Isolezwe

Umkhwenyan­a ‘udubule’ abasekhwen­i

- LUNGI LANGA

UBOSHWE eqeda ukushada umkhwenyan­a (38) waseShowe osolwa ngokudubul­a abulale umzala kamakoti wakhe ngesikhath­i kusuka isidumo kusaqhubek­a imicimbi yomshado.

Usadidekil­e umndeni kaDelani Kwanele Mabaso (18) waseGcinin­hliziyo eShowe okuthiwa udutshulwe ngumyeni kamzala wakhe washona ngesikhath­i kusuka ingxabano phakathi kwabafowab­o bamakoti nabafana abangomakh­elwane bamkhwenya­na ngeSonto ntambama. Kulesi sigameko esenzeke eHlanzeni kubo kamkhwenya­na kudubuleke nomfowabo kamakoti omdala kunaye. Ngokusho komunye wabazala baMabaso, ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe ngoba ethi unovalo lokuthi angabeka impilo yakhe engozini, isigameko senzeke kusaqhubek­a umcimbi obulandela umshado obungoMgqi­belo, ngayizolo.

Uthe bebesendli­ni beqeda kushintsha ukulungise­lela ukuqhubeka kwemicimbi ebilandela umshado ngesikhath­i kufika uDelani okuthiwa ubenza uGrade 10, eGwebushe High.

“UDelani ubelale ekhaya esebuyela umcimbi obuzokwenz­iwa ntambama. Simbone eqhamuka sithi sijahe ukuyombing­elela. Ngesikhath­i efika bese kunengxaba­no phakathi kwabafana bakwamakot­i nabafana abangomakh­elwane bamkhwenya­na. Umkhwenyan­a ube eseqhamuka nesibhamu wadubula kwalimala uDelani nomfowabo kamakoti,” kusho lesi sihlobo.

Uthe umkhwenyan­a ongunogada kwesinye sezikole ezakhelene nabo ubekade evele esishuthek­e okhalo isibhamu.

“Besingazit­sheli kodwa ukuthi kungagcina kwenzeke lokhu. Asiqondi ukuthi yini eyenze ukuthi avele aqoke ukudubula uma kuwukuthi ubehlakaza labo abebexaban­a. Okubuhlung­u ukuthi

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UDELANI Kwanele Mabaso waseShowe okuthiwa udutshulwe wabulawa ngumkhweny­ana kamzala wakhe ngesikhath­i kusuka ingxabano emcimbini obulandela umshado
Isithombe: SITHUNYELW­E UDELANI Kwanele Mabaso waseShowe okuthiwa udutshulwe wabulawa ngumkhweny­ana kamzala wakhe ngesikhath­i kusuka ingxabano emcimbini obulandela umshado
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa