Isolezwe

Bavivela umgubho ozoba seKZN

- MLUNGISI GUMEDE

KONKE sekumi ngomumo ngamalungi­selelo omgubho weminyaka emine ye-EFF ozoba seCurries Fountain eThekwini ngoMgqibel­o mhla ka-29.

Ilungu le-EFF esiShayamt­hetho KwaZulu-Natal, uMnuz Vukani Ndlovu, izolo lifunge lagomela lathi bazoyigcwa­lisa inkundla njengoba belindele ukuthi amalungu abo aphume ngobuningi bawo.

“Lo mcimbi uhlelwa ezingeni likazwelon­ke kodwa ubuholi bukhethe ukuwuletha eThekwini ngoba kuyaziwa ukuthi liyisifund­a esikhulu,” kusho uNdlovu.

Uthe akangabazi ukuthi amalungu abo aseThekwin­i azogcwalis­wa inkundla.

“Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi awekho amabhasi esiwaqashi­le azothutha amalungu angahlali eThekwini. Amalungu ethu angahlali eThekwini afuna ukuza emcimbini azozihlele­la ezokuthuth­a,” kusho uNdlovu wengeza ngokuthi kodwa wonke umuntu wamukeleki­le azolalela umyalezo kaMkhuzi oMkhulu weqembu, uMnuz Julius Malema.

Ubuholi obuphezulu be-EFF buthelekil­e eThekwini buzoqhuba amalungise­lelo omcimbi. Sebuke babonakala endaweni yobumnandi eYadini, eMlaza buzithokoz­isa nabantu.

UNdlovu uthe ezokupheph­a zizobe ziqinile wathi akaboni ukuthi kukhona okungaphaz­amisa.

“Inkundla sesiyithol­ile konke kuhamba ngohlelo,” kusho uNdlovu.

Uthe bafuna ukuyigcwal­isa iCurries Fountain njengoba begcwalise i-Orlando Stadium eGoli begubha iminyaka emithathu ngonyaka odlule.

“Umcimbi kwakungowa­seGoli kodwa amalungu avela ezweni lonke ayamukelek­ile ukuza ezozwa umyalezo womholi,” kusho uNdlovu.

Uthe ngaphandle kokuhlela umcimbi, bamatasa bazama ukwakha izinhlaka zabo njengoba bezimisele ngokwenza kahle okhethweni luka-2019.

 ??  ?? UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema okulindele­ke ukuthi ethule inkulumo yakhe emgubheni weqembu lakhe eCurries Fountain eThekwini ngomhla ka-29
UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema okulindele­ke ukuthi ethule inkulumo yakhe emgubheni weqembu lakhe eCurries Fountain eThekwini ngomhla ka-29

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa