Abakwa-Uber bafuna kuvikelwe abashayeli babo
INKAMPANI ethutha abantu nge-App, i-Uber, izolo ithe icele umhlangano ophuthumayo noNgqongqoshe woMnyango wamaPhoyisa nowezokuThutha kuleli ukuthola isisombululo ngempi eqhubekayo phakathi kwabashayeli bayo nabama-metered taxi abazimele.
Lesi simemezelo silandele ukushona komshayeli wakwaUber ngoMsombuluko owashiswa wangqongqa emotweni yakhe ngenyanga edlule, ePitoli. Selokhu yafika i-Uber kuleli abashayeli bayo nabama-metered taxi babhekene ngeziqu zamehlo kubangwa abagibeli ikakhulukazi eGauteng.
Okhulumela i-Uber e-Afrika, uNkk Samantha Allenberg, uthe bayazi ngokusatshiswa kwabashayeli babo ngaseziteshini zeGautrain. Uthe sebeqashe abantu abazoqinisekisa ezokuphepha kubashayeli babo ngenxa yalokhu.
“Ukusebenzisa udlame nokusabisa abantu yinto esingahambisani nayo. Sesicele umhlangano ophuthumayo noNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Fikile Mbalula noNgqongoshe wezokuThutha uMnuz Joe Maswangayi ukuze sithole isixazululo ngalolu daba, sisalinde impendulo.
Ngenyanga edlule abashayeli bama-metered taxi, eGoli, babe nesiteleka abagcizelele kuso ukuthi bazoqhubeka balwe ne-Uber. Kuso lesi siteleka kwashiswa izimoto ezimbili zabashayeli bakwa-Uber, bekhona phakathi. Oyedwa wabashayeli ushone izolo.
Uthe i-Uber izoqhubeka iqinise ezokuphepha ohlangothini lwayo kodwa idinga usizo emaphoyiseni naseMnyangweni wezokuThutha.
“I-Uber ayiyona inkampani yezokuphepha, sidinga amaphoyisa nongqongqoshe ukuthi bangenelele ukuze kutholwe isisombululo maduze,” kusho uNkk Allenberg.
-ANA