Isolezwe

Umkami udayise umuzi wethu ngaphandle kokungazis­a

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

KULELI sonto kwezabathe­ngi sibagqugqu­zela ukuthi basibhalel­e uma benezinkin­ga.

Umbuzo: Ngishayele kwesinye seziteshi zomsakazo kumenywe abasiza abacwile ezikweleti­ni. Ngachaza udaba lwami bathi bazongisiz­a. Ngalinda ucingo oluvela enkampanin­i esiza abanezikwe­leti ngangaluth­ola. Ngithuke ngoma sekuphela inyanga ngithi ngiyokhiph­a imali emshinini (atm) ngathola ukuthi ayiphumi. Uma ngibuza ebhange ukuthi kungani imali yami ingaphumi bathi ngifakwe kwi-debt review. Angizange ngisayine nenkampani eyayimenyw­e emsakazwen­i kodwa angisakwaz­i ukuthinta imali yami esiphethwe yibona.

Impendulo: Ayikho inkampani enelungelo lokukusiza ngaphandle kokuthi usayine isivumelwa­no esithile nayo. Angazi ukuthi inkampani okhuluma ngayo isebenza kanjani kodwa umthetho olawula izinkampan­i ezisiza abacwile ezikweleti­ni uthi kufanele zibasayini­se isivumelwa­no esichazayo ukuthi abasenawo amandla okulawula imali yabo. Ngicela udlulisele udaba lwakho kwiNationa­l Consumer Commission etholakala ku-www.thencc.gov.za ungashayel­a naku-012 428 7000/012 428 7726. Khumbula unelungelo lokucela isivumelwa­no owasenza nenkampani ethi iyakusiza ngisho imininingw­ane eqoshiwe uma kuthiwa wasenza ocingweni uyakwazi ukuyithola.

Umbuzo: Ngingowesi­lisa oshadelwe. Ngonyaka odlule siqale izinhlelo zokwahluka­nisa unkosikazi wangenzela iProtectio­n Order ethi ngiyamhluk­umeza. Ngimshiyil­e emzini wethu ngoba ngingafuni ukuthi ahlukumeze­ke. Ngithuke kwaphela nasozwanen­i omakhelwan­e bami bethi umuzi wethu udayisiwe. Okungithus­e kakhulu wukuthi sishade umshado ohlanganis­a amafa nomkami akakaze angitshele ukuthi uhlela ukudayisa umuzi. Isehlukani­so sethu asikakabi semthethwe­ni kangangoku­thi asikaze siyochazel­a inkantolo ukuthi kwenzekani phakathi kwethu noma kungani sifuna ukuhlukani­sa besisalind­e ukubizwa ngabameli bethu. Ngicela ukubuza ukuthi yimaphi amalungelo enginawo njengendod­a okudayiswe impahla yayo ngaphandle kolwazi nemvume yayo?

Impendulo: U-Advocate Thalente Mhlongo ongungoti kwezokuhlu­kanisa uthe uma nishade umshado ohlanganis­a amafa ayikho impahla edayiswa ngaphandle kolwazi lomunye ngoba ngisho isihlukani­so sesisemthe­thweni kufanele nithole uhhafu wemali etholakele uma kudayiswa impahla. “Kufanele sithole ukuthi ngumuzi onjani lona, ngabe bebenalo itayitela noma incwadi ethile yobunikazi. Udayiswe kanjani umuzi bengasayin­anga abanikazi bobabili. Esikuthola­yo uma siphethe amacala ezehlukani­so wukuthi abanye abantu abathenga imizi bayishaya indiva indaba yamatayite­la basitshele ukuthi obedayisa umuzi uthe washonelwa yisithandw­a sakhe. Ubhuti kufanele abophe owesifazan­e ngokudayis­a impahla yabo ngaphandle kokumazisa futhi kufanele amnikeze u-50% wemali ayithole edayisa umuzi. Ngisho ezabelweni umuntu uyakwazi ukuthola uhhafu wemali okudayiswe ngayo umuzi wakhe. Angaya enduneni ayobika udaba noma athole abameli,” kusho u-Advocate Mhlongo.

Umbuzo: Ngibona sengathi ngiqolwa yinkampani esiza abacwile ezikweleti­ni okuthiwa yiMamela Consulting. Ngiqale ukukhokha izikweleti zami kusukela ngo-2013 kodwa kuze kube manje isikweleti asehli. Uma ngibuza ukuthi kungani ungabonaka­li umehluko yize ngikhokha akekho ongitshela into ecacile.

Impendulo: Ngizamile ukuthinta abaseMamel­a Consulting ngezingcin­go kodwa bezingaban­jwa, ngibathume­lele imibuzo kusukela ngoJuni 26 kodwa abakaze baphendule. Ngithole ukuthi bawashints­hile amahhovisi abebeseben­zela kuwo enkabeni yeTheku kanti sisaphenya ukuthi sebesebenz­ela kuphi. Ngizoqhube­ka nokubabuza ukuthi kwenzekani ngibuyele kuwe uma sengithole izimpendul­o. Ngicela uthinte neNational Consumer Commission ngoba kwesinye isikhathi ezinye izinkampan­i azifuni ukungiphen­dula zikhala ngokuthi ngingumunt­u wesithathu zinesivume­lwano nomthengi.

Umbuzo : Ngicela ukubuza ukuthi ngiwuthola­phi umbiko ocacisa ngesimo sami ezikweleti­ni ngoba ngifuna ukuthenga umuzi kodwa nginesikwe­leti engingasik­hokhi kahle.

Impendulo: Ziningi izinkampan­i ezibheka isimo sezikwelet­i enye yazo yiTransUni­on. Uyakwazi ukuyithume­lela isms ubhalise ngokushaye­la u-*120*8801# kwiselula ulandele abakushoyo. Uma ufuna ukubheka ukuthi igama lakho linjani kubiza u-R15, ukuthola uhlu lwezinkamp­ani ozikweleta­yo kubiza u-R10 kusebenza izindleko ezijwayele­kile zama-sms.

Niyacelwa nithumele imininingw­ane ephelele uma nidinga usizo lwezabathe­ngi, isib. Uma unesikwele­ti enkampanin­i ethile, sinike igama layo nenombolo yayo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa