Izinsolo ezikhathazayo ngezivivinyo zabahlengikazi
SEKUNOKUKHATHAZEKA ngokuvela kwezinsolo zokuputshuka kwelinye iphepha lezivivinyo zabahlengikazi.
Iphepha okukhulunywa ngalo kwakufanele libhalwe ngoJuni 28 no-30 ngabahlengikazi abathuthukisa iziqu zabo zobuhlengikazi ukuze babe ngo-sister.
Leli phepha lalizobhalwa kabusha emuva komyalelo owawukhishwe yinhlangano eyengamele abahlengikazi, iSouth African Nursing Council (SANC), ngoba ithe kunobufakazi bokuthi elalibhalwa ngoMeyi nonyaka laputshuka.
Le nhlangano ibe isikhipha umyalelo wokuthi abahlengikazi mabalibhale kabusha iphepha kodwa lokhu akwehlanga kahle ezinyunyaneni zabahlengikazi ezakhala ngokuthi iSANC ithathe lesi sinqumo ngaphandle kokwenza uphenyo olunzulu nokuthi ijezise abathintekayo. Ziphinde zakhala ngokuthi abahlengikazi abanikwanga isikhathi esanele sokuzilungiselela. Inkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng ihlehlise ukubhalwa kwezivivinyo yathi azibhalwe ngoJulayi 19 no-21 emuva kokuthi izinyunyana ziluyise enkantolo lolu daba.
Noma kunjalo sekuphinde kwavela ukuthi kungenzeka ukuthi iphepha elalizobhalwa ngoJuni 28 no-30 nalo liputshukile.
UNkk Lerato Maduma-Gova, onguMengameli wenyunyana yabahlengikazi iYoung Nurses Indaba Trade Union, uthe bathole ukuthi ezinkundleni zokuxhumana bese kukhona umyalezo othi kukhona asebelitholile iphepha.
Uthe iphepha kukholakala ukuthi laputshuka sekusele izinsuku ezimbili libhalwe.
“ISANC ayinazo izinsiza ezenele zokuqinisekisa ukuthi izinhlelo zokuhlolwa zihamba ngendlela efanele. Phezu kwalokhu izivivinyo zabo zisagxile ezintweni zakudala azihambisani nesikhathi samanje. Sesikuphakamise kaningi lokho kodwa akekho olalelayo,” kusho uMaduma-Gova.
UMnuz Sibongiseni Delihlazo, okhulumela inyunyana yabahlengikazi iDemocratic Nursing Organisation of South Africa (DENOSA) kuzwelonke, uthe ukuqhubeka kokuputshuka kwamaphepha yikhona okwenze bayisa iSANC enkantolo.
“Yingakho beqinisa ekutheni iSANC ayingajahi ukubhalisa kabusha abahlengikazi kodwa ayigxile ekuphenyeni ngokuputshuka kwephepha. Manje siyazibuza ukuthi bazokwenzenjani uma kuwukuthi liputshuke ngempela naleli. Ngabe bazophinde bahlele elinye noma bazobhaliswa lona leli labo abazobe bebhala? Uma bengayinqandi ngokuthi baphenye bese bejezisa abathintekayo le nto iyolokhu iqhubeke njalo,” kusho uDelihlazo.
Isolezwe lizamile ukuthola uMnyango wezeMpilo ukuze uphawule kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ungakaphawuli.