Isolezwe

Usezakhele udumo ngezinkulu­mo ezakhayo

- KHULEKANI MASEKO

USEPHENDUK­E isilomo kubalaleli bohlelo lwasekusen­i iVuka Mzansi Breakfast Show oKhozini FM, uMfundisi Thomas Radebe (osesithomb­eni) ngezinkulu­mo zakhe ezigqugquz­elayo nezibuyisa ithemba azethula kulolu hlelo ngoMsombul­uko kuya kuLwesitha­thu.

URadebe, ophinde abe yiLife Coach, uthe ukugqugquz­ela abantu nokubanika ithemba ezinkingen­i ababhekene nazo akwenele kodwa kumele kuhambisan­e nemizamo yokubaleke­lela ukuze bagcine bengabantu abangcono ngomuso.

“Ngisebenzi­sana nabaxhasi abangileke­lela ezinhlelwe­ni zokusiza umphakathi odingayo ngingagcin­i nje ngokukhulu­ma emoyeni.

“Ukutshela umuntu ukuthi uzophuma enkingeni akwanele uma ungamcebis­i ngendlela yokuphuma. Kufanele sithi sigqugquze­la abantu, sibuye senze neminye imizamo yokubaleke­lela ukuze nangomuso sikhombe into ebonakalay­o esiyenzile ukushintsh­a impilo yabantu,” kusho uRadebe. URadebe ongaconsi phansi kubantu kulezi zinsuku usebuya okwesibili kulo msakazo njengoba eseke wenza umsebenzi ofanayo ngo2007 uhlelo lusasakazw­a nguDJ Sbu. Ungowokuda­buka eMatitiela kanti usezinze eDurban North lapho ehlala khona nomndeni wakhe. Ngaphandle kwezinkulu­mo ezakhayo uphinde abe nohlelo lapho eluleka khona abaholi aphinde avule nenkundla yokucobele­lana ngolwazi phakathi kwabo, olubizwa nge-Iron Sharpens Iron. “Sengihlang­ane nabaholi abaningi ababambe iqhaza elikhulu emphakathi­ni. Nabaholi bayadinga ukwelulekw­a ikakhulu ngoba esikhathin­i esiningi bahlale benengcind­ezi yokuba yisibuko somphakath­i,” kuchaza uRadebe. Esanyamele­le oKhozini ubeqhubeka nokwethula izinkulumo ezigqugquz­elayo kwiGagasi FM okuyinto ayenze iminyaka eyisithuph­a ohlelweni i-Alex And The Morning Crew . Ungumfundi­si webandla i- Ekhaya Christian Family eliseMlaza elinamalun­gu angaphezu kuka-200.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa