Ayiphumele obala iSACP, ihlukane nomacashelana
SEKUYACACA ukuthi sengathi iSACP idlala umdlalo wezingane umacashelana. Uma kungenjalo, ibukeka iphethe inyoka efile ehambe isabisa ngayo abathile abangayiboni ukuthi isivele ifile.
Lokhu kusukela esimemezelweni sayo sakamuva sokuthi izimisele ngokuthi izimele okhethweni lukazwelonke lwango-2019.
Akuqali ukuthi le nhlangano ikhulume kanje njengoba nango-2007 yenza okufanayo.
Okucacayo lapha wukuthi abaholi bale nhlangano basaqhubeka nokukhombisa ubudedengu nokungathembeki kubalandeli bayo ngokukhuluma izinto ehlulekayo ukuzigcina.
Uma le nhlangano isahluleka ukufeza izethembiso zokuthi ingenele ukhetho ngokucacile, izokwazi kanjani ukufeza izethembiso zabalandeli bayo uma isiyingxenye kahulumeni?
Uma izitshela ukuthi lokhu ikwenza ngoba icasula noma yesabisa i-ANC, idlala ngesikhathi ngoba abantu bayawubona lo mdlalo ewudlalayo.
Mhlawumbe iSACP ayikaboni ukuthi abantu bakuleli sebeyabona manje uma udlala ngabo.
Okuyenza ibe “yihlaya” le nhlangano ngalesi simemezelo wukuthi ibelethe kwi-ANC, okuchaza ukuthi umshado wabo usazalokhu uqhubeke njalo.
Okucacayo lapha wukuthi kukhona abenziwa izithipha okucatshangwa ukuthi sengathi ababoni ukuthi kwenzekani ezweni labo.
Lilonke nje iSACP lena yindlela efuna ukusabisa ngayo i-ANC ukuthi ihambisane nezimfuno zayo, njengoba seyaphumela obala ukuthi ifuna uMnuz Jacob Zuma ongumengameli wezwe ashiye esikhundleni njengoba esolwa nokuba nobudlelwano obunenkohlakalo nomndeni wakwaGupta.
Lena kubonakala kuyisu layo iSACP lokufaka ingcindezi nokulekelela abathile ezimfunweni zayo ukuze nayo izuze okuthile.
Namaqembu amasha asanda kusungulwa awakaze angenele ukhetho ebe engaphansi kwenhlangano ethile.
Kuzokuba ngcono uma ekushoyo izokwenza ngempela ngaphandle kokuthi ibe ngaphansi kwekhwapha le-ANC, ngoba uma izolokhu iqhubeka nokubhibhidla, akekho oyophinde ayiphakamele into eyishoyo njengoba kwayona ibukeka ingazazi ukuthi imi kuphi.