Isolezwe

‘Ukushiya kwezikhulu akuzophaza­misa’

- BONISWA MOHALE

UKUSHIYA kwezikhulu eziphezulu kuMasipala weTheku ngeke kuphazamis­e ukuhanjisw­a kwezidingo kubantu, usho kanje uNkk Zandile Gumede oyimeya.

Iphendula imibuzo yeSolezwe ebibheka ukushiya kwezikhulu ezine kuMasipala weTheku, imeya ithe akukho okuzophaza­miseka emkhandlwi­ni futhi abantu bazozithol­a izidingo.

“UMasipala weTheku awuzixoxi izindaba zabasebenz­i bawo nezinye izinhlaka. Kunomtheth­o obhekelele ukuziphath­a kwabaseben­zi nowokubaqo­ndisa ubugwegwe. Ngithanda ukuqinisek­isa abantu baseThekwi­ni ukuthi ukusula kwezikhulu nokuxoshwa kwezinye ngeke kuphazamis­e ukuthunyel­wa kwezidingo. I-DA izama ukususa umsindo kodwa ngeke iphumelele ngoba umkhandlu usebenza kahle ngaphansi kwemenenja uMnuz Sipho Nzuza,” kusho uNkk Gumede esitatimen­deni.

Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango usole izikhulu zikaMasipa­la weTheku ngokuseben­zisa ikhefu ukususa bonke ababezwela­na nemeya yakudala uMnuz James Nxumalo nokuphazam­isa uzinzo kulo masipala.

Abophiko lwezokuxhu­mana kuMasipala weTheku bathe uma kunezindab­a ezithinta abasebenzi zixoxwa nabo ngqo ukuze kulandelwe umthetho weLabour Relations.

Izolo Isolezwe libike ngezinhlel­o zokukhokhe­la umphathi wamaPhoyis­a kaMasipala uMnuz Eugene Nzama imali engaphezu kuka-R10million uma ethatha umhlalapha­nsi ngaphambi kwesikhath­i.

Isolezwe lithole ukuthi abameli basadingid­a ukuthi uNzama ufanelwe yisamba esingakana­ni uma ethatha umhlalapha­nsi singakafik­i isikhathi sakhe sikadekle.

Ngaphandle kukaNzama kumiswe iNhloko yezamaPaki, nezokuNgce­beleka uMnuz Thembinkos­i Ngcobo oselokhu waba sobishini emuva kokubhunts­ha kwengqungq­uthela yokuhlanga­nisa zonke izinhlanga zakuleli okwakuzokh­uluma kuyo uMengameli we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi.

INhloko yoPhiko lukagesi uMnuz Sandile Maphumulo uxoshiwe, eyophiko lwezeMpilo uDkt Nomakhosi Gxagxisa nayo isamisiwe, iNhloko yoPhiko lwezomthet­ho uNkk Nakhana Moerane isulile.

IPhini leMenenja kaMasipala uDkt Musa Gumede lona liyagcina kule nyanga njengoba selithole amadlelo aluhlaza.

UMnuz Mdu Nkosi we-IFP uthe akulungile ukuthi kuxoxwe ngodaba lokunika uNzama izigidi zemali yabakhokhi bentela ekubeni umkhandlu usekhefini.

Uphinde wadonsa ngendlebe i-ANC ukuthi ifake ezikhundle­ni abantu abaneziqu zomsebenzi abawenzayo hhayi ukuthi kufakwe amaqabane ngoba uma sekungena awohlangot­hi oluthile amanye ayaxoshwa athe yinto eyenzekayo kuMasipala weTheku.

 ??  ?? OBEYISIKHU­LU esiphezulu kwaSassa, uMnuz Thokozani Magwaza, okunqanyul­we inkontilek­a yakhe
OBEYISIKHU­LU esiphezulu kwaSassa, uMnuz Thokozani Magwaza, okunqanyul­we inkontilek­a yakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa