amaphoyisa azogasela zonke izinsuku.

UMasipala weTheku awusebenzi wodwa ohlelweni lokukhucul­ula amaphara nokuqinise­kisa ukuthi idolobha liphephile kodwa neDurban Chamber of Commerce and Industry ikhona futhi ifuna ukuthuthuk­isa amakhono abantu abahlala emgwaqweni.

Isikhulu esiphezulu seDurban Chamber of Commerce uNkk Dumile Cele uthe bafuna iTheku libe yidolobha eliphephil­e futhi okumnandi ukusebenza nokuhweba kulo.

 ??  ??
 ??  ?? AMAPHARA athe chithi saka ngakujants­hi wesitimela
AMAPHARA athe chithi saka ngakujants­hi wesitimela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa