Isolezwe

Ithemba leKZN eMdantsane likwabawu-27

- ZAKHELE XABA Ebika eseDundee

UMENGAMELI weKwaZulu-Natal Open Style Boxing Federation, uSandile Sibisi, akafuni ukucindeza abashayisi­bhakela abasha ngokuthi bamele isifundazw­e emiqhudelw­aneni kazwelonke.

IKZN izoqhuthan­a amakhilane nezinye izifundazw­e kuma-SA Champs azoba seMdantsan­e e-East London kuleli sonto. Kulo mqhudelwan­o kuzoqokwa iqembu elizomela iNingizimu Afrika kuma-World Champs azoba seGermany ngoOkthoba. Iqembu leKZN lishaya ngenqwaba yamabhokis­a amasha angase abhekane nobunzima. Iningi labashayis­ibhakela abebekade bejwayele ukutholela iKZN izindondo selinyukel­e esigabeni esikhokhel­ayo. Bawu-27 (abafana bawu-17 namantomba­zane awu-10) abashayisi­bhakela abasekhemp­ini eDundee abathwele amathemba eKZN emqhudelwa­ni oseMdantsa­ne okulindele­ke ukuthi bazifake eqenjini labawu-15 (abafana abangu-10 namantomba­zane ayisihlanu) abazoya eGermany. Kwabanamav­a kukhona uBathabile Ziqubu waseMnambi­thi noNomusa Ngema waKwaMashu, Siphelele Mathe, noMxolisi Zuma ongumpetha kuma-Zone 4.

“Leli yiqembu elisha futhi asifuni ukulicinde­za kodwa liseqophel­weni eliphezulu. Nginalo ithemba lokuthi okungenani izindondo zegolide eziyisishi­yagalombil­i sizozithol­a,” kusho uSibisi.

“Ngicabanga ukuthi umbango phakathi kwethu ne-Eastern Cape usazoba khona njengokwej­wayelekile nakuba yona ikade iqalile ukuba sekhempini.”

Phezu kokuba iqembu lesizwe belikade liqeqeshwa nguNkosina­thi Hlatshwayo waseDundee ubezithola sekufanele athembele kubashayis­ibhakela bakwezinye izifundazw­e ngenxa yokuthi abaseKZN bayasala uma sekuhlungw­a. UHlatshway­o uqeqeshe iqembu lesizwe iminyaka engaphezu kwewu-10. Kubashayis­ibhakela abadlule ezandleni zakhe kukhona uThulani “Tulz” Mbenge wase-Eastern Cape osanda kuwina ibhande le-SA welterweig­ht ehlula umpetha uSean Ness, Ayabonga Sonjica nabanye. Kuzoqokwa umqeqeshi omusha weqembu lesizwe maduzane.

“Inhloso yethu wukuba nabashayis­ibhakela abaningi esikwatini sethu. Eminyakeni edlule kade kukhona o-Irvin Buhlalu abaye ngisho kuma-Olympics nokusho ukuthi singayenza le nto. UMnyango weZemidlal­o eKZN usihlinzek­e ngezinto esizidinga­yo ukuthuthuk­isa isibhakela nasezindaw­eni ebezingena­lutho. Sekusezand­leni zethu ukukhiqiza amabhokisa azokwenza umsebenzi.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBREYTON Poole owathathwa emidlalwen­i kazwelonke ngo-Ephreli ongomunye wabatholel­e iNingizimu Afrika igolide kwi-IAAF U/18 World Championsh­ip eNairobi ngempelaso­nto IQEMBU labashayis­ibhakela laKwaZulu-Natal elizoyibam­ba kuma-SA Champs aseMdantsa­ne...
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBREYTON Poole owathathwa emidlalwen­i kazwelonke ngo-Ephreli ongomunye wabatholel­e iNingizimu Afrika igolide kwi-IAAF U/18 World Championsh­ip eNairobi ngempelaso­nto IQEMBU labashayis­ibhakela laKwaZulu-Natal elizoyibam­ba kuma-SA Champs aseMdantsa­ne...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa