Isikhulu sizophenya umbiko wobunhloli
uDelani ubefika ngakho kodwa engazi nokuthi kwenzekeni. Ubezoya kohlala nabafana endlini abebehlaliswe kuyo kanti uzofika sekushaywa lomfana obeshaywa. Ubesayobuza ukuthi ushayelwani lona obeshaywa. Yena wavele wadubula,” kusho umzala.
Kuthiwa umkhwenyana ubengakaze axabane nalaba abadubulekile ngaphambi kokuthi kwenzeke lesi sigameko.
Uthe ukholwa ukuthi uDelani udutshulwe amahlandla amane ngoba ubedubuleke esifubeni, ekhaleni, ethangeni nasesandleni. Umfowabo kamakoti yena udutshulwe engalweni waphuthunyiswa esibhedlela wase ebuye ededelwa.
Kuthiwa umkhwenyana uboshwe ngalo usuku lwesigameko emuva kokuthi sekubizwe amaphoyisa. Ukwenzeka kwalesi sehlakalo kuholele ekutheni zigoduke izihlobo zamakoti.
Umzala kaDelani uthe baphithene amakhanda, abazi nokuthi bazothathani bahlanganise nani njengoba kufanele bafihle.
Okhulumela amaphoyisa, KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi umkhwenyana uboshiwe nokuthi ubhekene necala lokubulala nelokuzama ukubulala. ISIKHULU esiphezulu kwezobuNhloli uMnuz Setlhamamaru Dintwe sithembise ukuthi sizosiphenya isikhalo se-SACP esithinta “umbiko wobunhloli” kaMengameli Jacob Zuma owaholela ekuxoshweni kowayenguNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Pravin Gordhan. UDintwe ukhulume kanjena emuva kokuthi iPhini lokuqala likaNobhala Jikelele we-SACP uMnuz Solly Mapaila ethe wafaka isikhalo ecela uZuma ukuba adedele umbiko owaholela ekuxoshweni kukaGordhan.
I-SACP icikwe wukuthi uZuma uyaphika emaphepheni asenkantolo ukuthi kwakukhona umbiko wezobunhloli owaholela ekuxoshweni kukaGordhan nabanye ongqongqoshe ngoMashi.
Ummeli kaDintwe, u-Advocate Jay Naidoo, ukuqinisekisile ukuthi kuzophenywa ngesikhalo se-SACP kodwa akazange eze nosuku okulindeleke ukuthi luphothulwe ngalo lolu phenyo.
“Isikhulu esiphezulu kwezobuNhloli siyazibophezela ukuthi sizosiphenya isikhalo se-SACP. Okwamanje awukho umbiko osukhona okuyiwona ongasicacisela ngokuphothulwa kophenyo. Uma uphenyo seluphothuliwe uzokhipha umbiko,”kusho u-Advocate Naidoo.
I-SACP ifuna uZuma ashenxe esikhundleni, isize yakhetha ukuthi izongenela ukhetho yodwa ngeke yeseke i-ANC njengokujwayelekile. I-SACP ithe ngeke iphikisane ne-ANC uma isizimele okhethweni.
UZuma uvinjiwe ukuthi azokhuluma nezithunywa ze-SACP engqungqutheleni ebise-Boksburg, Ekurhuleni, ngeledlule.
Abaholi bayo baveze ukuthi banquma ukuthi uZuma angezi engqungqutheleni yabo ngoba besabela ukuthi uzohhewulwa njengoba kwenzeka emgubhweni we-Cosatu owawuseMangaung ngoMeyi.
Amaqembu aphikisayo afake uZuma enkantolo ngokushintsha kwakhe ongqongqoshe ngoMashi.
UDintwe uqale umsebenzi ngoMashi ukuqokwa kwakhe sekuphasiswe yiPhalamende ngoNovemba.
Besingekho isikhulu sezobuNhloli emuva kokuhamba kuka-Advocate Faith Radebe owenziwe inxusa laseSweden ngoSepthemba ka-2015.