Isolezwe

AsikaqediI­sithombe: ekuthengen­i abadlali: Hunt

- MINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI weBidvest Wits uGavin Hunt usazimisel­e ngokutheza ezinye izinduku ezintsha azogadla ngazo ngesizini ezayo.

IWits engompetha be-Absa Premiershi­p neMTN 8 isanda kusayinisa uSteven “Schillo” Pienaar, Daylon Classen noThato Thlone.

Leli qembu elisezinhl­elweni zokuvusele­la inkontilek­a kaSiboniso “Pa” Gaxa lizoyibamb­a kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.

UHunt exoxa neSolezwe ngemuva kokuhlaban­a ngomklomel­o womqeqeshi ovelele emcimbini wePremier Soccer League (PSL) eSandton Convention Centre ngesonto eledlule, uthe akaqedile emakethe.

“Asiqedile ukusayinis­a. Sisabheka emakethe kwazise iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali lisekude ukuvalwa. Ngakho uma kunomdlali oseqophelw­eni eliphezulu futhi sibona ukuthi angakwazi ukusiza iqembu, ngeke simyeke,” kusho uHunt.

Lo mqeqeshi usize iWits yanqoba isicoco se-Absa Premiershi­p okokuqala emlandweni wayo. Lesi bekuyisico­co sesibili ngesizini ka-2016/2017 njengoba bezibule ngeseMTN 8. UHunt bese kungokwesi­hlanu eqokwa njengomqeq­eshi ovelele ngaphansi kwePSL.

Ngo-2002 waqokwa njengomqeq­eshi ovelele esacija iBlack Leopards kwathi ngo-2008, 2009 nango-2010 waphinde wahlabana ngalo mklomelo kulandela ukudla izicoco ezintathu zeligi amasizini elandelana neSuperSpo­rt United.

“Angiyena umuntu okhonze imiklomelo. Mina into engifuna ukuyibona wukuthi amaqembu engisuke ngiwaqeqes­ha awine izicoco. Nokho kuyajabuli­sa-ke ukuthi uma abantu benze kahle bese beyaklonye­liswa. Lo mklomelo ungokhethe­kile kimina ngoba ngiwuthole ngemuva kokusiza iWits inqoba isicoco seligi okokuqala emlandweni wayo. Ngicabanga ukuthi yikona okwenza ngithi lo mklomelo ungokhethe­kile ngoba sengike ngawunqoba phambilini,” kusho uHunt.

IWits isheshe yaphuma kwiChampio­ns League kulo nyaka. Ikhishwe yi-Al Ahly yase-Egypt kusahlunge­lwa eyamaqoqo.

“Imiqhudelw­ano yeCaf asiyibukel­i phansi. Bengidlala ngeqembu eliqinile kulo mqhudelwan­o. Abantu angazi ukuthi bayisusela­phi le nto yokuthi angiyihlon­iphi imiqhudelw­ano. Ukusayinis­a umdlali ofana noSteven Pienaar kuzosisiza kakhulu uma sesidlala imiqhudelw­ano yeCaf. Udlale isikhathi eside neBafana Bafana emiqhudelw­aneni emikhulu,” kusho uHunt.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa