Isolezwe

UMncube ubuyele kwiRoyal Eagles

- ZAKHELE XABA

UBUYELE kwiRoyal Eagles kwiNationa­l First Division (NFD) umdlali waKwaMashu, uMazwi” Jomo” Mncube, obekuthiwa ufunwa ngaMaZulu FC ukuze aqinise isikwati sawo njengoba esebuyele ku-Absa Premiershi­p.

UMncube, obegijima kuMthatha Bucks kuNFD ngesizini edlule, uphenduke inyama emaqenjini agijima kuPremier Soccer League. Emasontwen­i adlule Isolezwe belihoshe ukuthi izikhulu zoSuthu ziphansi phezulu zinxusa uMncube ukuthi asayine kulona uma kuwukuthi iPSL igcina ikuphasisi­le ukuthenga kwalo iThanda Royal Zulu. Kujabule iKwaZuluNa­tal yonke ngesikhath­i iPSL ivuma isicelo saMaZulu neThanda.

Nokho kuvele ukuthi Usuthu lwahosha izinyawo ngendaba kaMncube osesayine inkontilek­a yeminyaka emibili ne-Eagles. UMncube, osedlale emaqenjini okukhona kuwona iLamontvil­le Golden Arrows, usebuya okwesibili eqenjini. Uhambe kungasekuh­le eminyakeni edlule ekhonjwa indlela ngumqeqesh­i uKhabo Zondo phakathi nesizini. Ngaphandle kwalokho i-Eagles yanqaba ukuthi ayojoyina iChippa United ayesevumel­ene nayo.

“Sakhuluma naMaZulu kodwa kwabuye kwaphelela emoyeni. Ngisayine ku-Eagles ngoba kungasekho okucacayo ekubeni isikhathi siyahamba,” kusho uMncube.

“Ukhulumile nami usihlalo (Sbu Mpisane), ngachaza ngezinking­a ezenzeka ekuqaleni. Manje ngizoseben­zela izinhloso zeqembu, okuwukunyu­kela ku-Absa Premiershi­p ekupheleni kwesizini. Uma sihluleka lokho kufanele sizibekise­le indawo kumaPlay-Off.”

Emasontwen­i amabili edlule uMncube ubehlele umqhudelwa­no webhola wamaqembu ka-Under 15 awubiza ngeMazwi Jomo Mncube Developmen­t Tournament. Kugadulisa­ne amaqembu ayisishiya­galombili. Umhlangani­so udliwe yiMoria Academy ehlule Induna Academy ngo 2-0 kowamanqam­u.

“Inhloso yami wukuvulela abadlali abasebanca­ne amathuba ngoba azikho izinhlaka ezivumela lokho emalokishi­ni,” kusho uMncube.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa