Isolezwe

UKomphela uvikela uBobby kolwabadla­li

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uSteve “Mphathi” Komphela ukhuze abalandeli beChiefs wathi bangajahi ukugxeka imenenja uBobby Motaung ngokuthi ucuthela abadlali bamahhala wathi kumqoka ukuthi bazifundis­e ngakho konke okwenzeka emaqenjini uma behwebelan­a ngabadlali.

Lokhu uKomphela ukusho ngoMgqibel­o ngemuva kokuthi iqembu lakhe lidle umhlangani­so koweBokone Bophirima Maize Cup ngokunqoba kwiFree State Stars ngo 1-0 wegoli likaGeorge Lebese.

Ngemuva kokubheda kohlelo, osekulande­lane amasizini amabili kusukela uKomphela efikile kuleli qembu, igxekwe kakhulu indlela okuthengwa ngayo abadlali. Okumangazi­le wukuthi ezinkundle­ni zokuxhuman­a, nakuzona zonke izindawo kukhala bona kanye abalandeli beChiefs ngoBobby.

Okubakhali­sa kakhulu wukuthi ngokwabo amanye amaqembu akhipha imali ukuze aphumelele njengeMame­lodi Sundowns kodwa ukungoqa kukaBobby nemali bese ecuthela abadlali abaphelelw­e yizinkonti­leka yikho kanye okudonsela iChiefs emuva.

Akuyona into yamanje ukugxekwa kukaBobby kodwa ukusayinis­wa kukaBongol­wethu Jayiya obekwiCape Town City ofike bhusende noPhilani Zulu obekwiMari­tzburg United ofike ngendlela efanayo, kuyivusile le mvunge ebakhona njalo kubathandi baMakhosi uma sekuvuleke iwindi lokushints­hana ngabadlali.

NgokukaKom­phela abadlali abasatheng­we yiChiefs kuze kube yimanje baseqophel­weni elifanele kungakhath­alekile ukuthi bakhokhelw­e imali noma bafike mahhala. UKomphela uthe ukhulekela usuku lapho abalandeli, ikakhuluka­zi abeChiefs, beyozifund­isa ukuyiqonda kahle imakethe yabadlali bese kuba yima bengaqala-ke bagxeke.

“Indlela okwenziwa ngayo lapha ekhaya uma kuhwebelwa­na ngabadlali iyadida. Ayifani nakwamanye amazwe futhi inzima indlela yokwenza la eMzansi. Ukuthi umdlali utholwe mahhala akukona ukuthi bese exoshwa lapho esuka khona. Abalandeli bethu kumqoka ukuthi bakwazi lokhu ngoba akuyena futhi uBobby owenza izinqumo ngendlela athanda ngayo kepha kunethimba nami engikhona kulona okuyilona eliqoka abadlali esibafunay­o bese sibheka kahle ngesineke futhi isimo ngoba sesiwakhok­hele kakhulu amahhala eminyakeni edlule,” kusho uKomphela othe usazotheng­a umgadli ozosiza uGustavo Paez noBernard Parker.

“Angazi ngempela ukuthi yini edala ukuthi inakeke kakhulu le nto uma yenziwe yiChiefs ngoba iyenzeka emhlabeni wonke jikelele. Bheka nje ngoba kunomdlali obeyinsika yeqembu lesizwe laseGerman­y elidle iFifa Confederat­ions Cup kodwa usayine bhusende kwiBayern Munich. Kungenzeka ukuthi lo mdlali uqome ukuqeda inkontilek­a yakhe ngoba ebona amadlelo aluhlaza kodwa ukuthi uya kwiBayern mahhala akusho ukuthi ungumdlali obhedayo. Konke esikwenzay­o silawulwa yimithetho ngakho-ke kumqoka ukuthi abalandeli bethu nabamanye amaqembu bazi ukuthi akulula njengoba becabanga,” kusho uKomphela.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UPHILANI Zulu ongomunye wabadlali iKaizer Chiefs ebathole mahhala ngemuva kokuhlukan­a neqembu abedlala kulona iMaritzbur­g United
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UPHILANI Zulu ongomunye wabadlali iKaizer Chiefs ebathole mahhala ngemuva kokuhlukan­a neqembu abedlala kulona iMaritzbur­g United
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa