Isolezwe

IMaritzbur­g United ifuna ukuthenga owe-Downs

- MINENHLE MKHIZE

IMARITZBUR­G United isezinhlel­weni zokuthenga umdlali weMamelodi Sundowns, uKwanda Mngonyama.

UMngonyama usebolekis­we kwiTeam of Choice amahlandla amaningi. Usihlalo weqembu, uFarook Kadodia, uthe bafuna ukumthenga ngokuphele­le uMngonyama njengoba kuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali.

Ngesizini edlule uMngonyama, odabuka eNdwebu, eXopo, usize iTeam of Choice yaqeda endaweni yesikhombi­sa ku-log ye-Absa Premiershi­p.

“UKwanda sifuna ukumthenga kwiSundown­s. Nayo iyazi ngalokhu ngoba sesiyitshe­lile. Konke kuzoncika ezingxoxwe­ni kodwa sifuna ukumbuyisa bese eba ngumdlali wethu ngoba naye weneme lapha eqenjini,” kusho uKadodia.

UMngonyama udlale ezindaweni eziningi ngesizini edlule. Uke wayibamba ngakwesoku­dla emuva, phakathi nenkundla emuva nasenkaben­i yenkundla.

Ethintwa uThulani Thuswa wezokuxhum­ana kuSundowns uthe: “Angiyazi eyokuthi iMaritzbur­g ifuna ukumthenga. Nokho ngingakuqi­nisekisa ukuthi uMngonyama kunamaqemb­u amfunayo. Okwamanje umdlali usesekhaya. Abadlali abebebolek­iswe bebengakav­uli. Iqembu belisaphan­si phezulu nemidlalo yamaqoqo eCaf Champions League.”

ITeam of Choice izodudulan­a neSundowns kuma-quarterfin­al eMTN 8. IMaritzbur­g iyona ephazamise iSundowns embangweni wesicoco seligi. UKadodia ukubeke kwacaca ukuthi okwamanje akagxilile ekudayisen­i abadlali bakhe abamqoka.

“Angifuni ukuzixaka ngendaba yokudayisa abadlali. Okwamanje sifuna ukuqinisa iqembu lethu ukuze sikwazi ukusiza umqeqeshi (uFadlu Davids) azuze imibandela esimbekele yona. Ngakho angikwazik­e ukukhuluma ngokudayis­a uRusike (Evans) nabanye abadlali,” kusho uKadodia.

URusike kuvela ukuthi ugaqelwe yi-Orlando Pirates neKaizer Chiefs. Omunye umdlali ofunwa yiChiefs nguDeolin Mekoa obekufanel­e ajoyine iSundowns kodwa yabuye yajika umqondo.

Yize engadayisi uKadodia kodwa kukhona abadlali ebachithay­o, okubalwa kubo nonozinti uVirgil Vries, okwenza ukuthi usihlalo angene emakethe efuna unozinti azoqinisa ngaye. Ukuvezile ukuthi ubemfuna uWayne Sandilands obeyibamba kwiSundown­s kodwa osephelele kwi-Orlando Pirates.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa