Kumhlophe kwawakuleli kuSuper Rugby
KUHAMBE ngokwezifiso zamaqembu amele iNingizimu Afrika kwiVodacom Super Rugby njengoba i-Emirates Airlines Lions neDHL Stormers bezowadlalela ekhaya ama-quarter final kodwa inkinga ukuthi nakanjani kukhona elilodwa elizosala kwazise iCell C Sharks iqhathwe nezikaJohan Ackermann eGoli (amaLions).
Yize kujatshulwe kodwa okweSharks kuthanda ukuhluka kancane ngoba yona isekuhambeni yize ikugwemile ukuyodlala eNew Zealand. ISharks ize emdlalweni wayo neLions isiyazi ukuthi iyaya kuma-quarter final kodwa ukunqoba kweHurricanes kuCrusaders kwenze yangena enkundleni sekuyicacele ukuthi isizodlala neLions eGoli.
Umqeqeshi weSharks ukhombise injabulo yize beshayiwe kodwa esebuzwa uthe ubejabulela ukuthi akumele bavuke ngovivi ngeSonto (izolo) bangene endizeni kodwa indaba yokuthi bazohamba kanjani uma sebeya ku-quarter final bazoze bayicabange ngoLwesihlanu nakhona uma kuphoqa.
Ezimnandi kwiLions ezithi kule sizini yenze okuyehlulile ngesizini edlule. Iqede esicongweni ngemuva kokuthi iHurricannes imangaze iningi ihlula iCrusaders ebingayazi induku iwina ngo 31-22.
Lokhu kusho ukuthi iLions isethubeni lokudlala ize ifike kowamanqamu isekhaya kodwa konke lokhu kulele ekutheni iyawina yini. Ngesizini edlule iLions ilale isibili okuphoqe ukuthi iyodlalela eNew Zealand kowandulela owamanqamu.
Kubukeka kuzoyijabulisa futhi iLions ukuthi izobhekana neSharks eyinenebule kabili kule sizini. Sekuyinto efana nesiko ukuthi iLions uma ibhekene neSharks inqobe kungakhathalekile ukuthi kudlalelwaphi. Nendlela iLions enqobe ngayo kalula kuSharks ngoMgqibelo eThekwini kuzokwenza ezika-Ackermann ziye kulo mdlalo zihambela phezulu.
NamaStormers kuwahambele kahle njengoba i-quarter final ezoyidlalela eKapa futhi babhekene neqembu asebeke balinenebula ngenduku kule sizini iChiefs.
Imiphumela yeVodacom Super Rugby: Sharks 10-27 Lions, Bulls 33-41 Stormers, Force 40-11 Waratahs, Hurricanes 31-22 Crusaders, Chiefs 28-10 Brumbies, Sunwolves 48-21 Blues, Kings 20-21 Cheetahs, Rebels 29-32 Jaguares, Highlanders 40-17 Reds.
NgoLwesihlanu: Brumbies v Hurricanes (eCanberra, ngo-11.45am). NgoMqgibelo: Crusaders v Highlanders (eChristchurch, ngo9.35am); Emirates Lions v Cell C Sharks (eGoli, ngo-2.30pm); DHL Stormers v Chiefs (eKapa, ngo-5pm).