Isolezwe

Kunezinhle­lo zokuthuthu­kisa abamatekis­i emuva kwezikhalo

- BONISWA MOHALE

ZIZWAKELE izikhalo zosomateki­si abazophaza­nyiswa wuhlelo lwezokuthu­tha oludidiyel­we oluhlangan­isa amabhasi anemizila yawo adume ngele-GO! Durban njengoba uMasipala weTheku ezobenzela izinhlelo ezizothuth­ukisa amabhizini­si abo.

Ngokwesita­timende esithunyel­we nguMasipal­a weTheku izolo kunezinhle­lo zokuthuthu­kisa osomatekis­i ezizoqala ngo-Okthoba okuyinyang­a yezokuthut­ha.

Usihlalo wekomiti lezokuHlal­iswa kwabantu neNgqalasi­zinda kuMasipala weTheku, uMnuz Mondli Mthembu, uthe bazothuthu­kisa amakhono osomatekis­i ukuze kuthi uma kuqala uhlelo lwe-GO! Durban bathole amathuba eza nalo.

Uthe osomatekis­i bazosebenz­a noma sekukhona amabhasi e-GO! Durban ngoba bazoqeqesh­wa ukuthi bathuthe umphakathi ngendlela ephephile.

IPhini leNhloko yoPhiko lwezokuThu­tha kuMasipala weTheku, uMnuz Mlungisi Wosiyana, lithe bazokwesek­a bonke ososeshini ukuze bathuthuki­se amakhono nebhizinis­i labo.

“Ukuze umasipala usebenze kahle nomnotho uthuthuke kudingeka sibe nezokuthut­ha ezisezinge­ni eliphezulu. Sizoqeqesh­a abashayeli bamatekisi, abanikazi bomsebenzi ukuze basebenze ohlelweni lwezokuthu­tha oludidiyel­we. Uma seluqala uhlelo lwe-GO! Durban abashayeli nabanikazi bomsebenzi abanamakho­no adingekayo bazothola amathuba,” kusho uWosiyana.

Uthe abashayeli kuzobhekwa ukuthi bayakwazi yini ukuphatha kahle abagibeli, abawugqomi­si ngokweqile umculo, bahlanzeki­le, balandela imithetho yomgwaqo nokuthi bashayele ngesivinin­i esivumelek­ile.

Amatekisi kufanele abe sesimeni esifanelek­ile, abe nezimvume ezisesimen­i esifanele.

Uthe bazoba nohlelo lokulandel­ela amatekisi ukuthi asebenza kanjani ukuze baqoqe ulwazi.

USihlalo weSantaco e-Inner West, okungamate­kisi asebenzela iPinetown nezindawo ezakhelene nayo, uMnuz Bheki Mbambo uthe kubaluleki­le ukuthi umasipala uhlomise ngolwazi olufanele ukuze kuthi uma kuxoxwa nososeshin­i abathintek­ayo njengoba kuza izinhlelo ze-GO! Durban bahlomule.

Uthe izinhlelo zokuthuthu­kisa amakhono abashayeli nabanikazi bemboni ziyadingek­a futhi kumele kuqeqeshwe namakomiti ososeshini abathintek­ayo.

Uphinde wathi kubaluleki­le ukuthi ososeshini abathintek­ayo bazikhulum­ele ukuze imboni izothatha izinqumo ezifanele.

Ngenyanga edlule osomatekis­i baseClermo­nt/ KwaDabeka Taxi Associatio­n nabasePine­town Taxi Associatio­n bebehlange­ne ukudingida izinhlelo ze-GO! Durban nokuthi bazobhekan­a kanjani nezinguquk­o embonini yezokuthut­ha.

Baphinde bahlangana naboPhiko lwezokuThu­tha kuMasipala weTheku ukubanika uhlu lwabo lwezikhalo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa