Umkhwenyana ‘udubule’ abasekhweni
UBOSHWE eqeda ukushada umkhwenyana (38) waseShowe osolwa ngokudubula abulale umzala kamakoti wakhe ngesikhathi kusuka isidumo kusaqhubeka imicimbi yomshado.
Usadidekile umndeni kaDelani Kwanele Mabaso (18) waseGcininhliziyo eShowe okuthiwa udutshulwe ngumyeni kamzala wakhe washona ngesikhathi kusuka ingxabano phakathi kwabafowabo bamakoti nabafana abangomakhelwane bamkhwenyana ngeSonto ntambama. Kulesi sigameko esenzeke eHlanzeni kubo kamkhwenyana kudubuleke nomfowabo kamakoti omdala kunaye. Ngokusho komunye wabazala baMabaso, ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe ngoba ethi unovalo lokuthi angabeka impilo yakhe engozini, isigameko senzeke kusaqhubeka umcimbi obulandela umshado obungoMgqibelo, ngayizolo.
Uthe bebesendlini beqeda kushintsha ukulungiselela ukuqhubeka kwemicimbi ebilandela umshado ngesikhathi kufika uDelani okuthiwa ubenza uGrade 10, eGwebushe High.
“UDelani ubelale ekhaya esebuyela umcimbi obuzokwenziwa ntambama. Simbone eqhamuka sithi sijahe ukuyombingelela. Ngesikhathi efika bese kunengxabano phakathi kwabafana bakwamakoti nabafana abangomakhelwane bamkhwenyana. Umkhwenyana ube eseqhamuka nesibhamu wadubula kwalimala uDelani nomfowabo kamakoti,” kusho lesi sihlobo.
Uthe umkhwenyana ongunogada kwesinye sezikole ezakhelene nabo ubekade evele esishutheke okhalo isibhamu.
“Besingazitsheli kodwa ukuthi kungagcina kwenzeke lokhu. Asiqondi ukuthi yini eyenze ukuthi avele aqoke ukudubula uma kuwukuthi ubehlakaza labo abebexabana. Okubuhlungu ukuthi