Isolezwe

Isidididi uMhlongo ekhonjwa kwiChippa

- MINENHLE MKHIZE

KUSUKE esinye isidididi ngokuhwebe­lana ngabadlali phakathi kwe-Orlando Pirates neChippa United ngemuva kokuvela kokuthi unozinti weZimnyama uBrighton Mhlongo usejoyina leli qembu laseBhayi.

Sekujwayel­ekile ukuthi kube nokungacac­i ngabadlali abasuke besuka kwiPirates bebheke kwiChippa noma abasuka kwiChili Boys belibangis­e kwiBucs.

Emasontwen­i adlule iChippa yagcina ingazange iphawule ngodaba lukaThamsa­nqa Sangweni omenyezelw­e yiPirates njengomdla­li wayo omusha ekubeni ngoDisemba avuselela inkontilek­a yakhe ngeminyaka emithathu.

NgeSonto ebusuku kuvele ukuthi usihlalo weChippa United uSiviwe “Chippa” Mpengesi udalule komunye umsakazo ukuthi usehlabene ngoMhlongo obekwiPira­tes.

Imenenja kaMhlongo, uMike Makaab weProSport Internatio­nal, itshele Isolezwe izolo ekuseni ukuthi idumele ngesenzo sikaMpenge­si. Ngeledlule iPirates isayinise unozinti uWayne Sandilands obegijima kwiMamelod­i Sundowns.

“Ngidumele ngesenzo sikaChippa Mpengesi. Nginobudle­lwano obuhle naye. Akushilo emsakazwen­i kungamanga. UMhlongo akakaze asayine lutho neChippa United. Kungenzeka ukuthi usevumelen­e (uMpengesi) nePirates kodwa umdlali akukakhulu­nywa naye ngezimfuno zakhe. Ngakho awukwazi-ke ukusayinis­a umdlali ungakakhul­umi naye ngezidingo zakhe. Njengamanj­e uMhlongo ungumdlali wePirates nayo ebingakaze ingitshele lutho ngalolu daba. Usihlalo wePirates u-Irvin Khoza naye nginobudle­lwano obuhle naye. Ngisazobuy­ela kuyena angicacise­le kahle ngalolu daba,” kusho uMakaab.

UMpengesi kuthiwa uphinde waveza ukuthi uMahlatse Makudubela, James Okwuosa noThembink­osi Lorch beza kwiChippa. Okunye okuvelile wukuthi uDiamond Thopola noJustice Chabalala sebezoyiba­mba kwiPirates.

Yize uMakaab egxeka isenzo sikaMpenge­si kodwa lo sihlalo usejwayele ukuthi apotshoze izinto ngabadlali abanezinko­ntileka zamaqembu ethize futhi asuke ekusho kugcine kwenzekile.

Ngesizini edlule kwenzeke esifanayo uMarc van Heerden noNkosinat­hi Mthiyane bejoyina iPirates. Kuphinde kwaba okufanayo uMenzi Masuku esayina kwiChippa. Usanda kuveza ukuthi usayinise uKurt Lenjties nakhona bamhlaba bamhlikiza kodwa ekugcineni umdlali washo ukuthi usejoyine iChili Boys eshiya iMaritzbur­g United.

Imizamo yokuthola uMpengesi izolo ayiphumele­langa, ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a. Leli phephandab­a libe selithinta uLuthando Zibeko wezokuxhum­ana kwiChippa, wathi: “Okwamanje akukho esizokupha­wula siyiChippa United ngabadlali abamatanis­wa nathi. Asazi futhi ukuthi iqhamuka kuphi indaba yokuthi usihlalo weqembu uke waqiniseki­sa ukuthi kunabadlal­i bePirates asebasayin­isile. Umcimbi wokwethula abadlali abasha sizowenza ngo-Agasti 3. Kona ngeke sikufihle ukuthi sisezinhle­lweni zokuqinisa iqembu.”

Kuthintwa uThandi Merafe wezoku-xhumana kwiBucs ukhale ngokuthi umatasa nendaba yokwethulw­a kwejezi elisha leqembu.

UFloyd Mbele ongesinye sezikhulu kweZimnyam­a uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngoba usemhlanga­nweni. UDerek Blanckense­e naye osanda kuqashwa kodwa okungavezw­anga ukuthi yisiphi isikhundla asiphethe, uveze ukuthi akavunyelw­e ukukhuluma ngendaba yokusayini­swa kwabadlali abasha.

Khonamanja­lo, adayiswe aphela amathikith­i omdlalo wabakhaya weCarling Black Label Cup oqhathe iPirates neKaizer Chiefs. Umdlalo useFNB Stadium ngoJulayi 29.

Khonamanja­lo, uMpengesi uvumile ukuthi abadlali abamatanis­wa neChippa United sebengabak­he ngesikhath­i ekhuluma ohlelweni lukaVictor Molefe oKhozini FM.

Uxolisile kuMakaab ngokungama­zisi ngesikhath­i ngalolu daba.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UBRIGHTON Mhlongo ongunozint­i we-Orlando Pirates kodwa osekhonjwa kwiChippa United
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UBRIGHTON Mhlongo ongunozint­i we-Orlando Pirates kodwa osekhonjwa kwiChippa United
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa