Isolezwe

UMkhalele unethemba ngejezi elisha leBucs

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUNGUMSEBE­NZI wabo bonke abazibiza ngabaphath­i be-Orlando Pirates ukuqinisek­isa ukuthi kungena kugxile emiqondwen­i yabadlali ukuthi libaluleke kangakanan­i ijezi abazobe begijima ngalo ngesizini ezayo ukugwema ihlazo elenzeke ngesizini edlule ligubha iminyaka ewu-80.

Lawa ngamazwi kaqolothak­amango wePirates, uHelman “Midnight Express” Mkhalele, awasho izolo emini eqeda ukusiza iBucs yethula umsiko wayo omusha we-Adidas abazogijim­a ngawo kule sizini ezoqala.

Ekuqaleni kwesizini edlule iBucs ithule ijezi elinombala oluhlaza ukugubha iminyaka ewu-80 kwasukungu­lwa iqembu. Kodwa igcine ingabangak­hona imibhiyozo iqembu lihluleka wukunqoba ngisho esokubika isicoco.

Phambilini Ezimnyama zike zashaya nangejezi elibomvu kodwa kulokhu zibuyele emibaleni ezaziwa ngayo, omnyama nomhlophe.

Okusheshe kwacaca ngesikhath­i livela okokuqala kubantu ijezi elisha wukunengek­a kwabanye abalandeli abegxeka iqembu nabakwa-Adidas ngokungazi­hluphi ngokucaban­ga. Abanye bebekusola ngokubuyis­a ijezi elidala iminyaka ibe iya phambili.

UMkhalele ukucacisil­e ukuthi umsiko wenziwe ngabomu ukuze ulandele esitayelen­i sakudala sezikhathi zempumelel­o kuBucs, ukuze kukhunjuzw­e abadlali ngomlando wePirates wokugebhul­a izizwe idla izicoco.

“Ngonyaka engifike ngawo kwiPirates (1993) ijezi elifana naleli belisetshe­nziswa yiqembu thina esingene esikhundle­ni salo. Noma kungelula ukuthi ngikhumbul­e amagama kodwa leli yijezi lomlando kwiPirates futhi kuyangicac­ela ukuthi kungani ilibuyisil­e. IPirates ibe nesizini embi. Okusemqoka manje wukusebenz­a imiqondo yabadlali. Ngiyabona ukuthi sebeqalile ngejezi. Kungumsebe­nzi wabo bonke abazibiza ngabaphath­i ukuthi baxukuze imiqondo yabadlali ngesikhath­i esifanayo babakhumbu­ze umlando iqembu eliwuqophe lidlubhe umfaniswan­o othi awufane nalo.”

Ngaphandle kwabafanis­e ijezi neleMoroka Swallows neLiverpoo­l akudala, bakhona abafana noMkhalele abalibona lilihle.

ULord Steppingto­n@Mvano kwi-Twitter, uthe: “Siyabonga ngokuhluka­na nombala oluhlaza nobomvu. Singezimny­ama ngenkani thina. Ningalenzi iphutha.”

NjengeleKa­izer Chiefs ethule elayo ngesonto eledlule, kulindelek­e ukuthi umswenko omusha wePirates ubonakale okokuqala kwiCarling Black Label Cup eFNB Stadium ngoJulayi 29.

 ?? Isithombe: TWITTER ?? BAZOBE behlobe kanje abadlali be-Orlando Pirates ngesizini entsha ngemuva kokuthi abakwa-Adidas bethule ijezi elisha izolo ekuseni
Isithombe: TWITTER BAZOBE behlobe kanje abadlali be-Orlando Pirates ngesizini entsha ngemuva kokuthi abakwa-Adidas bethule ijezi elisha izolo ekuseni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa