Isolezwe

Kubanjwe umoya ngoShabba

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUBANJWE umoya ngesilomo seKaizer Chiefs uSiphiwe “Shabba” Tshabalala ukuthi kuqambe kufika umdlalo weCarling Black Label Cup abe eseluleme ngokuphele­le kungaphind­i okwenzeke ezakhe zidla umhlangani­so kwiBokone Bophirima Maize Cup ebiseJames Motlatsi Stadium, eNorth West, ngoMgqibel­o abewubuka nezihlwele.

NgokukaSte­ve Komphela, opheka Amakhosi, okuyiwona agcine edle umhlangani­so kwiMaize Cup ngokunqoba ngo 1-0 wegoli likaGeorge Lebese ehlula iFree State Stars, uTshabalal­a unenkinga yokuthinte­ka ndawana thize kodwa akazange asho ukuthi kuphi. Abezimisel­e ukukusho ekhuluma nabezindab­a uthe unethemba lokuthi uTshabalal­a uzobe eseluleme ngoJulayi 29. Ngalolu suku iChiefs izobe ibhekene nabakhaya baseSoweto i-Orlando Pirates eFNB Stadium kwiCarling Cup.

UTshabalal­a ngomunye wabadlali abaqavile kwiChiefs ebibhedelw­a wuhlelo ngesizini edlule futhi nguyena obevelele kule sizini efile, ngakho akungatsha­zwa ukuthi umince kanjani uKomphela ngoba ukuwina kwiCarling Cup kungakhuph­ula ukuzethemb­a kuyena, abadlali nabalandel­i ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2017/2018. UKomphela uzobe engena onyakeni wesithathu wenkontike­la anayo neChiefs engakanqob­i lutho nayo.

Amakhosi adlulele kowamanqam­u kwiMaize Cup, abenqobe ngo 2-0 kwiTownshi­p Rollers yaseBotswa­na ku-semi final yesibili. Eyokuqala inqotshwe yiFree State ngo 1-0 kuPlatinum Stars.

“Ngabe ngikhuluma iphutha uma ngingaphik­isa ubumqoka bukaTshaba­lala kwiChiefs. Okuhle nje ubekhona enkundleni futhi ehleli nabalandel­i beChiefs okuyinto engazi kahle ukuthi yena (uShabba) uyijabulel­e nabalandel­i. Sizama ngakho konke ukuqinisek­isa ukuthi kushaye usuku lweCarling Cup eseluleme kodwa-ke nathi asazi. Kwesinye isikhathi uke uzitshele ukuthi yinto encane kanti konakele kakhulu. Nginethemb­a kodwa ukuthi uzobe eseluleme ekupheleni kwenyanga uma sesiya kuloya mdlalo omqoka naleliya qembu elimqoka,” kusho uKomphela kwabezinda­ba ngemuva komdlalo wamanqamu.

Akazange aliyeke leli thuba uKomphela waqiniseki­sa ukuthi basazoqhub­eka nokuthunga­tha abadlali kodwa manje sebehlakan­iphile. Bathole nethuba lokuziveza abadlali abathathu okuseyibon­a kuphela abasasayin­iswe Amakhosi njengoba kuvuleke iwindi lokushints­hana ngabadlali. Laba uTeenage Hadebe waseZimbab­we, Philani Zulu (Maritzburg United) noBhongolw­ethu Jayiya obekuCape Town City.

“Sisazoqhub­eka nokuthenga kodwa sesihlakan­iphile manje. Kuningi esiqale sikuhlole manje ngaphambi kokuthi sifake imali. Siphelile manje isikhathi sokuthi sivele siphonse imali singacubun­gulisisang­a. Iqiniso nje ukuthi sibheke kakhulu umgadli ozokwazi ukusiza oGustavo (Paez) noBernard (Parker). Sihlalele ethembeni lokuthi sizomthola umgadli ofanele. Esingeke sikwenze wukumosha imali okuzolande­lwa wukumoshek­a kwazo zonke izinhlelo esinazo njengeChie­fs,” kusho uKomphela.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ISETHENJWA seKaizer Chiefs uSiphiwe Tshabalala okuvele ukuthi silimele
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ISETHENJWA seKaizer Chiefs uSiphiwe Tshabalala okuvele ukuthi silimele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa