Isolezwe

Ikhwelo ngembewu ye-strawberry

- PHILI MJOLI

ABACWANING­I bezolimo kusamele basungule imbewu yama-strawberry. Lokhu kushiwo yiphini likaNgqong­qoshe wezoLimo nokuDoba, uMnuz Bheki Cele, evakashele ipulazi okuyilona kuphela labantu abamnyama elitshala amastrawbe­rry ezingeni lokudayisa.

UCele lokhu ukusho ngemuva kokuthola ukuthi imbewu ye-strawberry etshalwa eCappeny Estate ithengwa emazweni aphesheya bese kuthi ingxenye yenzuzo ibuyiselwe khona ngoba yibona abangabani­kazi bembewu (royalties).

Ipulazi lasungulwa nguNkk Yoliswa Gumede nomyeni wakhe uXolani ngo-2013.

UCele uthe kuyishwa ukuthi abantu bakuleli kumele baze bayothenga imbewu pheshaya baphinde bakhokhele abakhiqize imbewu ingxenye yenzuzo yabo.

“Sinesikhun­go esicwaning­a siphinde sikhiqize imbewu yakuleli, i-Agricultur­al Research Council (ARC). Ngisanda kuvakashel­a kusona ngathola ukuthi bakhiziqa imbewu yamazamban­e ehlukene. Ngikholwa wukuthi lesi sikhungo singakwazi ukwenza okufanayo nakwistraw­berry,” kusho uCele.

UGumede uthe njengoba sekuphele iminyaka emithathu bekule ndima bayafisa ukusiza abanye abalimi abamnyama ukuze bangene kulo mkhakha bese bedayisa ngokuhlang­anyela.

“Kithina konke kube nzima ngoba bekungakaz­e kube nomuntu otshala ama-strawberry enyakatho yeTheku ngenhloso yokudayisa. Bekunenkol­elo yokuthi ngeke kuze kwenzeke ngoba bekungakaz­e kuhlolwe kubonakale ukuthi ayavuma yini. Thina sazitshela ukuthi njengoba izinhlobo esizitshal­ayo zivuma eCarlifoni­a nalapha zizovuma ngoba isimo sezulu sicishe sifane,” kusho uGumede.

Uthe ngenxa yalokhu kube nezikhinsi eziningi abangene kuzona abafisayo ukuthi basize abanye abalimi ukuze bangangeni kuzona.

UNkk Gumede uthe okuhle ngamastraw­berry wukuthi imakethe yawo ivulekile.

“Ugcina wehluleka ukukweneli­sa amakhasime­nde ngenxa yokuthi umhlaba esinawo muncane. Uma singathola abanye abantu sihlangani­se umkhiziqiz­o wethu ndawonye, uma siya ezimakethe siye siyimbumba, singakwazi ukuqhamuka nomkhiqizo omningi. Uma sesifuna ukudayisa kwamanye amazwe nakhona kungaba nesisindo kunokuthi kuqhamuke inkampani eyodwa futhi etshala emhlabeni omuncane,” kusho yena.

Njengamanj­e uNkk Gumede uthe batshale izinhlobo eziyisikho­mbisa zama-strawberry abazitshal­e emhlabeni ongamahekt­ha ayisishiya­galombili.

UCele uthe uzosicubun­gula isicelo sabakwaGum­ede sokuthi basebenzis­ane nomnyango ukuthuthuk­isa abanye abalimi.

“UMnyango uma uzofaka isandla ubheka ukuthi ngabe ipulazi likhiqiza ukudla yini, liwavulile yini amathuba omsebenzi nokuthi liyawuthut­hukisa yini umnotho. Lezi zinto ezintathu ziyenzeka kuleli pulazi kodwa sisazobhek­a ukuthi singaseben­zisana kanjani,” kusho ungqongqos­he.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa