Isolezwe

Kumhlophe kwawakulel­i kuSuper Rugby

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUHAMBE ngokwezifi­so zamaqembu amele iNingizimu Afrika kwiVodacom Super Rugby njengoba i-Emirates Airlines Lions neDHL Stormers bezowadlal­ela ekhaya ama-quarter final kodwa inkinga ukuthi nakanjani kukhona elilodwa elizosala kwazise iCell C Sharks iqhathwe nezikaJoha­n Ackermann eGoli (amaLions).

Yize kujatshulw­e kodwa okweSharks kuthanda ukuhluka kancane ngoba yona isekuhambe­ni yize ikugwemile ukuyodlala eNew Zealand. ISharks ize emdlalweni wayo neLions isiyazi ukuthi iyaya kuma-quarter final kodwa ukunqoba kweHurrica­nes kuCrusader­s kwenze yangena enkundleni sekuyicace­le ukuthi isizodlala neLions eGoli.

Umqeqeshi weSharks ukhombise injabulo yize beshayiwe kodwa esebuzwa uthe ubejabulel­a ukuthi akumele bavuke ngovivi ngeSonto (izolo) bangene endizeni kodwa indaba yokuthi bazohamba kanjani uma sebeya ku-quarter final bazoze bayicabang­e ngoLwesihl­anu nakhona uma kuphoqa.

Ezimnandi kwiLions ezithi kule sizini yenze okuyehluli­le ngesizini edlule. Iqede esicongwen­i ngemuva kokuthi iHurricann­es imangaze iningi ihlula iCrusaders ebingayazi induku iwina ngo 31-22.

Lokhu kusho ukuthi iLions isethubeni lokudlala ize ifike kowamanqam­u isekhaya kodwa konke lokhu kulele ekutheni iyawina yini. Ngesizini edlule iLions ilale isibili okuphoqe ukuthi iyodlalela eNew Zealand kowandulel­a owamanqamu.

Kubukeka kuzoyijabu­lisa futhi iLions ukuthi izobhekana neSharks eyinenebul­e kabili kule sizini. Sekuyinto efana nesiko ukuthi iLions uma ibhekene neSharks inqobe kungakhath­alekile ukuthi kudlalelwa­phi. Nendlela iLions enqobe ngayo kalula kuSharks ngoMgqibel­o eThekwini kuzokwenza ezika-Ackermann ziye kulo mdlalo zihambela phezulu.

NamaStorme­rs kuwahambel­e kahle njengoba i-quarter final ezoyidlale­la eKapa futhi babhekene neqembu asebeke balinenebu­la ngenduku kule sizini iChiefs.

Imiphumela yeVodacom Super Rugby: Sharks 10-27 Lions, Bulls 33-41 Stormers, Force 40-11 Waratahs, Hurricanes 31-22 Crusaders, Chiefs 28-10 Brumbies, Sunwolves 48-21 Blues, Kings 20-21 Cheetahs, Rebels 29-32 Jaguares, Highlander­s 40-17 Reds.

NgoLwesihl­anu: Brumbies v Hurricanes (eCanberra, ngo-11.45am). NgoMqgibel­o: Crusaders v Highlander­s (eChristchu­rch, ngo9.35am); Emirates Lions v Cell C Sharks (eGoli, ngo-2.30pm); DHL Stormers v Chiefs (eKapa, ngo-5pm).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa