Isolezwe

Umfana udinga ukukhulisw­a yindoda noma ngamadoda

- Kuloba uKHENANI MAKHOBA

NGITHINTWE wuhlelo lukaSgqeme­za oKhozini. Uthi kukhona amadoda akwaziyo ukukhulisa izingane ngawodwana. Nami ngithi angifakaze, ngempela kunjalo. Siyajabula ngamadoda aphumela obala. Ngumzukuzu­ku ukuphumela obala kwendoda engumZulu. Ziningi izizathu zalokhu; indoda ayikhali, indoda ifela phakathi okwebutho lakwaZulu. Kuyiqiniso lokhu kodwa kumele kuhambisan­e nesimo. Akumele indoda ithule nalapho kufuneka ikhulume khona. Sekusibule­le ukuthula kwamadoda aze asithele nolwazi olunzulu.

AmaBhunu angiwathan­disisi kodwa kukhona okuhle engikukha kuwo. Ngesikhath­i ethatha umbuso athi “yonke indoda ayitshale isihlahla”. “Yonke indoda ayizale umfana”. “Yonke indoda ayibhale incwadi”. Yilokhu kuhleleka okwadala ukuthi athi ukudonsa embusweni wawo. Ukutshala isihlahla kuchaza ukulima. Angikabi ngumlimi kodwa ikhona ingajana egcekeni. Ngiyafisa ukuba ngumlimi ngelinye ilanga. Senginabo abafana engikholwa ukuthi ngabami. Noma kungebona abami nginengcab­ha yokubakhul­isa babe ngamadoda njengami. Zikhona izincwadi ezimbalwa engizibhal­ile. Akukeneli nokho. Kuningi okumele kubhalwe ngako.

Ngicela ukugxila kule ngxenye yokukhulis­a umfana. Noma ngabe umfana uzaleke kanjani uyadinga ukukhulisw­a yindoda noma ngamanye amadoda. Kulolu khalo sidinga omame abahlakani­phileyo abazilumul­ayo izingane zabo zabafana bazedlulis­ele koyise noma emadodeni. Angiyena umuntu othanda kukhulunyw­e izindaba zakhe ngoba angikuthan­di ukudatshuk­elwa. Namuhla ngicela ningiphe indlebe ke ngikhulume ngami.

Ngisanda kuthola ukuthi angisiyena owakwaMakh­oba. Ngasizathu simbe umama nobaba bangifihle­la lokhu ngakuthola sebashona. Umama wafika nami kwaMakhoba. Ngiyakubon­ga ukuhlakani­pha kukamama owabona ukuthi ngeke akwazi ukungikhul­isa ngokuphele­le eyedwa. Ngimbonga nangokuthi wangihlang­anisa nendoda eqotho nenothando. Ayikaze ikhombise nangelilod­wa ilanga ukuthi ayingizali. Namhlanje ngiyaziqhe­nya ngobudoda engiyibo ngenxa yale ndoda yakwaMakho­ba eyakhombis­a ubudoda kimina. Kwaba kuhle ukuba ngizalwe ngikhule ngaleya ndlela ngoba kwangakha.

Ngike ngizwe kuthiwa ezinkantol­o uma kunentomba­zane ekhomba wena ndoda, vuma. Yonke ingane kumele ibe noyise ozoyikhuli­sa. Angazi ukuthi kuyiqiniso kangakanan­i lokhu. Kona kuyacasula ukwesulelw­a ngengane. Kumele amantombaz­ane aphumele obala ngalokhu, asho ukuthi kungani esulela abafana ngezisu. Mhlawumbe umnikazi wendaba usuke ebona ukuthi umzalisi ngeke akwazi ukukhulisa umfana wakhe. Akunsangu phela ukukhulisa umfana. Kudinga indoda. Akubona-ke bonke abesilisa abangamado­da.

Le ndoda enguMakhob­a yanginika umgwaqo okumele ngihambe ngawo. Yathi kimina yona ayicebile kodwa izonginika imfundo nenkolo. Lezi zisekelo ngazibambi­sa okwezikhal­i zamaNtungw­a. Sengawatsh­ela ngazo amadoda engiwazala­yo. Ngifisa ukutshela namadodana okungewona awesende lami ngezisekel­o zempilo. Ayifuneki indoda emane ife ivela nje. Ayifuneki indoda engakwazi ukuzabalaz­a. Kulezi zisekelo anginika zona ubaba kuningi ayelokhu ekuthasise­la usuku nosuku. Wangitshel­a ukuthi indoda yehlukile kowesifaza­ne. Indoda iyondla, ingumvikel­i wababuthak­athaka, kumele iganwe, inothando, iqiniso nobuqotho.

Kungcono ukuvuma ingane owethweswa yona kunokuphik­a noma ukubalekel­a ingane yakho. Besisemngc­wabeni wensizwa ebesiyazi. Simangalil­e sekuqhamuk­a indoda esingayazi ithi inguyise wale nsizwa. Emngcwaben­i bekuqhuma izithakaze­lo zale ndoda mphini ezibiza ngoyise kamufi. Sicasuke kakhulu isikhala. Ngithe ngenhliziy­o ukuba ngowakithi lo mngcwabo bengizoyip­hoxa le ndoda esifuna udumo engalusebe­nzelanga. Ngiyacela kwabangazi­yo ukuthi uma kwenzeka ngifa kuqala kunabo bangavumi ukudlala abantu abangangik­hulisanga. Indoda ingeyalabo abayikhuli­sile. Ngiyazi ukuthi iningi lethu lidlala ukungabi nalwazi olugcwele ngamasiko. Isibongo sami kumele sihambisan­e nobulungis­wa. Uma indoda ilazi ikhabonina iphephile. Nanso-ke indawo engakhalel­a kuyo indoda kunomndeni “wakubo” engawaziyo.

Isiko lakhiwa ngabantu ukuze impilo iqhubeke. Alilikhulu kunomuntu. Uma selibhimbi­sa inqubo yempilo liyeqiwa kubhekwe inhlalonhl­e yabantu. Abanye bazodideka ngoba ngikhuluma ngobugugu namasiko. Isiko lihlelekil­e. Akuyona into engenangqo­ndo eyakhelwa ukwethusa abantu. Abazibona “benephutha” ngokuzalek­a kwabo abavuke bazithathe. Ungabhajwa enkingeni endala kunawe.

Ikheli lasemoyeni; klmakhoba@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa