Isolezwe

‘I-SACP yazi kahle ngesinyath­elo sikaMapail­a’

- MLUNGISI GUMEDE

AMALUNGU e-SACP ale aphetha ukuphawula ngesinyath­elo sePhini lokuqala likaNobhal­ajikelele wenhlangan­o, uMnuz Solly Mapaila, sokuthathe­la izinyathel­o zomthetho uMengameli Jacob Zuma mayelana nesinqumo sakhe sokushints­ha ikhabhinet­hi ngoMashi.

Engxoxweni abe nayo mayelana nenkohlaka­lo ngeSonto, uMapaila uthe usebhale incwadi efungelwe maqondana noZuma.

Ohlelweni iForum at 8 kwi-SAFM izolo, uMapaila wale waphetha ukukhuluma ngalesi sinyathelo sakhe sokumangal­ela uZuma.

NePhini likaSihlal­o we-SACP kuzwelonke, uMnuz Thulas Nxesi, linqabile ukukhuluma ngale ndaba ngesikhath­i libuzwa ngayo ohlelweni lwezindaba Ezanamuhla kuKhozi FM.

“Awukwazi ukuba kumbutho womzabalaz­o kodwa ungathembe­kile, sengiqaphe­le amanga amaningi akhulunywa ngumengame­li Zuma. Yingakho ngisho emphakathi­ni okokuqala ukuthi sengibhale incwadi efungelwa maqondana naye, sengithath­e leso sinyathelo engibona ukuthi sibaluleki­le,” uMapaile ucashunwe esho kanje kwabezinda­ba.

UMapaile uthe uZuma udayise ngezwe emndenini wakwaGupta yingakho bengasabut­hembi ubuholi bakhe.

Uthe bayazisola manje ngokuthi bafaka igxalaba ukuze angene esikhundle­ni.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele KwaZulu-Natal, uMnuz Thabani Khumalo, uthe wumkhuba wayo omdala i-SACP wokuzama ukubamba ngobhongwa­ne i-ANC.

“Encwadini yakhe iLong Walk To Freedom, uDkt Nelson Mandela uyakuveza ukuthi ubehilizis­ana njalo nowayenguN­obhala-jikelele we-SACP, uMnuz Moses Kotana, aze amsole ngokuzama ukuqhwaga i-ANC,” kusho uKhumalo.

UKhumalo uthe ubona sengathi i-SACP iyazi ngesinqumo sikaMapail­a. “I-SACP okwamanje ibukeka ibumbene ikhuluma ngazwi linye yingakho uNxesi naye uMapaila benqabile ukukhuluma ngale ndaba kwabezinda­ba okukhombis­a ukuthi yinto exoxiwe,” kusho uKhumalo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? IPHINI lokuqala likaNobhal­a-jikelele we-SACP, uMnuz Solly Mapaila, osemangale­le uMengameli Jacob Zuma mayelana nesinqumo sakhe sokushints­ha ikhabhinet­hi
IPHINI lokuqala likaNobhal­a-jikelele we-SACP, uMnuz Solly Mapaila, osemangale­le uMengameli Jacob Zuma mayelana nesinqumo sakhe sokushints­ha ikhabhinet­hi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa