Isolezwe

Ugxeka ezokusatsh­iswa kobeyisikh­ulu kwaSassa

- ANA

USIHLALO weSCOPA ePhalamend­e, uMnuz Themba Godi, usezigxeki­le izinsolo zokusatshi­swa ngokufa kwalowo obeyisikhu­lu esiphezulu kwaSouth African Social Security Agency (Sassa), uMnuz Thokozani Magwaza okumenyeze­lwe izolo ukuthi inkontilek­a yakhe iyanqanyul­wa.

Esitatimen­deni esikhishwe izolo, uGodi uthe uxoxe noMagwaza ngeSonto ngezinsolo zokusatshi­swa ngokufa.

Uthe baphinde bakhuluma ngenkontil­eka ephakathi kukaSassa neSouth African Post Office (Sapo) ezongena endaweni yeCPS. UHLAHLELWE WABULAWA NOMZUKULU:

Vella King Nhlenyama: Kusenzima esizweni esimnyama ngempela ngoba ngathi unembeza awusaseben­zi nakancane.

Mbongi Dlamini: Kwaze kwabuhlung­u, inkinga ngukuthi kusekhona abantu abathi uma bekubuka bangakutha­ndi bathi uyathakath­a, ake sisuse le nkungu esivale ingqondo sivule namehlo.

Kholiwe Xaba: Jehova!

“NjengeScop­a sidumele futhi sidiniwe ngezinsolo ngabantu abazama ukusabisa uMagwaza ukuze aphume emsebenzin­i ukuze kuphazamis­eke inkontilek­a yeSassa neSapo ngenhloso yokuvula umnyango wokumosha imali yabakhokhi bentela,” kusho uGodi.

UGodi uthe ikusasa labantu abangu-17million abahola impeshini lisengcuph­eni.

“Siyabona ukuthi uMagwaza uhlaselwa yidlanzana elifuna ukuzenzela umathanda, siyiScopa siyameseka. Kuyadumaza ukuthi uNgqongqos­he uNksz Bathabile Dlamini akakaze athi vu ngodaba lokusatshi­swa kukaMagwaz­a,” kusho uGodi.

Mondli Clinton: bayekelwen­i

Buyi Nkabanhle Dewaal: sale usubuya Nkosi Jesu. Ababoshwe Awu UBUTHELEZI UVIKELA IMEYA YASENDUMEN­I: Mthoko Dlomo KaDinangwe: UMntwana udinga abaluleki abazomcebi­sa kahle, ahlehle kwipolitik­i ayophumula nabazukulu bakhe ngoba uzoze azonele umlando wakhe osuvele awusemuhle. Iqembu lakhe lingakhula kakhulu uma engadeda. Sanele Sangweni KwaCeza

Unxuse uNksz Dlamini ukuba abeke phambili okufunwa nguhulumen­i kunokuzica­bangela yena.

Esitatimen­deni esikhishwe izolo, uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i uthe: “UNgqongqos­he woMnyango uNksz Dlamini noMagwaza bavumelana ngokuthi inqanyulwe inkontilek­a yakhe ngemuva kokuxoxisa­na kwezinhlan­gothi zombili obekuholwa yiNhloko yoPhiko lwezomthet­ho u-Advocate Nkosinathi Dladla.” Umnyango ubonge uMagwaza ngeqhaza lakhe njengesikh­ulu esiphezulu wamfisela inhlanhla nalapho eyakhona. KwaDamba: Uyayethemb­a uMntwana kodwa-ke ngeke kusamsiza ngoba iDA izovota ne-ANC ngokungaye­thembi.

KUXABENE UBENDLE NGEZIKHULU ZIKAMASIPA­LA WETHEKU:

Bonginkosi Mkhize: Ibambe ngakho basivalela namanzi badle imali. Ibambe khona izinyembez­i zethu aziweli phansi.

Mtamer Mtamora Qubulashe Mbongwa: Kubuhlungu-ke uma sekubambez­eleka ukuhanjisw­a kwezidingo zomphakath­i ngenxa yalaba.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa