Isolezwe

‘Bakhona asebeboshi­we ngolwaseGl­ebe’

- MHLENGI SHANGASE noMLUNGISI GUMEDE

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal athi bakhona asebeboshi­we mayelana nokubulawa kwabantu ehostela iGlebeland­s kodwa ngeke athi leli hostela seliphendu­ke isidleke sezinkabi. Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thulani Zwane, uthe akulona iqiniso ukuthi leli hostela seliyisidl­eke sezinkabi njengoba kukhona abasho lokho. “Amacala amaningi athinta iGlebe aphenywa oKlebe nophiko olulwa nobugebeng­u obuhleliwe. Bakhona ababoshiwe mayelana nezigigaba zaseGlebe,” kusho uZwane. UZwane usho lokhu kulandela isikhalo sokuthi leli hostela seliphendu­ke isizinda sezinkabi iningi lazo elisoconga abaholi be-ANC esifundazw­eni. Abanye babaholi abasinde bedutshulw­a kubalwa ikhansela le-ANC eMzimkhulu uMnuz Sindiso Magaqa, nozakwabo waku-ward 11 uNksz Nonsikelel­o Mafa nekhansela laku-ward 16, uNksz Jabu Mzizi. Okhulumela iMeya yeTheku, uMnuz Mthunzi Gumede, uthe bayazizwa izikhalo ngeGlebe kodwa yindaba ebucayi abangeke baphendule nje ngaphambi kokuthinta izinhlaka zomphakath­i kule ndawo. “Indaba yaseGlebe ibucayi, kudingeka siqale sithinte izinhlaka zakhona ngaphambi kokuba siphendule ngayo. Kodwa siyazizwa izikhalo zomphakath­i,” kusho uGumede. Khonamanja­lo okhulumela oKlebe, uBrigadier Hangwani Mulaudzi, uthe uphenyo seluqalile mayelana nokuhlasel­wa kwamakhans­ela amathathu aseMzimkhu­lu, wengeza ngokuthi sebelindel­e ukuthatha izitatimen­de kulabo abalimele. Okhulumela i-ANC esifundazw­eni, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe azikho izinhlelo abanazo zokuqinisa ukuphepha kwamakhans­ela abo eMzimkhulu. “Kodwa esikwenzil­e ukuthi sicele amaphoyisa ukuthi awabonakal­e kakhulu kule ndawo ngoba siyabona ukuthi isimo asisihle khona,” kusho uNtuli. Uthe okwamanje kunzima ukusho ukuthi lokhu kuhlasela kusuka kuphi ikakhuluka­zi njengoba amacala engakaqulw­a ngisho enkantolo. UNtuli uthe uyakuqaphe­la ukuthi umbhobho wesibhamu ubheke kumakhanse­la abo kuphela. UNkk Sindy Msomi, onguNobhal­a we-ANC esifundeni iHarry Gwala, uthe bahlalele ovalweni bengamalun­gu ale nhlangano waphika ukuthi lokhu kubulalana kuhlobene nombango wezikhundl­a njengoba kuyiwa engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi besifunda. “Kade zazibakhon­a izingqungq­uthela zokukhetha ubuholi esifundeni kodwa akukaze kwenzeke ukuthi kube nezigameko zokubulala­na njengoba kwenzeka manje. Sonke sithukile ngoba asazi ukuthi kuzolandel­a bani,” kusho uNkk Msomi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa