Kutuswe i-UNIZULU ngolwama-ARV
SELUSHAYELWE ihlombe uhlelo lwesikhungo semfundo ephakeme i-University of Zululand (UNIZULU) enikeza abafundi nabasebenzi imishanguzo yokuthithibalisa igciwane lengculazi.
Lesi sikhungo sisanda kuveza ukuthi sesizoba nemishanguzo yokuthithibalisa igciwane lengculazi ama-antiretrovirals (ARVs) emitholampilo yaso eKwaDlangezwa naseRichards Bay.
Kukholakala ukuthi singesokuqala esifundazweni ukuba nohlelo oluzosiza abafundi nabasebenzi.
Esitatimendeni uNksz Samukelisiwe Zondi, ongumhlengikazi wase-UNIZULU, uthe banethemba lokuthi ukusiza ngemishanguzo kuzoba nomthelela omuhle kubafundi nabasebenzi besikhungo.
“Sijabule ukuthi sibe yinyuvesi yokuqala eKZN ukuba nohlelo olufana nalolu. Sizizwa sisenhlanhleni ngokusiza umphakathi wase-UNIZULU. Sinethemba lokuthi lokhu kuzogqugquzela abafundi nabasebenzi bethu ukuthi babe nomfutho ngoba manje sebezothola noma yimiphi imishanguzo abayidingayo emitholampilo yethu,” kusho uZondi.
Inhloko yoMnyango wezeMpilo ezikhungweni, uNksz Hlengiwe Mkhwanazi, ithe ukuphumelela kokulethwa kohlelo kungumphumela womsebenzi osekunesikhathi uqaliwe.
Ubonge abaphathi besikhungo, iziphathimandla zoMnyango wezeMpilo ngokusebenzisana kwabo ekutheni uhlelo lugcine lube yimpumelelo.
“Sisebenze kanzima sisebenzisana ukuqinisekisa ukuthi sisayina isivumelwano ukuze abantu bakithi bathole usizo abaludingayo ngaphandle kokuhamba ibanga elide,” kusho uNksz Mkhwanazi.
UMnuz Mzamo Zondi wenhlangano elwela amalungelo abaphila negciwane lengculazi, iTreatment Action Campaign KwaZulu-Natal, usitusile isinqumo esithathwe yisikhungo.
Uthe ukuhlinzekwa kwemishanguzo emitholampilo yesikhungo kukhombisa ukuzibophezela kwaso ekulweni nokusabalala kwegciwane lengculazi.
“Igciwane lengculazi aligcini ngokuphazamisa imindeni kuphela kodwa lithinta nomphakathi wonkana. Uma isikhungo semfundo ephakeme siqinisekisa ukuthi abafundi nabasebenzi bathola imishanguzo eduzane ngokuletha uhlelo olunje kusho ukuthi izikhungo zezemfundo nazo zibona zingaba yingxenye yesisombululo ekulweni nokusabalala kwegciwane lengculazi,” kusho uZondi.
Uthe banethemba lokuthi uhlelo luzosabalala luye nakwezinye izikhungo. Ukhale ngokuthi igciwane lengculazi ligcina liholele ekutheni iNingizimu Afrika ilahlekelwe abantu abasuke bezoba ngodokotela nabameli bakusasa.