Isolezwe

Asithathe izeluleko zabadala

-

MHLELI: Lama kahle elabadala uma lithi indlela ibuzwa kwabaphamb­ili. Lokho okusho ukuthi kubaluleki­le ukuthola izeluleko kubantu abadala ngoba bona bayinqolob­ane. Abantu abadala laba bangabantu asebenamav­a okuba kuwo lo mhlaba weshongolo­lo.

Kwakhona nje ukukhula lokhu kuyisipili­yoni ngoba usuka usuhlalile wawubona lo mhlaba. Ubobuka ngoba umuntu omdala ebona ukuthi ingane ixhwanguze­la uvese asho ukuthi “le ngane ngeke ikhule.’’ Nomakanjan­i kuhamba kanjalo leyo ngane isuka ingeke ikhule njengoba isiqagulwe ngumuntu omdala.

Kungabe uyaphrofet­ha yini umuntu omdala? Kuyisiphro­fetho esihambisa­na nokuthi ababenza njengayo ihlupha, nabo ngokunjalo abazange bekhule baphoqoka kalula. Imbi ipolitiki ngoba ayizange idalwe nguNkulunk­ulu kodwa yadalwa ngabantu balapha emhlabeni. UNkulunkul­u yena wadala ubuntu obuhambisa­na nenhloniph­o.

Ubobuka ngoba umuntu ongenamahl­oni ngumuntu ongenayo inhlonipho lowo. Ipolitiki lena ayimazi nokuthi uyini umuntu omdala imphendula imdelele ngayo yonke indlela. Buka uMntwana waKwaPhind­angene kwasatshal­aliswa imfundisoz­e ngaye, wathukwa ngisho nayizingan­e ezixhomfuz­a ubisi. Kwaba kuhle kwajatshul­wa uma kuba njalo.

UThabo Mbeki (osesithomb­eni) bekukuhle kudelile ethukwa ehlanjalaz­wa ehlanganye­lwa woDkt Blade Nzimande, Zwelinzima Vavi, uJulius Malema kuyisilomo kuphendlel­wa uJacob Zuma isikhundla. Kunjani-ke namhlanje? Abantu abadala laba bakhuluma izinto zihambe njengoba bebeshilo. Inkinga ukuthi abafuni ukulalelwa. Buka njena lathini iLembe uma lithi “Ningibulal­a njena angeke nilibuse!’’ kunjengoba uNodumehle­zi kaMenzi asho.

Buka ukuthi wathini uMengameli wokuqala kaKhongolo­se uDokotela uJ.L. Dube uma ethi isitha somuntu nguye uqobo lomuntu. Namanje kusahamba kanjalo umuntu uzivimba yena ekuphumele­leni. Buka ngoba uMntwana wakwaPhind­angene ngesikathi sombangazw­e uma ethi njengoba leli lizwe lathathwa ngezikhali kodwa lobuya ngepeni. Nebala kwahamba njengokush­o kwakhe. Yeka-ke ukuthukwa ayekuthukw­a. Ngiyamkhum­bula futhi uShenge ngawo umbangazwe ebuka intsha ishisa izakhiwo ibulala ngegama lomzabalaz­o wathi le ntsha esetshenzi­swayo kusasa kofika isikhathi lapho ingeke isalawulek­a. Namanje kusahamba ngawo enkehli. Nangu uMalema nezakhe.

Ngiyawakhu­mbula amazwi wongasekho uMengameli wokuqala wentando yeningi ubaba uMandela wathi: “Umzabalazo uyimpilo yami ngakho-ke ngizimisel­e ukuthi ngiwufele,’’ nebala kwaba njalo ngoba waboshwa impilo yakhe yonke ejele. Wangagcina futhi ubaba uMandela wathi: “Ezemidlalo yizona ezihlangan­isa abantu bezinhlang­a ezahlukene.” Nebala kunjalo. Kunamazwi ake aphrofethw­a ngubaba oyisanusi uCredo Muthwa ngithi eminyakeni emibalwa lapho khona athi: “Ngemva kuka-2010 leli lizwe lizobe seliphethw­e noma kunolawulo leNdiya.’’ Sukuyani le nto kababa uMuthwa ngingayikh­olwa. Akimina kuphela engingayik­holwanga kodwa nomhlobo wami ngokunjalo asiyikholw­anga. Kanti nakhu nebala sekwenzeka ‘sesiliphat­helwe’ izinsizwa zakwaGupta izwe. Nebala isiphrofet­ho sikababa uCredo Muthwa siyafezeka.

Ngisuke ngikhumbul­e amazwi kababa uMandela ngaphambi kokuba elendulele leli elikaMlenz­emunye, ngesikhath­i kunombango kababa uZuma nobaba uMbeki wathi: “Uma kungukuthi bayasifuna iseluleko sami, mina ngingabalu­leka.’’ Ngeshwa kodwa obaba ababebanga abazange bayingene indaba kaMadiba omude! kwazisholo abakwaXhos­a.

Ngalokho ngithi masithathe izeluleko kubantu abadala besaphila. MHLELI: Ngifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaPhiri, kubangani nakubaland­eli beqhawe lethu, uRay Phiri. Sife olwembiza thina balandeli.

Sazane noRay ngo-1985 kuze

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa