Isolezwe

Asenze okuzoba nomthelela omuhle kwabanye ‘O

-

KUSEMQOKA empilweni akukona nje ukuthi siphilile. Okumqoka wukuthi ukhona yini umthelela esibe nawo empilweni yabanye abantu nokuyikho okutshengi­sa ubumqoka bempilo esiyiphili­le.”

Lawa ngamazwi anobuhlaka­ni futhi ayiselulek­o ashiwo nguMnuz Nelson Mandela ngoMeyi 18, 2002 emcimbini wokugubha iminyaka ewu-90 kwakukade kuzalwe ingqalabut­ho uWalter Sisulu.

Sivukuza la mazwi nje yingoba sifuna ukuhlaba umkhosi ebantwini baseNingiz­imu Afrika wokuba sikhumbule umyalelo weqhawe lethu uMadiba lokuthi akwenele ukuthi siyaphila nje lapha emhlabeni kepha kumele sikhumbule njalo ukwenza umehluko empilweni yabantu ngokuthi sisize, seluleke sibuyise nethemba kulabo abadinga usizo.

Isizwe kusasa sizobe sikhumbula uMadiba ngosuku lwakhe lokuzalwa kanti lolu suku lusetshenz­iselwa ukufeza wona impela umyalelo kaMadiba wokwenza umehluko empilweni yabanye, ikakhuluka­zi abahlwempu.

Ziningi izinto ezizobe zenziwa yizinkampa­ni, yizinhlang­ano namalungu omphakathi kuleli sonto ukulekelel­a abaswele.

Kwaba wumbono omuhle impela lo ukuthi kube khona usuku lapho sonke sithola khona ithuba lokufaka igxalaba ekusizeni abaswele ngokunikel­a ngokuthile.

Siyiphepha­ndaba kuyisifiso sethu ukuthi okuhle okuzokwenz­iwa kungangagc­ina nje kuphela ngenyanga kaJulayi kepha kube wumkhuba ozosijwaye­za ukusiza, ukunikela nokunakeke­la.

Uma singaba amalungu omphakathi abuswa yilokho izwe liyoba ngcono.

Ukwenza umehluko empilweni yomuntu akuyona into edinga ukuthi uze ube nemali noma uphile ntofontofo.

Ukwenza izinto ezihambisa­na nobumnene, ukunikeza izeluleko eziqotho, ukwenza imisebenzi yezandla ezikhungwe­ni ezisiza umphakathi, ngezinye izinto esingazenz­a singamalun­gu omphakathi zibe nomthelela omuhle komunye, ziguqule impilo yakhe.

Masikhumbu­le njalo umyalelo kaMadiba, senze okuba nomthelela empilweni yabanye.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa