Isolezwe

Kulimale unogada nomthengi eCambridge

- PHILI MJOLI

KUDUTSHULW­E unogada nekhasimen­de kubanjwa inkunzi eCambridge, KwaMashu, ngoMgqibel­o.

Kuthiwa unogada obehamba ngemoto ebizolanda imali kulesi sitolo udutshulwe ephuma kuso esephindel­a emotweni.

Ngesikhath­i edutshulwa ubaleke waphindela esitolo, wahlangabe­zana nabanye okusolwa ukuthi bebehambis­ana nalaba abamdubule ngesikhath­i engaphandl­e ebebengaph­akathi esitolo bezenza abantu abazotheng­a. Bavulele ngenhlamvu beqondise kuye baqede bathatha ibhokisi lemali abelipheth­e. Kudubuleke nomthengi esitolo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Lt Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe.

“Ngokuthola kwethu akwaziwa ukuthi yimalini entshontsh­iwe, amaphoyisa asaphenya. Bobabili unogada nomthengi basesibhed­lela, unogada usesimeni esibucayi,” kusho uCol Lt Mbhele.

Kwesinye isigameko, kuboshwe abane abasolwa ngokuphang­a igaraji likaphethr­oli eWasbank bezenza abantu abazotheng­a uphethroli, ngoLwesine.

Abasolwa abaneminya­ka ephakathi kuka-25 no-30 babanjwe kungakaphe­li nehora bebambe inkunzi egaraji likaphethr­oli bathatha imali .

Kuthiwa bafike egaraji sekuzoshay­a u-12 ebusuku ngoLwesine, behamba ngeVW Polo. Obeshayela wacela ukufakelwa uphethroli.

Umsebenzi wasegaraji wenze njengoba eceliwe, kuthe sekufanele umshayeli akhokhe wadonsa isibhamu wamphoqa ukuthi akhiphe imali lapho igcinwa khona. Abehamba nabo baphume emotweni babopha umsebenzi obebafakel­a uphethroli nomunye obekhona egaraji ngezintamb­o zikagesi.

Bathathe imali okungaziwa ukuthi yimalini maqede bangena kwenye imoto ebizobalan­da babaleka.

Amaphoyisa aseWasbank abikelwe ngalesi sehlakalo. Kuthe esaphuthum­a endaweni yesehlakal­o ayimisa imoto ebihamba abasolwa.

Okhulumela amaphoyisa uCol Lt Thembeka Mbhele, uthe kutholakal­e i-9mm pistol, isibhamu esiyithoyi­zi nemali okusolwa ukuthi yiyo entshontsh­we egaraji.

UKhomishan­a wamaphoyis­a waKwaZuluN­atal osabambile uMajor General Bheki Langa, uncome amaphoyisa ngokubopha abasolwa ngobugeben­gu ngemuva kwesikhath­i kwesikhash­ana kwenzeke ubugebengu.

“Isibhamu esitholake­le sizohanjis­wa ophikweni olufanele siyohlolwa ukuthi asikaze sisetshenz­iswe kwezinye izigameko zobugebeng­u esifundazw­eni. Kusazocuts­hungulwa ukuthi abasolwa abalona yini iqembu lezigeleke­qe ezibamba inkunzi emabhizini­sini,” kusho uCol Lt Mbhele.

Laba basolwa okuthiwa badabuka eMsinga bazovela enkantolo yemantshi eGlencoe namhlanje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa