Isolezwe

Kuyalwe amadoda emashini

- PHILI MJOLI

ABAZALI babafundi abafunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme abaqashe emafulethi­ni kumele bahlale benolwazi ukuthi izingane zabo zihlala nobani.

Lokhu kushiwo iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede ngesikhath­i kunemashi yamadoda ebihlelwe uNdunankul­u wesifundaz­we, uMnuz Willies Mchunu, eThekwini, ngoLwesihl­anu.

UNkk Gumede, uthe sekuyinsak­avukela umchilo wesidwaba ukubulawa kwabafundi izidumbu zabo zilahlwe ophahleni lwamafulet­hi eThekwini.

“Amadoda make abe nonembeza nalawo abesanomuz­wa wokwenza izinto ezinjengal­ezi siyacela ukuthi ayeke. Sesikhathe­le ukucosha izidumbu zezingane zabantu ezibulewe kabuhlungu. Bazali qaphelani abantu abahlala nezingane zenu emafulethi­ni,” kusho uNkk Gumede.

UMnuz Sihle Zikalala onguNgqong­qoshe wokuThuthu­kiswa koMnotho, KwaZulu-Natal obemele uNdunankul­u kule mashi, uthe njengoba kuyinyanga yamadoda bagqugquze­la ukuthi amasonto nezinye izikhungo zikhuthaze ukuvuselel­wa kwesakhiwo somndeni.

“Uma kungavusel­elwa isakhiwo somndeni amadoda azokhumbul­a ukuthi yini okumele ayenze emndenini. Amaphara lawa okukhalwa ngawo ngamadoda akhetha ukukhohlwa ukwenza okulindele­kile endodeni aqoma ukuhlala ezitaladin­i,” kusho uZikalala.

Uqhube wathi lesi sifundazwe sike sahlaselwa isihlava sokuthunjw­a kwamantomb­azane.

Uthe ukusabalal­a kwale mibiko kufake itwetwe emphakathi­ni wakulesi sifundazwe.

“Abantu besifazane mabake bazifundis­e ukuthi bangakufih­li ukuhlukuny­ezwa ngoba kuphetha ngokuthi babulawe. Ukuhlukuny­ezwa akuqali ngokubulaw­a kuqala ngokushayw­a ngempama kowesifaza­ne afihle, kuqhubekel­e esigabeni esilandela­yo lapho owesifazan­e esehlukuny­ezwa ngokocansi, nalapho aphinde athule kuyoze kuzwakale esebulewe lapho usuke ungeke usabuyisel­wa umphefumul­o.”

Uthe izibalo zoMnyango wezeMpilo zika-2016/17 zikhombisa ukuthi angu-55 000 amacala okuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane abikiwe kuwo angu-11 466 aKwaZulu-Natal, u-37% wawo avulwe eThekwini.

Ngokwalezi zibalo bangu-4 582 abadlwengu­liwe abanikezwe umshanguzo wokuvikela ukungenwa yigciwane lengculazi.

“Okubi wukuthi kulezi zibalo kuvela ukuthi u-39% wabadlweng­uliwe yizingane ezineminya­ka engaphansi kuka-12. Umuntu onjani odlwengula ingane eneminyaka ewu-12?”

UZikalala unxuse amaphoyisa ukuthi awaphenye kahle amacala.

 ??  ?? BAGCWALE umgwaqo enkabeni yeTheku bemashela ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane, izingane nezidakami­zwa
BAGCWALE umgwaqo enkabeni yeTheku bemashela ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane, izingane nezidakami­zwa
 ?? IZITHOMBE: Sibonelo Ngcobo / ANA ?? BEKUPHUME nesinedolo emashini yokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane
IZITHOMBE: Sibonelo Ngcobo / ANA BEKUPHUME nesinedolo emashini yokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa