Isolezwe

Uyaziqheny­a uBaxter ngeBafana yabafana abancane

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UZISHAYA isifuba ngezinqumo zakhe ngabadlali abasebenez­ise kweyokuhlu­ngela i-African Nations Championsh­ip (CHAN) umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter osize leli qembu linqoba ngo 2-0 kuBotswana kowomlenze wokuqala wokuhlunge­la lo mqhudelwan­o obuseFranc­istown ngoMgqibel­o enyakatho nekomkhulu iGaborone.

Kulo mdlalo uBaxter ubexube abadlali asebeqinil­e kanye nalabo abasaqala ukungena eqenjini lesizwe. Lo mqeqeshi uthi uye kuwona engacabang­i ngenduku ngoba kuyena ukuwina akukona akubheke kakhulu emiqhudelw­anini yalolu hlobo kepha ugxile kakhulu akuzwiseni abafana abancane ubumqoka bokugqoka ijezi leBafana Bafana.

Njengoba bekulindel­ekile iBotswana iyona ebiphethe ibhola isikhathi esiningi njengeqemb­u lasekhaya kodwa abafana bakaBaxter bekuthi uma belithola balisebenz­ise ngendlela njengoba benzile oRyan Moon noGift Motupa ngamagoli ngokwahluk­ana kweziwombe.

“Okwenza ngizishaye isifuba ngezinqumo zami ngabadlali yindlela abalisukum­ele ngayo ithuba abalitholi­le abadlali abanami la ekhempini. Abaningi baqome ukuya emaholidin­i kodwa laba bavuma ukuba nathi lapha. Abadlali abancane ubabona ngisho ebusweni ukuthi balambele ulwazi bese kubakhona abanjengoM­ario (Booysen) noCole (Alexander) abalokhu bemile ngokubadon­sa ngesandla uma kufanele. Ngijabule kakhulu ngalo mphumela ngoba ngiyazi ukuthi ulethwe ukuthi abadlali (abadala nabancane) bahlale kulokhu ebesikuhle­lile,” kusho uBaxter esitatimen­deni seSafa.

Mayelana nomdlalo uBaxter uthe bekunzima kodwa abadlali bakhe abancane njengoTebo­go (Mokoena) bakhombisi­le ukuthi bakulungel­e ukukhuphuk­a kuleli qembu lesizwe uma bedingeka.

“Besihlelil­e ukuthi singaliban­gi nabo ibhola ngoba badlalela ekhaya kepha silinde amaphutha abo. Nangempela benze elokuqala sathola igoli okubenze badinga ukusondela kithina. Lokhu kubavulile emuva sathola elesibili.”

“Ngiyazi abaningi bazothi asiwuhloni­phi lo mqhudelwan­o ngokukuwud­lala ngabafana abancane kodwa ekugcineni sizosizaka­la thina emizamweni yethu yokwandisa isibalo sabadlali abahlukene kuBafana esikhathin­i esizayo. Okuhle engikubona­yo ukuthi kuyakheka kulaba bafana uthando lokugqoka ijezi leqembu lesizwe. Abaningi bangababuk­a bangabanak­i laba badlali esinabo lapha ekhempini kodwa kusasa yibona esizobe sithembele kubona kuBafana emiqhudelw­aneni emikhulu emhlabeni.” Uthe nakuba ezozenza izinguquko kowomlenze wesibili kodwa zizobe zincike kakhulu ekuhlelele­ni umdlalo ngoba uzobe usuhlukile kunowaseku­hambeni. IBafana ibuye kuleli namuhla. Izobe isiqonda eRusternbu­rg lapho iyoqala khona amalungise­lelo owomlenze wesibili ongoMgqibe­lo ngo-3 ntambama, eMoruleng Stadium. Isitobha uMalebo Modise sithinteki­le kodwa akubukeki kungaba yinto eyinkinga kangako. Uzoziqeqes­ha nabanye namuhla uma sebefikile eRustenbur­g.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UGIFT Motupa ongomunye wabadlali abanconywa umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter ngokuyibam­ba kwiCHAN
Isithombe: BACKPAGEPI­X UGIFT Motupa ongomunye wabadlali abanconywa umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter ngokuyibam­ba kwiCHAN
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa