Umfana udinga ukukhuliswa yindoda noma ngamadoda
NGITHINTWE wuhlelo lukaSgqemeza oKhozini. Uthi kukhona amadoda akwaziyo ukukhulisa izingane ngawodwana. Nami ngithi angifakaze, ngempela kunjalo. Siyajabula ngamadoda aphumela obala. Ngumzukuzuku ukuphumela obala kwendoda engumZulu. Ziningi izizathu zalokhu; indoda ayikhali, indoda ifela phakathi okwebutho lakwaZulu. Kuyiqiniso lokhu kodwa kumele kuhambisane nesimo. Akumele indoda ithule nalapho kufuneka ikhulume khona. Sekusibulele ukuthula kwamadoda aze asithele nolwazi olunzulu.
AmaBhunu angiwathandisisi kodwa kukhona okuhle engikukha kuwo. Ngesikhathi ethatha umbuso athi “yonke indoda ayitshale isihlahla”. “Yonke indoda ayizale umfana”. “Yonke indoda ayibhale incwadi”. Yilokhu kuhleleka okwadala ukuthi athi ukudonsa embusweni wawo. Ukutshala isihlahla kuchaza ukulima. Angikabi ngumlimi kodwa ikhona ingajana egcekeni. Ngiyafisa ukuba ngumlimi ngelinye ilanga. Senginabo abafana engikholwa ukuthi ngabami. Noma kungebona abami nginengcabha yokubakhulisa babe ngamadoda njengami. Zikhona izincwadi ezimbalwa engizibhalile. Akukeneli nokho. Kuningi okumele kubhalwe ngako.
Ngicela ukugxila kule ngxenye yokukhulisa umfana. Noma ngabe umfana uzaleke kanjani uyadinga ukukhuliswa yindoda noma ngamanye amadoda. Kulolu khalo sidinga omame abahlakaniphileyo abazilumulayo izingane zabo zabafana bazedlulisele koyise noma emadodeni. Angiyena umuntu othanda kukhulunywe izindaba zakhe ngoba angikuthandi ukudatshukelwa. Namuhla ngicela ningiphe indlebe ke ngikhulume ngami.
Ngisanda kuthola ukuthi angisiyena owakwaMakhoba. Ngasizathu simbe umama nobaba bangifihlela lokhu ngakuthola sebashona. Umama wafika nami kwaMakhoba. Ngiyakubonga ukuhlakanipha kukamama owabona ukuthi ngeke akwazi ukungikhulisa ngokuphelele eyedwa. Ngimbonga nangokuthi wangihlanganisa nendoda eqotho nenothando. Ayikaze ikhombise nangelilodwa ilanga ukuthi ayingizali. Namhlanje ngiyaziqhenya ngobudoda engiyibo ngenxa yale ndoda yakwaMakhoba eyakhombisa ubudoda kimina. Kwaba kuhle ukuba ngizalwe ngikhule ngaleya ndlela ngoba kwangakha.
Ngike ngizwe kuthiwa ezinkantolo uma kunentombazane ekhomba wena ndoda, vuma. Yonke ingane kumele ibe noyise ozoyikhulisa. Angazi ukuthi kuyiqiniso kangakanani lokhu. Kona kuyacasula ukwesulelwa ngengane. Kumele amantombazane aphumele obala ngalokhu, asho ukuthi kungani esulela abafana ngezisu. Mhlawumbe umnikazi wendaba usuke ebona ukuthi umzalisi ngeke akwazi ukukhulisa umfana wakhe. Akunsangu phela ukukhulisa umfana. Kudinga indoda. Akubona-ke bonke abesilisa abangamadoda.
Le ndoda enguMakhoba yanginika umgwaqo okumele ngihambe ngawo. Yathi kimina yona ayicebile kodwa izonginika imfundo nenkolo. Lezi zisekelo ngazibambisa okwezikhali zamaNtungwa. Sengawatshela ngazo amadoda engiwazalayo. Ngifisa ukutshela namadodana okungewona awesende lami ngezisekelo zempilo. Ayifuneki indoda emane ife ivela nje. Ayifuneki indoda engakwazi ukuzabalaza. Kulezi zisekelo anginika zona ubaba kuningi ayelokhu ekuthasisela usuku nosuku. Wangitshela ukuthi indoda yehlukile kowesifazane. Indoda iyondla, ingumvikeli wababuthakathaka, kumele iganwe, inothando, iqiniso nobuqotho.
Kungcono ukuvuma ingane owethweswa yona kunokuphika noma ukubalekela ingane yakho. Besisemngcwabeni wensizwa ebesiyazi. Simangalile sekuqhamuka indoda esingayazi ithi inguyise wale nsizwa. Emngcwabeni bekuqhuma izithakazelo zale ndoda mphini ezibiza ngoyise kamufi. Sicasuke kakhulu isikhala. Ngithe ngenhliziyo ukuba ngowakithi lo mngcwabo bengizoyiphoxa le ndoda esifuna udumo engalusebenzelanga. Ngiyacela kwabangaziyo ukuthi uma kwenzeka ngifa kuqala kunabo bangavumi ukudlala abantu abangangikhulisanga. Indoda ingeyalabo abayikhulisile. Ngiyazi ukuthi iningi lethu lidlala ukungabi nalwazi olugcwele ngamasiko. Isibongo sami kumele sihambisane nobulungiswa. Uma indoda ilazi ikhabonina iphephile. Nanso-ke indawo engakhalela kuyo indoda kunomndeni “wakubo” engawaziyo.
Isiko lakhiwa ngabantu ukuze impilo iqhubeke. Alilikhulu kunomuntu. Uma selibhimbisa inqubo yempilo liyeqiwa kubhekwe inhlalonhle yabantu. Abanye bazodideka ngoba ngikhuluma ngobugugu namasiko. Isiko lihlelekile. Akuyona into engenangqondo eyakhelwa ukwethusa abantu. Abazibona “benephutha” ngokuzaleka kwabo abavuke bazithathe. Ungabhajwa enkingeni endala kunawe.
Ikheli lasemoyeni; klmakhoba@gmail.com