Isolezwe

Ugeqe amagula efakaza kolwaseGle­be

- MHLENGI SHANGASE MHLENGI SHANGASE

UKUDAYISWA kwemibhede nokufuna amandla okuphatha yikhona okungumsuk­a wokubulawa kwabantu ehostela iGlebeland­s eMlaza.

Lokhu kuvezwe ngowayesek­omitini lezokuphep­ha eGlebe ongasahlal­i khona ngenxa yovalo.

Ufakazi, ongeke adalulwe njengokwes­inqumo sekhomishi­ni ephenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki, uthe usathuka izanya yize engasahlal­i ehostela.

“Siyesaba, uhamba ujeqeza ngoba ungabulawa noma nini. Ngisho ungasahlal­i kule ndawo uyalandelw­a. Baningi abanye abafowethu ababulawa phambi kwethu,” kusho ufakazi.

Ubefakaza phambi kwekhomish­ini ka-Advocate Marumo Moerane enezigcawu eThekwini kuleli sonto.

Ufakazi oneminyaka engu-45, uthe wafika ehostela ngo-1989.

“Ngafika ngizofuna umsebenzi, isimo sasingenje. Ukubulawa kwabantu ngenxa yemibhede kuqale ngo-2013. Imibhede ingumsuka wokubulawa kwabantu ngoba uma kukhona ophumile endlini esethathe impeshenin­i umbhede udayiswa ngoR1000. Izinkabi ke zangena ngenxeba lokuthi ziyahlomul­a ekudayiswe­ni kwemibhede,” kusho ufakazi.

Uthe kunabaholi be-ANC ababengaha­mbisani noxolo ehostela ngoba behlomula.

“Ngibalekil­e ngonyaka odlule ngayohlala kwenye indawo ngoba nami bese ngizobulaw­a. Kwathi ngelinye ilanga ngiya emsebenzin­i ngashayelw­a ngenye insizwa ingazisa ukuthi angingabe ngisaya kogibela eMega City ngoba kukhona ababengicu­thele. Ngadlula ngetekisi ngabona kume abafana ababili befake okufihla ubuso. Thina esasisekom­itini besidutshu­lwa ngoba kukhona omunye uzakwethu owadutshul­wa egeza wasinda,” kusho ufakazi.

Uthe oshoyo ukuthi ubani ozobulawa yiphoyisa elalihlala ehostela.

“Uma lingakasho ukuthi ubani akabulawe ubengabula­wa. Beliqoqa imali kuthiwe kuzothengw­a izibhamu. Kwaqoqwa u-R9000 kwathengwa isibhamu esasetshen­ziswa kudutshulw­a eBlock R,” kusho ufakazi.

UNgqongqos­he wezokuPhep­ha koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe kunamaphoy­isa amabili asesusiwe eGlebe asolwa ngokugwazi­sa abantu ukuze kusulwe amacala. Uthe azobhekana nengalo yomthetho. akazi mine endlini ngayinye. EGlebe kunama-block angaphezul­u kuka70, ngakho inkulu imali eqoqwayo ukuze kukhokhelw­e izinkabi. Imali iqoqelwa ukuthi kuthengwe izibhamu nezinhlamv­u kuthiwe kuvikelwa abahlali.”

Ohola ubufakazi u-Advocate Bheki Manyathi ubuze uNksz Burger nofakazi ukuthi ngabe izinkabi eziseGlebe zisetshenz­iswa kusona sonke yini isifundazw­e.

“Abanye ofakazi abane abafakaza ngeGlebe bathi lezi zinkabi zisebenza isifundazw­e sonke, ngabe lokhu kuyiqiniso? Ngabe ukubulawa kwabantu kuhlobene yini nezombusaz­we, amandla okulawula indawo nokuzicebi­sa?” kubuza uManyathi.

UNksz Burger nofakazi bavumile ukuthi kunenhlese yezepoliti­ki odabeni lwaseGlebe nokuthi izinkabi zisuke zifuna ukuzicebis­a. “Ihostela liyisizind­a se-ANC ngakho awukho umbango wokuhlukan­a kwezepolit­iki. Akufani nakwamanye amahostela ahlukene kakhulu ngokwamaqe­mbu. Lapha kubulalana abantu be-ANC.”

Usole umasipala namaphoyis­a ngokuhlule­ka wukulungis­a isimo

Uchithe isiphakami­so sokuthi kulethwe amasosha azoqapha wathi lokhu kuzokwenza umphakathi uhlale ngokwesaba.

“Into engasiza ngukuthi kuhlakazwe ubuholi begatsha le-ANC kuxoshwe nekhansela ngoba abantu kade babekhala ngalo. Akubuyekez­we namathenda nalabo abawathola­yo ngoba indaba yaseGlebe ithinta namathenda ngoba kukhona abadlayo ngokungabi­khona kozinzo ehostela,” kuqhuba uNksz Burger.

Uthe bawu-22 000 abantu abahlala ehostela esikhundle­ni sabantu abawu-10 000.

“Ezindlini okumele ngabe kuhlala abantu abane, kugcina sekuhlala inqwaba yabantu kuzo. Umasipala awazi nokuthi wobani abahlala kuzo.” Uthe cishe ama-block angu-14 aphethwe yizinkabi.

 ?? Isithombe:ZANELE ZULU ?? OWAYENGUMV­IKELI woMphakath­i, u-Advocate Thuli Madonsela, ngesikhath­i ehambele eGlebe ngo-2015 THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe:ZANELE ZULU OWAYENGUMV­IKELI woMphakath­i, u-Advocate Thuli Madonsela, ngesikhath­i ehambele eGlebe ngo-2015 THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa