UKomphela uvikela uBobby kolwabadlali
UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uSteve “Mphathi” Komphela ukhuze abalandeli beChiefs wathi bangajahi ukugxeka imenenja uBobby Motaung ngokuthi ucuthela abadlali bamahhala wathi kumqoka ukuthi bazifundise ngakho konke okwenzeka emaqenjini uma behwebelana ngabadlali.
Lokhu uKomphela ukusho ngoMgqibelo ngemuva kokuthi iqembu lakhe lidle umhlanganiso koweBokone Bophirima Maize Cup ngokunqoba kwiFree State Stars ngo 1-0 wegoli likaGeorge Lebese.
Ngemuva kokubheda kohlelo, osekulandelane amasizini amabili kusukela uKomphela efikile kuleli qembu, igxekwe kakhulu indlela okuthengwa ngayo abadlali. Okumangazile wukuthi ezinkundleni zokuxhumana, nakuzona zonke izindawo kukhala bona kanye abalandeli beChiefs ngoBobby.
Okubakhalisa kakhulu wukuthi ngokwabo amanye amaqembu akhipha imali ukuze aphumelele njengeMamelodi Sundowns kodwa ukungoqa kukaBobby nemali bese ecuthela abadlali abaphelelwe yizinkontileka yikho kanye okudonsela iChiefs emuva.
Akuyona into yamanje ukugxekwa kukaBobby kodwa ukusayiniswa kukaBongolwethu Jayiya obekwiCape Town City ofike bhusende noPhilani Zulu obekwiMaritzburg United ofike ngendlela efanayo, kuyivusile le mvunge ebakhona njalo kubathandi baMakhosi uma sekuvuleke iwindi lokushintshana ngabadlali.
NgokukaKomphela abadlali abasathengwe yiChiefs kuze kube yimanje baseqophelweni elifanele kungakhathalekile ukuthi bakhokhelwe imali noma bafike mahhala. UKomphela uthe ukhulekela usuku lapho abalandeli, ikakhulukazi abeChiefs, beyozifundisa ukuyiqonda kahle imakethe yabadlali bese kuba yima bengaqala-ke bagxeke.
“Indlela okwenziwa ngayo lapha ekhaya uma kuhwebelwana ngabadlali iyadida. Ayifani nakwamanye amazwe futhi inzima indlela yokwenza la eMzansi. Ukuthi umdlali utholwe mahhala akukona ukuthi bese exoshwa lapho esuka khona. Abalandeli bethu kumqoka ukuthi bakwazi lokhu ngoba akuyena futhi uBobby owenza izinqumo ngendlela athanda ngayo kepha kunethimba nami engikhona kulona okuyilona eliqoka abadlali esibafunayo bese sibheka kahle ngesineke futhi isimo ngoba sesiwakhokhele kakhulu amahhala eminyakeni edlule,” kusho uKomphela othe usazothenga umgadli ozosiza uGustavo Paez noBernard Parker.
“Angazi ngempela ukuthi yini edala ukuthi inakeke kakhulu le nto uma yenziwe yiChiefs ngoba iyenzeka emhlabeni wonke jikelele. Bheka nje ngoba kunomdlali obeyinsika yeqembu lesizwe laseGermany elidle iFifa Confederations Cup kodwa usayine bhusende kwiBayern Munich. Kungenzeka ukuthi lo mdlali uqome ukuqeda inkontileka yakhe ngoba ebona amadlelo aluhlaza kodwa ukuthi uya kwiBayern mahhala akusho ukuthi ungumdlali obhedayo. Konke esikwenzayo silawulwa yimithetho ngakho-ke kumqoka ukuthi abalandeli bethu nabamanye amaqembu bazi ukuthi akulula njengoba becabanga,” kusho uKomphela.