Asenze okuzoba nomthelela omuhle kwabanye ‘O
KUSEMQOKA empilweni akukona nje ukuthi siphilile. Okumqoka wukuthi ukhona yini umthelela esibe nawo empilweni yabanye abantu nokuyikho okutshengisa ubumqoka bempilo esiyiphilile.”
Lawa ngamazwi anobuhlakani futhi ayiseluleko ashiwo nguMnuz Nelson Mandela ngoMeyi 18, 2002 emcimbini wokugubha iminyaka ewu-90 kwakukade kuzalwe ingqalabutho uWalter Sisulu.
Sivukuza la mazwi nje yingoba sifuna ukuhlaba umkhosi ebantwini baseNingizimu Afrika wokuba sikhumbule umyalelo weqhawe lethu uMadiba lokuthi akwenele ukuthi siyaphila nje lapha emhlabeni kepha kumele sikhumbule njalo ukwenza umehluko empilweni yabantu ngokuthi sisize, seluleke sibuyise nethemba kulabo abadinga usizo.
Isizwe kusasa sizobe sikhumbula uMadiba ngosuku lwakhe lokuzalwa kanti lolu suku lusetshenziselwa ukufeza wona impela umyalelo kaMadiba wokwenza umehluko empilweni yabanye, ikakhulukazi abahlwempu.
Ziningi izinto ezizobe zenziwa yizinkampani, yizinhlangano namalungu omphakathi kuleli sonto ukulekelela abaswele.
Kwaba wumbono omuhle impela lo ukuthi kube khona usuku lapho sonke sithola khona ithuba lokufaka igxalaba ekusizeni abaswele ngokunikela ngokuthile.
Siyiphephandaba kuyisifiso sethu ukuthi okuhle okuzokwenziwa kungangagcina nje kuphela ngenyanga kaJulayi kepha kube wumkhuba ozosijwayeza ukusiza, ukunikela nokunakekela.
Uma singaba amalungu omphakathi abuswa yilokho izwe liyoba ngcono.
Ukwenza umehluko empilweni yomuntu akuyona into edinga ukuthi uze ube nemali noma uphile ntofontofo.
Ukwenza izinto ezihambisana nobumnene, ukunikeza izeluleko eziqotho, ukwenza imisebenzi yezandla ezikhungweni ezisiza umphakathi, ngezinye izinto esingazenza singamalungu omphakathi zibe nomthelela omuhle komunye, ziguqule impilo yakhe.
Masikhumbule njalo umyalelo kaMadiba, senze okuba nomthelela empilweni yabanye.