Isolezwe

Ayiphumele obala iSACP, ihlukane nomacashel­ana

-

SEKUYACACA ukuthi sengathi iSACP idlala umdlalo wezingane umacashela­na. Uma kungenjalo, ibukeka iphethe inyoka efile ehambe isabisa ngayo abathile abangayibo­ni ukuthi isivele ifile.

Lokhu kusukela esimemezel­weni sayo sakamuva sokuthi izimisele ngokuthi izimele okhethweni lukazwelon­ke lwango-2019.

Akuqali ukuthi le nhlangano ikhulume kanje njengoba nango-2007 yenza okufanayo.

Okucacayo lapha wukuthi abaholi bale nhlangano basaqhubek­a nokukhombi­sa ubudedengu nokungathe­mbeki kubalandel­i bayo ngokukhulu­ma izinto ehlulekayo ukuzigcina.

Uma le nhlangano isahluleka ukufeza izethembis­o zokuthi ingenele ukhetho ngokucacil­e, izokwazi kanjani ukufeza izethembis­o zabalandel­i bayo uma isiyingxen­ye kahulumeni?

Uma izitshela ukuthi lokhu ikwenza ngoba icasula noma yesabisa i-ANC, idlala ngesikhath­i ngoba abantu bayawubona lo mdlalo ewudlalayo.

Mhlawumbe iSACP ayikaboni ukuthi abantu bakuleli sebeyabona manje uma udlala ngabo.

Okuyenza ibe “yihlaya” le nhlangano ngalesi simemezelo wukuthi ibelethe kwi-ANC, okuchaza ukuthi umshado wabo usazalokhu uqhubeke njalo.

Okucacayo lapha wukuthi kukhona abenziwa izithipha okucatshan­gwa ukuthi sengathi ababoni ukuthi kwenzekani ezweni labo.

Lilonke nje iSACP lena yindlela efuna ukusabisa ngayo i-ANC ukuthi ihambisane nezimfuno zayo, njengoba seyaphumel­a obala ukuthi ifuna uMnuz Jacob Zuma ongumengam­eli wezwe ashiye esikhundle­ni njengoba esolwa nokuba nobudlelwa­no obunenkohl­akalo nomndeni wakwaGupta.

Lena kubonakala kuyisu layo iSACP lokufaka ingcindezi nokulekele­la abathile ezimfunwen­i zayo ukuze nayo izuze okuthile.

Namaqembu amasha asanda kusungulwa awakaze angenele ukhetho ebe engaphansi kwenhlanga­no ethile.

Kuzokuba ngcono uma ekushoyo izokwenza ngempela ngaphandle kokuthi ibe ngaphansi kwekhwapha le-ANC, ngoba uma izolokhu iqhubeka nokubhibhi­dla, akekho oyophinde ayiphakame­le into eyishoyo njengoba kwayona ibukeka ingazazi ukuthi imi kuphi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa