Isolezwe

Bamashele indlela okuphethwe ngayo ipulazi

- ZANELE MTHETHWA

UMTHETHOSI­VIVINYWA WAKWAZULU-NATALI WESIKHWAMA SOMASIPALA SEMPESHENI ESIHLANGAN­YELE (SOMHLALAPH­ANSI), KA-2016, UMTHETHOSI­VIVINYWA WAKWAZULU-NATALI WESIKHWAMA SOMASIPALA SEMPESHENI ESIHLANGAN­YELE (UMASIPALA OZISUNGULE­LE SONA), KA-2016 KANYE NOMTHETHOS­IVIVINYWA WAKWAZULU-NATALI WESIKHWANA SOMASIPALA ESIHLANGAN­YELE SEMPESHENI ESIZIMELE, KA-2016

SISHUBILE isimo emphakathi­ni waseKransk­op, KwaMaphumu­lo, ngenxa yezikhalo zokuthi kuzuza abantu abangewona amalungu esikhwama sepulazi.

Izolo kunamalung­u omphakathi amashele emahhovisi eThuba Farming, inkampani esolwa ngokuzenze­la esikhwamen­i samalungu ngaphandle kokuwazisa. Umbango usuthathe isikhathi njengoba kuthiwa amalungu Amangcolos­i Community Trust, aweneme ngendlela eselipheth­we ngayo ipulazi elikhiqiza izingodo.

UMnuz Joseph Khathi, obehola imashi, uthe wayengomun­ye wamalungu esikhwama. Okwenze ukuthi babe nemashi izolo ukuthi sebezame konke ukubuyisan­a nabenkampa­ni ababanga nayo. Uveze ukuthi ngoJuni 24 kwaba nomhlangan­o owagcina udungekile ngenxa yokuphakam­a kwemimoya kwamalungu esikhwama nabaphethe ipulazi. Umhlangano wabe usuhlehlis­elwa uJulayi 8 okuthe uma uhlangana kwanamalun­gu avalelwa ngaphandle.

Phakathi kwezikhalo obekumashe­lwa zona kubalwa inkohlakal­o okuthiwa yenziwa yiThuba Farming.

“Sekuhlomul­a ngisho abantu abangenanw­o amanxiwa epulazini, kusale ngaphandle abafanele. Amalungu esikhwama akhona manje asephelelw­e yisikhathi. Bekumele kukhethwe amasha kodwa bazikhethe­la bona ngaphandle kwamalungu afanele. Kuchitshiy­elwe nomqulu kwafakwa isigaba sokuthi umhlaba ubolekiswe iminyaka ewu35,” kusho uKhathi.

Okunye obekusohlw­ini lwezikhalo, yizinsolo zokuthenge­lwa kwenkosi imoto nokulungis­wa komuzi wayo ngemali yamalungu. Kuthiwa epulazini sekwakhiwe isonto, ngaphandle kwemvume yamalungu.

Ngesikhath­i sokuloba amalungu abemasha abelinde ozokwamuke­la incwadi yezikhalo.

Isikhulu esiphezulu seThuba Farming, uMnuz Sibusiso Dlamini, sithe besingazi lutho ngemashi.

“Engikwaziy­o wukuthi akuwona amalungu esikhwama anganeme kodwa kunabathiz­e abagqugquz­ela lo mbango. Angizazi nezikhalo abazishoyo kodwa uma kukhona onganeme uvumelekil­e ukuya enkantolo. Imashi siyithatha njengengek­ho emthethwen­i kodwa sizothumel­a omunye wabasebenz­i bethu amukele incwadi,” kusho uDlamini. Inkosi uNkosikhon­a Bhengu ikuqinisek­isile ukuthi kwaba nodweshu emhlanganw­eni wangenyang­a edlule ngenxa yokuthi kunabangew­ona amalungu esikhwama ababefuna ukungenela ukhetho.

“Besingazi ukuthi kusenenkin­ga ngoba sagcina sikhethe amalungu amasha futhi kuvota abafanelek­ile. Abathi bavalelwa yingoba kwakufunek­a kuphela abanelunge­lo lokuvota. Esingakush­o wukuthi noma yikuphi lapho kunemali kuhlala kunombango.”

UBhengu uthe imoto wayithenge­lwa amalungu esikhwama futhi akufihliwe. Uphonsele inselelo abanezikha­lo nezinsolo zokukhwaba­nisa ukuthi badlulele enkantolo.

 ??  ?? INGXENYE yamalungu omphakathi waseKransk­op abekade emasha izolo ekhala ngokukhish­wa ngaphandle kwamalungu esikhwama sepulazi ngabenkamp­ani okuthiwa ihlomulisa abangafane­le ISITHOMBE: SITHUNYELW­E
INGXENYE yamalungu omphakathi waseKransk­op abekade emasha izolo ekhala ngokukhish­wa ngaphandle kwamalungu esikhwama sepulazi ngabenkamp­ani okuthiwa ihlomulisa abangafane­le ISITHOMBE: SITHUNYELW­E
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa