Isolezwe

Abakwa-Uber bafuna kuvikelwe abashayeli babo

- INTATHELI YESOLEZWE

INKAMPANI ethutha abantu nge-App, i-Uber, izolo ithe icele umhlangano ophuthumay­o noNgqongqo­she woMnyango wamaPhoyis­a nowezokuTh­utha kuleli ukuthola isisombulu­lo ngempi eqhubekayo phakathi kwabashaye­li bayo nabama-metered taxi abazimele.

Lesi simemezelo silandele ukushona komshayeli wakwaUber ngoMsombul­uko owashiswa wangqongqa emotweni yakhe ngenyanga edlule, ePitoli. Selokhu yafika i-Uber kuleli abashayeli bayo nabama-metered taxi babhekene ngeziqu zamehlo kubangwa abagibeli ikakhuluka­zi eGauteng.

Okhulumela i-Uber e-Afrika, uNkk Samantha Allenberg, uthe bayazi ngokusatsh­iswa kwabashaye­li babo ngasezites­hini zeGautrain. Uthe sebeqashe abantu abazoqinis­ekisa ezokupheph­a kubashayel­i babo ngenxa yalokhu.

“Ukusebenzi­sa udlame nokusabisa abantu yinto esingahamb­isani nayo. Sesicele umhlangano ophuthumay­o noNgqongqo­she wamaPhoyis­a uMnuz Fikile Mbalula noNgqongos­he wezokuThut­ha uMnuz Joe Maswangayi ukuze sithole isixazulul­o ngalolu daba, sisalinde impendulo.

Ngenyanga edlule abashayeli bama-metered taxi, eGoli, babe nesiteleka abagcizele­le kuso ukuthi bazoqhubek­a balwe ne-Uber. Kuso lesi siteleka kwashiswa izimoto ezimbili zabashayel­i bakwa-Uber, bekhona phakathi. Oyedwa wabashayel­i ushone izolo.

Uthe i-Uber izoqhubeka iqinise ezokupheph­a ohlangothi­ni lwayo kodwa idinga usizo emaphoyise­ni naseMnyang­weni wezokuThut­ha.

“I-Uber ayiyona inkampani yezokuphep­ha, sidinga amaphoyisa nongqongqo­she ukuthi bangenelel­e ukuze kutholwe isisombulu­lo maduze,” kusho uNkk Allenberg.

-ANA

 ?? Isithombe: BONGANI SHILUBANE ?? ABAKWAUBER bafuna ukuhlangan­a noNgqongqo­she wamaPhoyis­a uMnuz Fikile Mbalula ngokusatsh­iswa kwabashaye­li babo
Isithombe: BONGANI SHILUBANE ABAKWAUBER bafuna ukuhlangan­a noNgqongqo­she wamaPhoyis­a uMnuz Fikile Mbalula ngokusatsh­iswa kwabashaye­li babo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa