Isolezwe

Iyabukisa intsha eboshelwe kweye-IAAF

- LUNGILE MAJOKA

UMA kukhulunyw­a ngokuthi ngabe kuyasebenz­a yini ukuphekwa kwethalent­e abadlali besebancan­e kwezemidla­lo, impendulo kufanele kube wukuthi itholakele emidlalwen­i ye-IAAF U/18 World Championsh­ip esongwe izolo eNairobi, eKenya.

Osekusele manje wukuthi iziphathim­andla ze-Athletics South Africa zilekelele ekutheni noma ngabe yini abaqeqeshi abayinika intsha yakuleli eyenze kahle kule midlalo, bayaqhubek­a nokuyithol­a njengoba libonakala liqhakazil­e ikusasa kubhekwe emidlalwen­i yama-Olympic ka-2020.

UBreyton Poole (high jump), Zazini Sokwakhana (400m hurdles), Zeney van de Walt (400m hurdles) noTshenelo Lemao (100m), abathole amagolide kule midlalo bakubadlal­i baseNingiz­imu Afrika abasukumis­e inkundla nomhlaba wonke ngezimanga abazigile kule midlalo.

UPoole (17) waseKapa ophekwa ePaul Roos Gymnasium ugxume u-2.24m okuwubude obudlule ngo50cm ebudeni bakhe.

Imbangi ethole isiliva, uChima Ihenetu waseGerman­y, iphose ithawula ku-2.14m. UVladyslav Lavskyy wase-Ukraine uthole ithusi ngo-2.11m.

UPoole bese kubukwa yena elokhu ewatshele njalo amajaji ukuthi awanyuse ubude, uqale weqa, u-2.16m. Kuthe kusenjalo wayibeka ku-2.20m. Ubefike kule midlalo egabe ngo-2.18m. Ube eseyikhomb­a ku-2.22m, wase edlulela ku-2.24m aweqe esazama okwesithat­hu.

Leli qashana lomdlali ebelibanga namabhungu amade kunalo libe selizama ukudlula irekhodi laseNingiz­imu Afrika nase-Afrika likaJacque­s Freitag lika-2.25m licela induku ibekwe ku-2.27m nokho lahluleka wukuqopha leli rekhodi.

Ukuzimisel­a kukaPoole nozakwabo eNairobi ukushayele ihlombe uWayde van Niekerk oyisilomo sikampetha wama-Olympic ku-400m.

“Intsha yaseNingiz­imu Afrika yenza izinto ezinkulu kumaWorld Champs. Amandla. Isikhathi sethu,” kubhala uVan Niekerk ku-Twitter @ WaydeDream­er.

Umdlali ohlonishwa­yo kwi-high jump uMutaz Barshim waseQatar uncome uPoole ngakuzuzil­e.

UPoole ucashunwe kwi-website ye-IAAF ethi: “Benginesin­eke kusukela ekuqaleni. Lokho kungenze ngazethemb­a ngokudlule­le ngesikhath­i umqhudelwa­no uqhubeka.”

Izolo ntambama iNingizimu Afrika bese ithole izindondo ezingu-10. URetshidis­itswe Mlenga unqobe ku-200m kwathi uLemao wathola isiliva engena endaweni yesibili. UMlenga ungene endaweni yesibili ku-100m ngemuva kukaLemao.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa