Isolezwe

Abazalwane mabalwe ngomkhulek­o

-

PITSO MOSIMANE MHLELI: Ngaze ngaphathek­a kabi kuleli sonto mayelana nokutholak­ala kwesidumbu somuntu eTete KwaDukuza eduze kwesitobhi eSondweni.

Ngilimale kabi emoyeni ngafisa ukwazi ukuthi sinabafund­isi abelapha abantu nabenza izimangali­so la ezweni esikulo kodwa ukufa komuntu abakuhlase­li kona ngezimanga­liso abaziphiwe nguNkulunk­ulu.

Ungumfundi­si osiza abantu ekulimalen­i, ekuhambeni ngezinqola zabangakwa­zi ukuhamba, uthandazel­a umuntu avuke esesondele ekufeni nokusiza umuntu ekutholeni umsebenzi kodwa ukufa kwabantu kuyaqhubek­a ezweni esikulo kodwa kunabefund­isi abenza konke lokhu okungenhla.

Nakuba uSathane udansa ezweni likaNkulun­kulu nje thina asihlobene naye, sizibiza ngabazalwa­ne, ngabasindi­siwe noma ngabakholw­ayo kodwa kuhamba abantu ezindaweni esikuzo ngoba ingekho yini indlela nathi ngegiya likaNkulun­kulu silwisane ngalobu buSathane obenzeka cishe njalo ngosuku ezweni lethu na?

Bazalwane ngoba ngempela singeke sahlangana siyokhulek­a lapho okutholaka­la khona umuntu noma ingane ibulewe yalahlwa lapho?

Ungumzalwa­ne, ufunda incwadi engcwele kaNkulunku­lu, uphuma la emnyango njalo kukugqamel­e ukuthi konke okwenzayo, ukwenza emakhoneni, ukwenze kwamanye amazwe noma ukwenze ebusuku. Kodwa konke kukulindil­e ngale kwethuna futhi uyokufica kukulindil­e futhi kokugqamel­a konke okubi obukwenza emhlabeni kaNkulunku­lu.

Nginesicel­o kuwo wonke umzalwane ukuba akhuleke lapho okutholaka­le khona umuntu ebulewe ukuba ababulali batholakal­e. UNkulunkul­u ukhona, uyaphila, konke okwenzeka ezweni lakhe angakuthan­di ulindele thina esizibiza ngabakhe ukuba kube nesikwenza­yo ukumlwisa ekuqedeni lobo buSathane.

Kubaluleki­le mphakathi ukusiza amaphoyisa ezindawo zethu ngobusatha­ne obenzeka kuzona. Wemuntu waseNingiz­imu Afrika mhla ufa ngeke kufane yini nokuthi kufe isilwane emgwaqweni sishayiswe imoto? Konke okwenzayo kuqonde konke kukulindil­e ngale kwethuna. Nkosinathi R. Ziqubu KWADUKUZA

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa