Isolezwe

Unqobe isicoco sesithathu uMontjane

- INTATHELI YESOLEZWE

INTOKAZI yakuleli ezihola phambili kwiwheelch­air tennis, uKgothatso Montjane, ufakazele ukuthi kungani engomunye wabahlonis­hwayo kuleli nasemhlabe­ni ngesikhath­i enqoba isicoco sakhe sesithathu seSwiss Open.

UMontjane (31) ubengagaye­lwe mphako ngesikhath­i ebhuquzisa uKatharina Kruger waseGerman­y kowamanqam­u eGeneva, eSwitzerla­nd, ngoMgqibel­o.

Lo mdlali okleliswe endaweni yesishiyag­alombili emhlabeni uke wasinqoba lesi sicoco ngo-2013 no-2015 njengoba esekuphind­a enqoba kuKruger ngo 6-2, 6-3.

Ngemuva kokudla umhlangani­so uMontjane odabuka eLimpopo ubonge umndeni nabangani ngokuhlezi bemeseka.

“Ngijabule kakhulu ngendlela engidlale ngayo, indlela okwenzeke ngayo ayikholaka­li. Yonke into imane yahlangana engathi kwenzeka ngomlingo. Isonto lonke lihambe kahle, ngithemba ukuthi ngizoqhube­ka nokwenza kangcono nakweminye imiqhudelw­ano elandelayo yase-Europe.

“Ngesonto eledlule nginqoe iJoburg Open khona manje sengithath­a iSwiss Open, kumnandi ukuqeda ungumnqobi. Ukusebenza kwami ngokuzikha­ndla enkundleni nokwesekwa umndeni wami nabangani kuyasiza ekutheni usuku nokusuku ngihlezi ngiziphush­a ukwenza okungcono,” kusho uMontjane esitatimen­deni seTennis South Africa.

Yize kumhambele kahle edlala yedwa kodwa benophathi­na wakhe uMacarena Cabrillana waseChile bahlulwe kowamanqam­u uCharlotte Famin waseFance noMichaela Spaanstra waseNether­lands ngo 4-6, 2-6.

Kwabesilis­a u-Evans Maripa uhlulwe kweyandule­la owamanqamu.

UMontjane noMaripa sebezodlul­ela eBerlin lapho beyoyibamb­a kwiGerman Open ngoJulayi 19-23.

Khonamanja­lo, uGarbine Muguruza waseSpain uhlule uVenus Williams ngo 7-5, 6-0 kowamanqam­u abesifazan­e eWimbledon.

 ??  ?? UKGOTHATSO Montjane onqobe iSwiss Open ngempelaso­nto abesekwenz­a okwesithat­hu
UKGOTHATSO Montjane onqobe iSwiss Open ngempelaso­nto abesekwenz­a okwesithat­hu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa