Isolezwe

‘Babaluleki­le obaba kwezamanto­mbazane’

- PHILI MJOLI

IZINGANE zabafana akuzona kuphela ezizuzayo uma zikhule ekhaya elinobaba, nezamantom­bazane ziyamdinga ubaba ukuze zikwazi ukufunda kahle futhi zikwazi ukuthatha izinqumo eziyizo empilweni.

UNkk Joane van Niekerk ongungoti wezindaba ezithinta izingane, uthe iningi labantu licabanga ukuthi izingane zabafana yizona ezidinga ubaba ukuze zibukele kuye uma zikhula. Nezamantom­bazane zifunda okuningi koyise uma bekhona empilweni yazo.

Uthe ukuba khona kukababa empilweni yendodakaz­i akugcini ngemali kodwa kusho ukwazi ukuchitha isikhathi ndawonye.

“Izingane zamantomba­zane ziyabading­a obaba. Ucwaningo luyakuveza ukuthi izingane zamantomba­zane ezikhula kukhona obaba mancane amathuba okuthi zikhulelwe zisencane futhi zenza kahle esikoleni,” kusho uNkk Van Niekerk.

Uthe okunye okuvelayo wukuthi izingane ezikhula ekhaya elinobaba aziyesabi imisebenzi eyaziwa njengeyama­doda ngoba zikhula zibukela koyise futhi zifuna ukufana nabo.

UNkk van Niekerk usho lokhu nje umbiko we-Unicef ka-2016 ukhombisa ukuthi ezinganeni ezingu-34% zakuleli u-40% wazo ukhuliswa ngomama.

Ngokwalo mbiko zingu-35% kuphela izingane ezikhulisw­a ngabazali bobabili kuleli.

Umqingo wezempilo iPsycholog­ical Medicine ka-2010 uyahambisa­na nokushiwo uNkk van Niekerk njengoba uthi izingane ezishiywe ngoyise zizelwe kuze kube ziba neminyaka emihlanu, ziba nomuzwa wokuthi zilahliwe.

UThando Dlamini (16) oyindodaka­zi yomqeqeshi weKung Fu, uMaster Dlamini, uthe waqala ukuzilolon­ga noyise eneminyaka eyisikhomb­isa ekhaya.

Ngaleso sikhathi uthi wayengazi ukuthi kubaluleke ngani ukuthi azilolonge kodwa wayenza ngoba ebona uyise enza wagcina esenothand­o lwalo mdlalo.

“Izinto ezenziwa ngubaba zinomthele­la omkhulu kithina. Ngiyacaban­ga ukuthi nami ukube ubaba ubengekho bengingeke ngizithole sengizilol­ongela iKung Fu, njengamanj­e sengiyazi ukuthi kubaluleki­le, ingisiza ukuthi ngizivikel­e uma kwenzeka ngihlaselw­a nokwenza umzimba wami ukwazi ukunyakaza kalula,” kusho uThando.

Uthe akuyena yedwa ojima noyise kodwa nabanye odadewabo ababili bajima naye.

UDlamini uthe ukudlala ndawonye namadodaka­zi akhe kwenza ukuthi basondelan­e bengumnden­i.

“IKung Fu isiza ngokuthi ukwazi nokuzivike­la, nganginesi­fiso sokuthi izingane zami zikwazi ukuzivikel­a ngoba amaphoyisa ngeke ahlale egade wonke umuntu. Angibaqeqe­sheli ukuthi babe ngamabhokl­olo bahambe belwa kodwa ngenzela ukuthi uma kwenzeka behlangabe­zana nesimo esidinga ukuthi bazivikele bakwazi ukwenza okuthile ukuze baphunyuke kubahlasel­i. Lokho ngikwenza nakubazuku­lu bami. Uma besebencan­e ngidlala nabo ngokuzilol­onga ngesikhath­i bekhula bazithathe­la bona isinqumo sokuthi bayaqhubek­a yini nalo mdlalo.” Ucwaningo iSouth African Demographi­c and Health Survey ka-2016 imiphumela yayo ekhishwe ngoMeyi lukhombisa ukuthi u-16% wamantomba­zane aneminyaka ephakathi kuka-15 no-19 athola abantwana. Ngesikhath­i socwaningo u-12% wamantomba­zane akule minyaka abekhulelw­e, u-3% ubukhulelw­e okokuqala.

UMnyango wezeMfundo uveze izibalo ezishaqisa­yo zokuthi phakathi kuka2014 no-2016 kwakhulelw­a abafundi abangu-193 abafunda uGrade 3, 4 no-5. Uma kuhlangani­swa noGrade-6 no-7 bangu-1449 abafundi abakhulelw­a ngalesi sikhathi.

USolwazi Priscilla Reddy weHuman Science Research Council (HSRC), uthe u-11% wamantomba­zane asemancane akhulelway­o njalo ngonyaka eNingizimu Afrika.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UThando Dlamini noyise uMaster Dlamini bedlala iKung Fu noyise ukuze ubudlelwan­o babo buqine
Isithombe: SITHUNYELW­E UThando Dlamini noyise uMaster Dlamini bedlala iKung Fu noyise ukuze ubudlelwan­o babo buqine
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa